Ubonga uBuselaphi ngokumkhulumela noBhaka ukuze aziwe emculweni
AKUSANDILE emculweni kamasikandi ukuba umculi athandwe noma kugxilwe kuyena ekubeni engekho empini yokuchukuluzana nabanye, kodwa uKhayelihle “Malahle” Sibiya (33), waseHlabathini, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, okwakhe kuyamangalisa njengoba ethakaselwa emicimbini ehlanganisa omasikandi.
Le nsizwa izakhele igama ngengoma yayo ethi “Umhlaba wonke uMashu udume kabi” obekungenzeki ukuba iphume esiteji ingaceliwe impinda. Emicimbini esengiyihambile yomasikandi, kakukaze kwenzeke angayishukumisi inkundla yize engumculi osalunguzisa ikhanda esigabeni sezinkunzi. ILANGA likuxoxela kancane ngomlando kaMalahle. Le nsizwa uma izihasha izisho kanje:
“Lamemeza ithole likaMaMpanza kwaSibiya, KwaLindizwe, eNkandla eMangidini. Yimi umzibazisi wezintombi eziyocimela, Ucilo uzishaya endukwini avela amacebo. Qhu zasha uma umuntu engayithola Engalala nobuthongo. Ubhakada kamshumayeli Ungalo ezinde ezifuze ezikadadewabo uZinhle endele kwaNtetha. Ubhobhoza kamalubhobhoza kabhobhoza, Bhobhoza bhobhozile, Vele ubhobhoza kanjalo uma usuxov 'izwe. Isigubhu sewayini simagumbe simankunsela. Mhla saqhuma siyozizwa izindaba.
Inkungu nomoya, amathe nolimi, Amafu nemvula, isidumbu ethuneni, Mazikhalisa mthakathi,
Indlabeyiphika impahla yohlanya."
UMalahle uthi kunentombi abeyeshela ngakubo kanti langa limbe izoqhamuka ihamba nezinye ziyocimela, wazilibazisa kwadingeka ziqhamuke necebo kwezinye lokuthi bezibambekephi. Uthi ubengalala nobuthongo uma eyitholile le ntombi ngendlela abeyithanda ngayo.
Utshele leli phephandaba ukuthi kunomuntu wesifazane wangakubo othanda kakhulu izindaba, yingakho ethi ubhobhoza kabhobhozile ngoba uyathanda ukuxabanisa. Kokunye ubezidlalela ngamagama ehlobisa izihasho. Uqede umatikuletsheni ngonyaka wezi-2004 eNqabane High School kanti ngesikhathi efunda uGrade 8, yilapho lungene lwagxila kuyena uthando lomculo.
Uthi ngenxa yokuthi bese libonakele ikhono lakhe, esikoleni bacele ukuba ahole iqembu lesicathamiya waphinda wagqama kakhulu engomeni yasemakhaya. “Cabanga ngoba nginikezwe iqembu ekubeni kukhona obecula phambili, kusiqhathile lokho wagcina ngokudikila lahlukana phakathi iqembu abanye befuna ukuholwa yimina.
"Kuthe uma sengiphothule umatikuletsheni ngaya eThekwini ngiyobheka amatoho, ngafika ngahlala ehostela KwaMashu kanti nakhona kugidwa yona ingoma.
"Kangizibambezelanga, ngivele ngajoyina ifolo lengoma - inkabi yangena ejokeni,” kusho uMalahle.
Uthi ehostela ubegidela iqembu ebelibizwa ngaMabhubesi wafike wacula nakhona kanti laba agida nabo bazolithanda iphimbo lakhe.
Utshele ILANGA ukuthi enye yezingoma ayibhalile yavunyiswa ehostela, igcine isisabalala emahostela amaningi eThekwini kwaze kwaba khona abamgqugquzelayo ukuba ayiqophe. Uthi ebuncaneni bakhe ubengakaze azicabange engumculi ngoba abekho abebeseduze kwakhe kwezomculo.
Ubonga kakhulu abamnike ugqozi. “Ngonyaka wezi-2012 ngiyenzile i- demo enezingoma ezintathu ngayilalela, kwasho ukuthi kayikho inkampani yomculo ezongisiza.
"Ngiyithathile ngayizwisa izinsizwa zasemahostela zathi muhle umsebenzi engiwenzile. UMnu Robert Nkosi onesitudiyo sokuqopha eThekwini, nguyena onikele ngesitudiyo sakhe wathi mangivele ngiyiqophe i-albhamu enezingoma ezili-12, ngeke angikhokhise nendibilishi kwazise ubesezwile ukuthi likhona ikhono nakuba ingavelelanga leyo albhamu,” kusho yena.
Ngonyaka wezi-2014 ukhiphe i-albhamu ethi “Siyayigila Imikhuba” okuyiyona emthathe yambeka phezulu kwaze kwaphela iminyaka emibili engakhiphi. Uthi nakuba ibishisa i-albhamu yakhe, kodwa ubengakalitholi ithuba lokukhangisa ngomculo wakhe kubantu ngoba ubevaleleka emicimbini yesintu uma engqongqoza.
Utshele ILANGA ukuthi usizwe nguBuselaphi Gxowa odume kakhulu eqenjini iMithente, omcelele kuZamokwakhe “Bhaka” Nzama ukuba amnikeze ithuba lokuzibonakalisa (uMalahle) emgwaqweni okusebenzela kuyona uBhaka uma edayisa imbiza yakhe. “Bese kunesikhathi eside ngicela kuBhaka kungangeneki kwaba nguBuselaphi ongenelelayo.
"Ngiyambonga kakhulu lo mama ngoba kwayona le albhamu ingene ezitolo zomculo ngosizo lwakhe, ikakhulukazi eGoli, wanginika ilebuli yenkampani yakhe,” kusho uMalahle.
Kuwona lo nyaka, ubuye ngealbhamu ethi "Imikhuba YaseYadini” nayo edla amagalani kubathandi bomculo kamasikandi.
Le nsizwa ikhala kakhulu ngezingqinamba ezisemculweni njengoba ithi kudingeka ukuba unikele ngegazi lakho isikhathi eside uvolontiya ekubeni abantu bekuthanda.
Ithi kwesinye isikhathi ibiya emcimbini inganikezwa ithuba, abaphathi bohlelo bafake abangani babo ngaphambi kwayo bese ijikiswa yona itshelwe ukuthi kasisekho isikhathi.
“Okubuhlungu emculweni wukuthi abantu bayasithanda kodwa kwesinye isikhathi kuqashwa abantu abangathakaselwa kakhulu ukwedlula thina,” kusho uMalahle.
Uthi usezinhlelweni zokushutha i-DVD ukuze akhombise abalandeli bakhe ikhono lakhe nezinsizwa abambisene nazo. G