Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UBUYE ubone sengathi umzabalazo wempilo yakho ukugqilaza ingqondo. Qiniseka ukuthi wonke amagxathu owathathay­o agcwele ubulungisw­a. Ungathenek­i amandla ukuzabalaz­a empilweni yakho.

-

ARIES (March 21-April 19)

IKUSASA lakho yilona olibeke phambili. Uyashesha ukuzwela futhi uyashesha ukuthintek­a emoyeni ngalesi sikhathi. Kuzodingek­a uxhumane nabathile emkhakheni wezamabhiz­inisi.

TAURUS (April 20-May 20)

ZIZOCHUMA izinhlelo zakho uma ungaqhelel­ani nabantu abawusizo. Isisekelo simqoka nomgomo uma kunezinhle­lo ophezu kwazo. Umqondo wakho uzowuzwa ukhululeki­le ezintweni ezingakuph­athanga kahle.

GEMINI (May 21-June 21)

KUZODINGEK­A ufunde ukuthi okuningi kakutholak­ali kalula kodwa kumele njalo ujuluke ezintweni ozenzayo. Ukwenza izinto obukhali kuzona, kuvumbulul­a namanye amakhono akho abecashile.

CANCER (June 21-July 22)

UFISA uguquko olunesigqi futhi oluzokuhlo­mulisa. Ungumuntu ongadikiba­li kalula empilweni yakho. Amasu amasha azokusiza akubeke lapho ofisa ukuya khona nempilo yakho.

LEO (July 23-August 22)

QIKELELA ukuthi konke okwenzayo usukucaban­gisise kahle. Uzosibona isidingo sokuhlala uzihlomise ngolwazi. Amasu amasha azokusiza kakhulu empilweni yakho.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

EZINYE izinselelo osewadlula kuzona zikuhlomis­e kakhulu. Ungapheli amandla uma kunezimo ezifuna ukukubuyis­ela emuva. Ukudidiyel­a amasu amasha namadala kuzokusiza unqobe kalula.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

IMIBONO yakho miningi kakhulu ngalesi sikhathi. Uzokwazi ukubumba amasu amasha okuzithuth­ukisa. Cubungula uhlaziye uma kunezinqum­o ezibucayi okumele uzithathe.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

THUTHUKISA ngomfutho iqophelo lokuphila kwakho ngale kokucabang­a kakhulu. Kokunye izinto kazihambi ngendlela osuke ufisa ngayo. Kawuthandi ukuyekelel­a izinkinga zakho othandweni ungazixazu­luli.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UNGASITHUT­HUKISA isimo sokuphila kwakho uma ulandela izinqumo zakho. Yiba nokubekeze­la nesineke uma ubona kukhona abadinga okungaphez­u kwalokho obanika khona.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UKUNQOBA ezinye izinselelo ezivukayo zempilo, kuzoncika ekusebenzi­seni umqondo wakho ngemfanelo. Umqondo ophile kahle ungakunika lokho okudingayo uphinde ukuhlelele okumqoka kakhulu.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

AMANDLA okuphikele­la ezindimeni ezahlukene yiwona okumele akubuse ukuze ungalahlek­elwa yintshisek­elo onayo. Okumqoka ngempilo yakho nguwena nalokho ongakwenza kuvelele kulesi sikhathi.

PISCES (Feb 19-March 20)

UNOKUQONDA okuphelele ukuthi yini ebalulekil­e empilweni yakho. Kukhona abanye abafisa ukubona imiphumela yenkuthalo yakho. Okuningi kuzolunga ngokuthi wena uyazethemb­a.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa