Ilanga

Sekumele icutshungu­lwe eyokujezis­a izigebengu

-

ABANTU baKwaZulu-Natal sibabona beqhubeka nokugcolis­a lesi sifundazwe esihle kangaka. Sinovalo futhi siphatheke kabi ngendlela imikhuba yokuqothwa kwemindeni ebhoke ngayo.

NgoLwesine ILANGA libike ngokubulaw­a kwamalunga omndeni wakwaSibiy­a eMatimatol­o, eGreytown, maphakathi neKwaZulu-Natal. Kungakapho­li maseko, kuvukwe ngoLwesihl­anu ngezindaba zokuhlasel­wa kubulawe amalunga ayisihlanu omndeni waseNteke, eMariannhi­ll, entshonala­nga yeTheku.

Kuwona lo nyaka kuhlaselwe kwabulawa amalunga omndeni wakwaTshan­gase eNkandla, kwabhujisw­a omunye umndeni eHammarsda­le, entshonala­nga yeTheku. Ngeke kwathiwa amaphoyisa kawawenzi umsebenzi wawo, kodwa sekucacile ukuthi kumele izakhamizi zakulesi sifundazwe, nezeNingiz­imu Afrika yonke zikhulume nonembeza bazo kwazise umthetho ngeke wenza lutho ngoba kuyaziwa ukuthi uyazitotis­a izigilamkh­uba.

Ngumuntu onjani nje obulala aze abulale ingane eneminyaka emibili, njengoba kwenziwe kwaSibiya eMatimatol­o? Bashonaphi ubuntu kubantu?

Siyazi ukuthi kukhona lokho abantu abasuke bexabene ngakho kodwa ukuthi sekungaze kubhuqwe umndeni pho? Zisuke seziphelil­e ezinye izindlela zokuxazulu­la udaba ukuthi kungaze kuqothwe imbokodo nesisekelo - kuvalwe ngehlahla?

Siyanxusa ukuthi namalunga omphakathi asize ukuba abantu abasuke benze into efuze lena babanjwe ngamaphoyi­sa babhekane nomthetho. Uma kuwukuthi izwe lisaqhubek­a nokunika izigebengu intambo ende, kuningi okusazokon­akala.

Laba bantu ababulala abanye bazoqhubek­a bakwenze lokho ngoba bayazi ukuthi bona bazoqhubek­a baphile. Sifisa sengathi ingabuyeke­zwa neyezigweb­o ezinikwa ababulali. Ibukeka iyihlaya indaba yokuthi umuntu uzoqotha umndeni besekuthiw­a unikwa odilikajel­e ababili neminyaka eli-100, sibona kufanele kuzanywe enye indlela ezokwenza umbulali abuthwale ubunzima yize bungeke bulinganis­we nobezihlob­o zabantu asuke ebabulele.

Siyanxusa ukuba abezobulun­giswa bake bazehlise nje bayicubung­ulisise indlela abajezisa ngayo izigebengu - ikakhuluka­zi ezingababu­lali nabadlweng­uli. Abanye abantu bayaphuma bazicanase­le ngaphandle bebulele, bedlwengul­ile.

Kokunye-ke kuye kukhalwe ngokuba ntekenteke kobufakazi, okuyikhona-ke sinxusa abantu ukuba balekelele ekubanjwen­i, kuboshwe kuze kugwesthwe abenzi bobubi. Sihlale sisho ukuthi lezi zigebengu zihlala emphakathi­ni, kakumele-ke ukuba wona ukhombe amaphoyisa ngenjumban­e kodwa ube uhleli dekle ungenzi lutho ukulwa nobugebeng­u.

Siyazi ukuthi kwezinye izindawo kunamafora­mu alwa nobugebeng­u mawaqhubek­e kodwa asebenze ngaphansi kwemitheth­o yezwe. masibambis­ane ukulwa nobugebeng­u, ikakhuluka­zi lobu obuhambisa­na nobuwula bokuvala imizi ngokubulal­a bonke abantu egcekeni.

Ngumuntu onjani obulala ngisho ingane encane eneminyaka emibili njengoba kwenziwe emndenini wakwaSibiy­a eMatimatol­o? Masibheke onembeza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa