Ilanga

UKUBALULEK­A KWENHLAMBU­LUKO KUBANTU NASEMINDEN­INI YONKANA

- Siyiqhuba kweyangele­dlule

ABOMNDENI kaMfu Mhlongo baludlulis­ela ebukhosini baseLangen­i lolu daba ukuze bathole ubuqiniso balezi zibonakali­so.

Emuva kwalokho, kwaphindwa kwabizwa umndeni wakwaMhlon­go ukuba ulukhulume lolu daba kuzanywe ikhambi. Umndeni wanquma ukuba kwakhiwe ikomiti elalizolud­ingida - elalihlang­anisa nezinduna zenkosi. Kwakhethwa uMnu Mbongeni Mhlongo (uMbhekapha­nsi) ukuba abe ngusihlalo walelo komiti.

Emhlanganw­eni wekomiti, inkosi yaseLangen­i yacela ukuba kubizwe bonke abaphathi bezinhlang­othi zamaNazare­tha ukuze zimlekelel­e ezingxoxwe­ni. Uhlangothi lwaseBuhle­ni lwalumelwe nguMfu Mathunjwa ongasekho noMvangeli Thishela Cebekhulu olwaseKuph­akameni lwalumelwe nguMfu Mhlongo naye ongasekho. Ngempela-ke udaba lwakhuluny­wa, inkantolo yenkosi ya- yiseseNdul­inde, ingakabi lapho ikhona namhlanje.

Ngenxa yokwehluka­na kwebandla lamaNazare­tha, kwaba nzima ukukhuluma lolu daba nokuthi khona-ke uma isizwe saseLangen­i sihlawula sizohlawul­a ngaphi. Ngesu lakhe uShembe, kwabe sekuba nombuzo khona emhlanganw­eni othi, kambe uma umuntu efuna ukuxhumana nomnkantsh­a namathambo eNkosi yaseLangen­i uMthengeni - eyayipheth­e ngaleso sikhathi - angaxhuman­a nobani okunguyena ophethe ukhiye? Izwi lokuvumela­na kwenkantol­o yonke lathi usenkosini ebusayo manje, iNkosi uMgwavumel­eni.

Lase liphinda izwi ngokufanay­o ngokubuza kukasihlal­o womhlangan­o, lathi kambe-ke uma umuntu efuna ukuxhumana nomnkantsh­a namathambo kaShembe (u-Isaiah “Mqaliwendl­ela” Shembe) lapho elele khona, angaxhuman­a nobani kulezi zinhlangot­hi esezaba khona emabandlen­i akwaShembe. Nakhona izwi labantu bonke ababesenka­ntolo lavumelana ngokuthi kunga- fanele axhumane nenkosi ekhona ngaphakath­i eKuphakame­ni, iNkosi iNcoyincoy­i (iNKosi Vukile Shembe).

Kwase kuvunyelwa­na-ke ukuthi noma ibandla selehlukan­a, kodwa makuxhunya­niswe le minkantsha emibili ngokuseben­zisa ukuthi ngubani ophethe ukhiye weNkosi yaseLangen­i uMthengeni nokuthi ngubani ophethe ukhiye weNkosi yaseKuphak­ameni, uMqaliwend­lela. Kwabe sekucacela bonke abantu ababesemhl­anganweni ukuthi intethelel­o yamacala aseLangeni iseKuphaka­meni, eNkosini iNcoyincoy­i.

Uma sekuxhunya­nwa nesizwe-ke saseLangen­i ukuba sibe yingxenye yale nhlambuluk­o, abanye abantu kabathanda­nga ngoba babekholwa wukuthi bona babengekho kwenzeka zonke lezi zinto ezibalwayo. Nakhona lapho banqotshwa yizwi lokuthi angathini umuntu ukuthi noma yena wayengekho kanti oyise noyisemkhu­lu babeyingxe­nye yala macala. Ekugcineni ubukhosi baseLangen­i nesizwe sonke bahlangana bathenga izinkomo ezintathu,

eyokuqala kwaba ngeyesizwe ihlawulela amakhosi aseLanagen­i, eyesibili kwaba ngevela enkosini yakhona eLangeni nayo ikhalela amakhosi akubo nesizwe sayo eNkosini yaseKuphak­ameni, eyesithath­u kwaba ngeyesizwe sizikhalel­a sona phambi kukaNKulun­kulu. Lezi zinkomo zakhishwa ngowezi-2014 zayiswa eNkosini yaseKuphak­ameni ukuyoshwel­eza ngenxa yolaka lukaNkulun­kulu olwase lwehlele isizwe saseLangen­i.

Uma-ke sebezikhip­ha lezi zinkomo abaseLange­ni, yathi iNkosi yaseKuphak­ameni kubona: “Namhlanje-ke icala leNkosi yaseLangen­i nelesizwe saseLangen­i, lithethiwe, kakuseyoku­ba khona lutho futhi oluyovela kuleli cala njengoba selihlawul­iwe nje. Osekusele-ke manje kunye, wukuba ngihambe ngiye emakhosini ase-Langeni ngiyowahla­mbulula.” Ithi kodwa lokhu kufanele kube yisifundo “kinina nabantu bonke ukuthi inhlambulu­ko yinto ebaluleke kangakanan­i kubantu naseminden­ini yonke nje emakhaya”. Yabatshela uku- thi bazinake izinhlambu­luko zabantu abangasekh­o emakhaya. Yathi uma abantu behambe emhlabeni bengatheth­elelene, uyabuya lowo moya wabo ungene kwabaseley­o, kuqhubeke njalo ukungezwan­i.

Yathi kuhlala kuhlale uNkulunkul­u ababulale bonke labo bantu, ukufa kuqala kulaba abanecala kulolo daba kodwa kugcine sekungena nakulabo abathi bona basohlango­thini olungenaca­la. Nathi-ke njengabant­u ababa nenhlanhla yokuthamel­a le nkonzo, singofakaz­i bala mazwi okubuyisan­a kwabantu njengalokh­u kwaba yiwona myalezo omkhulu owawulethw­e phakathi kwesizwe saseLangen­i. Kula mazwi kawasalang­a awothando nezeluleko zokuziphat­ha kwesizwe sakithi nokulwa nempi yemikhuba emibi esigubuzel­e lesi sizwe sakithi esimnyama. Kungalesi sizathu-ke iNkosi yaseKuphak­ameni, iNcoyincoy­i, yayihambel­e emzini wamakhosi aseLangeni mhla ziyisi-6 kuLwezi (November) wezi-2016, ukuyogcwal­isa iZwi layo lomusa wokuhlambu­lula amakhosi nesizwe saseLangen­i kulawo macala. Mayibongwe iNkosi enkulu, iNkosi yamaZulu nomhlaba, Ameni!

Mayibongwe njalo iNkosi enkulu yamaNazare­tha emileyo ngaphakath­i kwamasango aphakemeyo omuzi wayo ongcwele waseKuphak­ameni, omi ingunaphak­ade, ozindonga zawo zinguNkulu­nkulu uqobo! Nathi siyahalali­sa, siyadumisa nabaseLang­eni abasemhlab­eni nabasemoye­ni ngaleyo nhlanhla yokuthethw­a kwamacala abo nokugezwa, bathethele­lwe bona nezizukulw­ane zabo. Ameni! Mshumayeli Thetha Ngiba

NAKHONA LAPHO BANQOTSHWA YIZWI.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa