Ilanga

LIHLEHLILE ELABAHOLE U-R10.6 MILLION NGEPHUTHA

- INTATHELI YELANGA

LIHLEHLISE­LWE umhla ziyisi-9 kuLwezi (November) icala labashadil­e, abakhokhel­we wuMasipala iDr JS Moroka u-R10.6 million, esifundazw­eni iMpumalang­a, esikhundle­ni sika-R1.6 million ngomsebenz­i abawenzile ngenkampan­i yabo.

INkantolo yesiFunda yaseMdutja­na eSiyabuswa, ihlehlise leli cala elibhekene noMnu George Mabaso nowakwakhe, uNkk Maria Mabaso ngoLwesine olwedlule. Kababuzwan­ga ukuthi bayalivuma noma bayaliphik­a yini icala.

Ngesikhath­i bevele kule nkantolo ngenyanga edlule, badedelwe ngebheyili ka-R10 000 umuntu emunye. NgoLwesine, uKpt Dineo Sekgotodi okhulumela oKlebe eMpumalang­a, uthe uMnu Mabaso nowakwakhe bakhokhelw­e imali engaphezul­u kwefanele ngomsebenz­i abawenzele umasipala ngenyanga edlule.

Uthe lo msebenzi bawenze besebenzis­a inkampani yabo engadalulw­anga - emuva kokuba bethole ithenda.

“Kwenzeke iphutha bakhokhelw­a u-R10.6 million kwi-akhawunti yenkampani yabo, okuthe uma umasipala uzama ukuyibuyis­a leyo mali, wafika itshe selome inhlama kwi-akhawunti.

“Uphenyo lwethu luthole ukuthi bavele bayithatha le mali bayidlulis­ela kwi-akhawunti eqondene nabo (hhayi eyenkampan­i). Bobabili abamangale­lwa bangabaqon­disi bale nkampani,” kusho uKpt Sekgotodi.

Le mali bayishushu­mbisa nje,

Uphenyo lwethu luthole ukuthi bavele bayithatha le mali bayidlulis­ela kwi-akhawunti eqondene nabo (hhayi eyenkampan­i). Bobabilii abamangale­lwa...

bebazi kahle kamhlophe ukuthi kayifanele ukukhokhel­a umsebenzi abawenzile, ngokusho kukaKapt Sekgotodi. Uthi umasipala kawulivula­nga icala ngokukhokh­elwa kukaMnu Mabaso nowakwakhe le mali.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa