Sekumele icutshungulwe eyokujezisa izigebengu
ABANTU baKwaZulu-Natal sibabona beqhubeka nokugcolisa lesi sifundazwe esihle kangaka. Sinovalo futhi siphatheke kabi ngendlela imikhuba yokuqothwa kwemindeni ebhoke ngayo.
NgoLwesine ILANGA libike ngokubulawa kwamalunga omndeni wakwaSibiya eMatimatolo, eGreytown, maphakathi neKwaZulu-Natal. Kungakapholi maseko, kuvukwe ngoLwesihlanu ngezindaba zokuhlaselwa kubulawe amalunga ayisihlanu omndeni waseNteke, eMariannhill, entshonalanga yeTheku.
Kuwona lo nyaka kuhlaselwe kwabulawa amalunga omndeni wakwaTshangase eNkandla, kwabhujiswa omunye umndeni eHammarsdale, entshonalanga yeTheku. Ngeke kwathiwa amaphoyisa kawawenzi umsebenzi wawo, kodwa sekucacile ukuthi kumele izakhamizi zakulesi sifundazwe, nezeNingizimu Afrika yonke zikhulume nonembeza bazo kwazise umthetho ngeke wenza lutho ngoba kuyaziwa ukuthi uyazitotisa izigilamkhuba.
Ngumuntu onjani nje obulala aze abulale ingane eneminyaka emibili, njengoba kwenziwe kwaSibiya eMatimatolo? Bashonaphi ubuntu kubantu?
Siyazi ukuthi kukhona lokho abantu abasuke bexabene ngakho kodwa ukuthi sekungaze kubhuqwe umndeni pho? Zisuke seziphelile ezinye izindlela zokuxazulula udaba ukuthi kungaze kuqothwe imbokodo nesisekelo - kuvalwe ngehlahla?
Siyanxusa ukuthi namalunga omphakathi asize ukuba abantu abasuke benze into efuze lena babanjwe ngamaphoyisa babhekane nomthetho. Uma kuwukuthi izwe lisaqhubeka nokunika izigebengu intambo ende, kuningi okusazokonakala.
Laba bantu ababulala abanye bazoqhubeka bakwenze lokho ngoba bayazi ukuthi bona bazoqhubeka baphile. Sifisa sengathi ingabuyekezwa neyezigwebo ezinikwa ababulali. Ibukeka iyihlaya indaba yokuthi umuntu uzoqotha umndeni besekuthiwa unikwa odilikajele ababili neminyaka eli-100, sibona kufanele kuzanywe enye indlela ezokwenza umbulali abuthwale ubunzima yize bungeke bulinganiswe nobezihlobo zabantu asuke ebabulele.
Siyanxusa ukuba abezobulungiswa bake bazehlise nje bayicubungulisise indlela abajezisa ngayo izigebengu - ikakhulukazi ezingababulali nabadlwenguli. Abanye abantu bayaphuma bazicanasele ngaphandle bebulele, bedlwengulile.
Kokunye-ke kuye kukhalwe ngokuba ntekenteke kobufakazi, okuyikhona-ke sinxusa abantu ukuba balekelele ekubanjweni, kuboshwe kuze kugwesthwe abenzi bobubi. Sihlale sisho ukuthi lezi zigebengu zihlala emphakathini, kakumele-ke ukuba wona ukhombe amaphoyisa ngenjumbane kodwa ube uhleli dekle ungenzi lutho ukulwa nobugebengu.
Siyazi ukuthi kwezinye izindawo kunamaforamu alwa nobugebengu mawaqhubeke kodwa asebenze ngaphansi kwemithetho yezwe. masibambisane ukulwa nobugebengu, ikakhulukazi lobu obuhambisana nobuwula bokuvala imizi ngokubulala bonke abantu egcekeni.
Ngumuntu onjani obulala ngisho ingane encane eneminyaka emibili njengoba kwenziwe emndenini wakwaSibiya eMatimatolo? Masibheke onembeza.