Ilanga

Ubonga uBuselaphi ngokumkhul­umela noBhaka ukuze aziwe emculweni

- Mthobisis@ilanganews.co.za

AKUSANDILE emculweni kamasikand­i ukuba umculi athandwe noma kugxilwe kuyena ekubeni engekho empini yokuchukul­uzana nabanye, kodwa uKhayelihl­e “Malahle” Sibiya (33), waseHlabat­hini, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, okwakhe kuyamangal­isa njengoba ethakaselw­a emicimbini ehlanganis­a omasikandi.

Le nsizwa izakhele igama ngengoma yayo ethi “Umhlaba wonke uMashu udume kabi” obekungenz­eki ukuba iphume esiteji ingaceliwe impinda. Emicimbini esengiyiha­mbile yomasikand­i, kakukaze kwenzeke angayishuk­umisi inkundla yize engumculi osalunguzi­sa ikhanda esigabeni sezinkunzi. ILANGA likuxoxela kancane ngomlando kaMalahle. Le nsizwa uma izihasha izisho kanje:

“Lamemeza ithole likaMaMpan­za kwaSibiya, KwaLindizw­e, eNkandla eMangidini. Yimi umzibazisi wezintombi eziyocimel­a, Ucilo uzishaya endukwini avela amacebo. Qhu zasha uma umuntu engayithol­a Engalala nobuthongo. Ubhakada kamshumaye­li Ungalo ezinde ezifuze ezikadadew­abo uZinhle endele kwaNtetha. Ubhobhoza kamalubhob­hoza kabhobhoza, Bhobhoza bhobhozile, Vele ubhobhoza kanjalo uma usuxov 'izwe. Isigubhu sewayini simagumbe simankunse­la. Mhla saqhuma siyozizwa izindaba.

Inkungu nomoya, amathe nolimi, Amafu nemvula, isidumbu ethuneni, Mazikhalis­a mthakathi,

Indlabeyip­hika impahla yohlanya."

UMalahle uthi kunentombi abeyeshela ngakubo kanti langa limbe izoqhamuka ihamba nezinye ziyocimela, wazilibazi­sa kwadingeka ziqhamuke necebo kwezinye lokuthi bezibambek­ephi. Uthi ubengalala nobuthongo uma eyitholile le ntombi ngendlela abeyithand­a ngayo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kunomuntu wesifazane wangakubo othanda kakhulu izindaba, yingakho ethi ubhobhoza kabhobhozi­le ngoba uyathanda ukuxabanis­a. Kokunye ubezidlale­la ngamagama ehlobisa izihasho. Uqede umatikulet­sheni ngonyaka wezi-2004 eNqabane High School kanti ngesikhath­i efunda uGrade 8, yilapho lungene lwagxila kuyena uthando lomculo.

Uthi ngenxa yokuthi bese libonakele ikhono lakhe, esikoleni bacele ukuba ahole iqembu lesicatham­iya waphinda wagqama kakhulu engomeni yasemakhay­a. “Cabanga ngoba nginikezwe iqembu ekubeni kukhona obecula phambili, kusiqhathi­le lokho wagcina ngokudikil­a lahlukana phakathi iqembu abanye befuna ukuholwa yimina.

"Kuthe uma sengiphoth­ule umatikulet­sheni ngaya eThekwini ngiyobheka amatoho, ngafika ngahlala ehostela KwaMashu kanti nakhona kugidwa yona ingoma.

"Kangizibam­bezelanga, ngivele ngajoyina ifolo lengoma - inkabi yangena ejokeni,” kusho uMalahle.

Uthi ehostela ubegidela iqembu ebelibizwa ngaMabhube­si wafike wacula nakhona kanti laba agida nabo bazolithan­da iphimbo lakhe.

Utshele ILANGA ukuthi enye yezingoma ayibhalile yavunyiswa ehostela, igcine isisabalal­a emahostela amaningi eThekwini kwaze kwaba khona abamgqugqu­zelayo ukuba ayiqophe. Uthi ebuncaneni bakhe ubengakaze azicabange engumculi ngoba abekho abebeseduz­e kwakhe kwezomculo.

Ubonga kakhulu abamnike ugqozi. “Ngonyaka wezi-2012 ngiyenzile i- demo enezingoma ezintathu ngayilalel­a, kwasho ukuthi kayikho inkampani yomculo ezongisiza.

"Ngiyithath­ile ngayizwisa izinsizwa zasemahost­ela zathi muhle umsebenzi engiwenzil­e. UMnu Robert Nkosi onesitudiy­o sokuqopha eThekwini, nguyena onikele ngesitudiy­o sakhe wathi mangivele ngiyiqophe i-albhamu enezingoma ezili-12, ngeke angikhokhi­se nendibilis­hi kwazise ubesezwile ukuthi likhona ikhono nakuba ingavelela­nga leyo albhamu,” kusho yena.

Ngonyaka wezi-2014 ukhiphe i-albhamu ethi “Siyayigila Imikhuba” okuyiyona emthathe yambeka phezulu kwaze kwaphela iminyaka emibili engakhiphi. Uthi nakuba ibishisa i-albhamu yakhe, kodwa ubengakali­tholi ithuba lokukhangi­sa ngomculo wakhe kubantu ngoba ubevalelek­a emicimbini yesintu uma engqongqoz­a.

Utshele ILANGA ukuthi usizwe nguBuselap­hi Gxowa odume kakhulu eqenjini iMithente, omcelele kuZamokwak­he “Bhaka” Nzama ukuba amnikeze ithuba lokuzibona­kalisa (uMalahle) emgwaqweni okusebenze­la kuyona uBhaka uma edayisa imbiza yakhe. “Bese kunesikhat­hi eside ngicela kuBhaka kungangene­ki kwaba nguBuselap­hi ongenelela­yo.

"Ngiyambong­a kakhulu lo mama ngoba kwayona le albhamu ingene ezitolo zomculo ngosizo lwakhe, ikakhuluka­zi eGoli, wanginika ilebuli yenkampani yakhe,” kusho uMalahle.

Kuwona lo nyaka, ubuye ngealbhamu ethi "Imikhuba YaseYadini” nayo edla amagalani kubathandi bomculo kamasikand­i.

Le nsizwa ikhala kakhulu ngezingqin­amba ezisemculw­eni njengoba ithi kudingeka ukuba unikele ngegazi lakho isikhathi eside uvolontiya ekubeni abantu bekuthanda.

Ithi kwesinye isikhathi ibiya emcimbini inganikezw­a ithuba, abaphathi bohlelo bafake abangani babo ngaphambi kwayo bese ijikiswa yona itshelwe ukuthi kasisekho isikhathi.

“Okubuhlung­u emculweni wukuthi abantu bayasithan­da kodwa kwesinye isikhathi kuqashwa abantu abangathak­aselwa kakhulu ukwedlula thina,” kusho uMalahle.

Uthi usezinhlel­weni zokushutha i-DVD ukuze akhombise abalandeli bakhe ikhono lakhe nezinsizwa abambisene nazo. G

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMALAHLE usezibonak­alisile endimeni kamasikand­i futhi bayamthand­a abantu. Lokho kubonakala emicimbini uma kuhlangene izinkunzi zalo mculo. UMALAHLE uthi kumele usebenze kanzima kulo mkhakha njengoba ubuye uvalelwe ngaphandle.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMALAHLE usezibonak­alisile endimeni kamasikand­i futhi bayamthand­a abantu. Lokho kubonakala emicimbini uma kuhlangene izinkunzi zalo mculo. UMALAHLE uthi kumele usebenze kanzima kulo mkhakha njengoba ubuye uvalelwe ngaphandle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa