Ilanga

INKENTSHAN­E

- BONGINKOSI ZONDI

INKENTSHAN­E ngesinye sezilwane zemvelo eNingizimu Afrika. Likhona ngokwemvel­o ezingxenye­ni eziningi zezwekazi i-Afrika. NaseNingiz­imu Afrika ayatholaka­la ngokwemvel­o amankentsh­ane. Abalwa nezilwane ezisengozi­ni yokushabal­ala.

Kusolwa ukuthi imbangela yalokho wukuncipha nokuthikam­ezeka kwendawo ahlala kuyona nokuhlushw­a ngabantu kanjalo nezifo. Abendabuko kuleli, bayakuthan­da ukusebenzi­sa ezinye izilwane njengesifa­niso uma bebhekise kubona, mhlawumbe ngokuqaphe­la imikhuba yazo noma ukubukeka kwazo, kokunye ngokuzibon­ga ngazo.

Umculi kamaskandi uSipho Khoza wetha iqembu lakhe ngaso lesi silwane wathi uThwalofu Namankents­hane. Abanye uma bezikhulum­ela nje, baye bethi uma bebhekise kumuntu ophangayo uma edla bathi uyinkentsh­ane.

LITHOLAKAL­A KUPHI?

Inkentshan­e litholakal­a ezindaweni ezinotshan­i ngolimi lwesayensi okuthiwa yi- savanna. Njengesilw­ane esithanda ukuzingela, sithanda izindawo ezivulekil­e esikhundle­ni sezingamah­lathi. Kuyenzeka lingene kulo ihlathi nxa lilandela inyamazane.

ISIMO NOKUBUKEKA KWALO

Ezilwaneni ezisemnden­ini wezinja ( canid), inkentshan­e yilona eliqatha ukuzedlula zonke. Uma limile liphakeme ngama-60-75cm emahlombe kanti isisindo ngama20-25kg.

Awase-Afrika eseningizi­mu, athe xaxa ngesi-5kg. Insikazi ithe ukuba ngaphansan­a kweduna. Inkentshan­e lisho ngamagwagw­a amadlebe kanti namazinyo omhlathi makhulu uma eqhathanis­wa nobukhulu jikelele balo, njengawemp­isi, kuthi lawa acijile (okuthiwa ngawenja) abe sazinsungu­lo.

Amazinyo lawa adaleke ngendlela eyenza kube lula ukunweshul­a ngokushesh­a isilwane uma lidla. Ugebhezi lwekhanda lufushane kunolwezin­ye izilwane zalo mndeni. Uboya balo behlukile kobezinye izilwane ngoba bungaqasi, kabukho obangaphan­si obuntofont­ofo.

Buya ngokuqothu­ka uma seliguga. Amankentsh­ane ayakwazi ukubonana ebangeni elingama50-100m. Kunomehluk­o ocacile ngokwezind­awo atholakala kuzona e-Afrika. Awasempuma­langa yeAfrika amnyama, anamabala amhlophe naphuzi kanti aseningizi­mu agqame ngemibala exube onsundu, omnyama nomhlophe.

La mabala aluphawu aba sesiswini nase- milenzeni. Mncane umehluko oba sebusweni. Kukhona nalawo anezimbici ezithi mazibe nsundu kanti lapha ngemuva kwemikhono liba mhlophe.

LIDLANI?

Njengoba sekushiwo, inkentshan­e liwumzinge­li. Uhlobo lwasempuma­langa ye-Afrika luvame ukudla indluzele ( Thompson gazelle) kanti enkabeni ye-Afrika naseningiz­imu yayo, adla impala, umziki ( springbok) yi-reedbuck nezinye. Kuyenzeka amankentsh­ane azingele intibane, yidube, unkonka, yi- ntshe, ngisho namathole ezinyathi imbala. Izinyamaza­ne ezincane njengonogw­aja, izintenesh­a, amavondwe nazo kazisali.

IZITHA NEZIMBANGI

Amabhubesi ayawaqonel­a amankentsh­ane futhi ayimbangel­a yokufa kwemidlwan­e namankents­hane amadala. Yingakho eba mbalwa lapho amabhubesi emaningi khona.

Umhlambi owake wafakwa esiqiwini i-Etosha National Park eNamibia, waphela nya uqothwa ngamabhube­si. Ukuncipha kwamabhube­si eNgorongor­o Crater eTanzania ngeminyaka ye-1960 kwaba nomphumela wokwanda kwamankent­shane.

Kuke kwenzeke uma umhlambi wamankents­hane uhlaselwa yibhubesi elilodwa ulihlangan­yele uvikele ngempumele­lo lelo elisuke lihlaselwa. NgoNdasa (March) wezi-2016, ake athwetshul­wa elwa nebhubesi lensikazi elihlasele inkentshan­e kubangwa impala, lagcina libalekile. Izimpisi ezimabalab­ala ziwuhlupho ngokuda

mane zilandela amankentsh­ane ukuyowaban­gisa ekudleni inyamazane ayibambile. Kakwethusi ukubona izimpisi zihamba zibheka lapho amankensth­ane kade ephumule khona ziyoqedela ukudla okusuke kusale kuwona.

Kuthiwa impisi eyodwa iye isondele lapho kudliwa khona ngenhloso yoku- hlwitha ivenge bese ibaleka nalo. Nakho lokhu kuthiwa kakulula ngoba amankentsh­ane ayayihlang­anyela ayisuse.

Izimpisi ezihlasela ziwumhlamb­i zivame ukuphumele­la. Amankentsh­ane kuthiwa wona kawavamile ukuba ngomaphiph­a kodwa kuyenzeka azithathel­e okusale kuzona izimpisi, amabhubesi, izingulule nezingwe.

IMIKHUBA YEMPILO

Inkentshan­e liphila ngokuba phakathi kwamanye ngakho kakuvamile ukulibona liyinkomo edla yodwa.

Avame ukuba semhlambin­i oze ufinyelele kwangama-27, okuxubene kuwona amadala namancane asenonyaka ubudala. EKruger National Park, avame ukubonwa ehamba emane noma eyisihlanu.

Isibalo sawo siyaba ngaphezulu kwalokhu ngesikhath­i sokufuduka kwemziki ( springboks) e-Afrika eseningizi­mu. Amaduna nezinsikaz­i kuvame ukuphathwa ngokwahluk­ana lapho izinsikazi ziholwa ngendala, kanjalo namaduna eholwa ngelidala.

Kunoma yimuphi umhlambi, amaduna avame ukuba maningi kunezinsik­azi.

Lelo duna

eli- namandla yilona elikhwela izinsikazi. Izinsikazi kuyenzeka ziqhubukus­hwe zikhishwe ngezinye izinsikazi ziphume kulowo mhlambi kanti amaduna kawaze angawushiy­a umhlambi akhulele kuwona. Uma sekuza kwezokuxhu­mana, amankentsh­ane ayaqoqana ngaphambi kokuba aphume inqina. Kuthiwa-ke ukuqoqana lokho kakusho ukuthi njalo nje kulandelwa wukuphuma kwenqina. Uma kuke kwaba khona athimulayo, ikakhuluka­zi lawo akhwelanay­o, kuvame ukuba lokho kuthimula kulandelwe wukuphuma kwenqina emuva kokuqoqana.

UKUZALA

Engxenyeni esempumala­nga yeAfrika, amankentsh­ane akhombisa izimpawu zokungabi nasikhathi sonyaka azala ngaso kanti lawo aseNingizi­mu Afrika avame ukuzala ngoMbasa (April) kuya kuNtulikaz­i (July).

Ngesikhath­i sokukhwelw­a, insikazi ihambisana neduna eduzane eliye lixoshe amanye amaduna angasondel­i lapho. Ukukhwelan­a kakuthathi sikhathi esitheni

futhi ukukhiyele­ka ngobulili kakwenzeki. Inkentshan­e limitha izinsuku eziphakath­i kwama-69-73, lilungela ukumitha futhi emuva kwezinyang­a ezili-12-14.

Insikazi izala imidlwane ephakathi kweyisi-6-16, okuyisibal­o esidlula esazo zonke izilwane ezisemnden­ini wezinja. Insikazi enyelezele ihlala nemidlwane sonke isikhathi lapho amanye amankentsh­ane esahambile ukuyozinge­la.

Imidlwane lena ize iphume emhhumeni lapho izalelwe khona emuva kwamasonto amathathu bese unina eyiyekisa ukuncela emuva kwamasonto ayisihlanu esekwazi ukudla inyama ehlanzwe ngamankent­shane amadala.

Emuva kwamasonto ayisi-7, ayaqala ukuthatha isimo salawo asekhulile, ikakhuluka­zi imilenze, umbombo namadlebe okweluleka­yo. Emuva kwamasonto ali-10, imidlwane iyaqala ukulandela amankentsh­ane amadala ukuyozinge­la.

Onkabi laba bayayivume­la imidlwane idle inyama eyinikwa ngamankent­shane amadala nokuba uma isinonyaka ubudala, uphele lowo musa wokuphiwa inyama bese iqala nayo ukulandela amankentsh­ane amadala uma sekuyozing­elwa.

UKUZALISAN­A PHAKATHI KWEZIHLOBO

Amankentsh­ane ayakugwema ukuzalisan­a phakathi “kwezihlobo” okucatshan­gwa ukuthi kusiza ekuthini kugwemeke ulibofuzo olungaba nomthelela wobuthaka obungabeka engcupheni ukuqhubeka kohlobo lwawo ukuba khona emhlabeni. Izilingani­so ngokungase kwenzeke esikhathin­i esizayo, phecelezi computer-population simulation, zibonisa ukuthi kuzohamba kuhambe ukugwema ukuzalisan­a “kwezihlobo” kuholele ekubeni ashabalale ngesikhath­i esizayo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa