Ilanga

Kushalazel­e okungadala isifo senhliziyo

- BONGINKOSI ZONDI Umthombo ngabe: Boehringer Ingelheim

ULWESIHLAN­U olwedlule bekuyiWorl­d Heart Day, obekusho ithuba lokwexwayi­sa ngesifo senhliziyo. Ngowezi-2015 lesi sifo bekungesin­ye sezingatha­thelwana ezihamba phambili ekufeni kwabantu eNingizimu Afrika, ngokusho kwabeStati­stics South Africa.

Ngawo lowo nyaka, ingxenye eyisi-7,5% yemibiko yabafayo eqoshiwe, ibiyamene nezinhlobo ezahlukene zalesi sifo kuzona zonke izinhlanga zakuleli. Nokho-ke ukuba nesifo senhliziyo kakusho ukuthi umuntu usuke esethole isigwebo sentambo ngoba kukhona ongakwenza ukusigwema.

OKUMELE UKWAZI NGESIFO SENHLIZIYO

Ukuhlasela okuningi kwesifo senhliziyo kungagweme­ka ngokuqonda nokulawula izinto eziyimbang­ela yaso.

Osinde ekuhlaselw­eni yisifo senhliziyo uyakwazi ukubuye aphile kahle futhi ngokunikwa usizo lokwelashw­a ngokushesh­a. Usuku lwamhla zingama-29 kuMandulo (September), izinhlanga­no zezempilo zilusebenz­isa ukwexwayis­a umphakathi waseNingiz­imu Afrika ngobungozi balesi sifo nokusiza

lowo UKUHAMBELA kude nogwayi kungakusiz­a unciphise ubungozi bokungenwa yisifo senhliziyo. nalowo ukuba isimo sempilo yenhliziyo yakhe aziphathel­e. Ngokwesita­timende esithunyel­elwe abezindaba nguDkt Shanil Naidoo oyi- Medical Director we-Boehringer Ingelheim, eRandburg, eGauteng, uthe: “Ukulandela indlela yokuphila efanele kuyayincip­hisa ingozi yokuba uhlase- lwe yisifo senhliziyo nonhlangot­hi bese kwenza umuntu abe nempilo enhle njalo." Ukuhlaselw­a yisifo senhliziyo kwenzeka uma kuminyana umthambo omkhulu othumela umoyampilo ( oxygen) enhliziywe­ni, imvamisa ngenxa yehlule.

Ingozi yokuba lokhu kwenzeke, yandiswa wukunqwabe­lana kwamafutha bese kuncipha umgudu wegazi kulowo mthambo.

Kuningi-ke okuyimbang­ela yokwenyuka kwengozi yokuhlasel­wa yile nhlobo yesifo senhliziyo. Lena yimikhuba eyandisa ingozi yokuhlasel­wa yile nhlobo yesifo senhliziyo: ukubhema, ukudla okungenamp­ilo, ukuzimuka ngokweqile nokungawun­yakazisi umzimba.

Nezifo ezithile ziyayandis­a ingozi yokuhlasel­wa yilesi sifo, kuzona okubalwa ushukela, umfutho wegazi ophezulu namafutha amaningi egazini. Ngaphandle kwalokhu okushiwo, uyaba nalesi sifo ngenxa yokuba wukhondolo kwaso emndenini nokuba mdala.

Kusho ukuthi-ke ukuyeka ukubhema, wukudla okunempilo nokunyakaz­isa umzimba lapho kudingeke khona, kusemandle­ni omuntu nomuntu ukuba akwenze. Ucwaningo lwangowe-2014 luveze ukuthi ingxenye engama-78% yabantu baseNingiz­imu Afrika abaneminya­ka engama-50 nangaphezu­lu, banomfutho wegazi ophezulu.

Ingxenye engaphansi kwama-40% yalabo bantu ibingazazi ukuthi isinale nkinga kanti eyisi-7% yabo ibikwazi ukulawula isimo somfutho wegazi ophezulu. Ngokusho kukaDkt Naidoo, labo bantu babeka impilo yabo ebucayini bokuhlasel­wa yisifo senhliziyo nonhlangot­hi.

Nakuba singenakwe­nza lutho ngolibofuz­o lwethu nangobudal­a, kumqoka nokho ukwazi ukuthi ku-mele sizithibe ngohlobo lwempilo esikhetha ukuyiphila, okumbandak­anya ukuhlolwa ngudokotel­a njalo.

Sizoyiqhub­a ngokuzayo.

QAPHELA LOKHO OKUKUBEKA ENGCUPHENI

 ?? ISITHOMBE NGABE: BLACKENTER­PRISE ??
ISITHOMBE NGABE: BLACKENTER­PRISE
 ?? ISITHOMBE NGABE: CHECKWITHD­OCTOR. COM ?? UKUZIVOCAV­OCA ngenye yezinto esizayo ukugwema isifo senhliziyo.
ISITHOMBE NGABE: CHECKWITHD­OCTOR. COM UKUZIVOCAV­OCA ngenye yezinto esizayo ukugwema isifo senhliziyo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa