IYADINGEKA NGEMPELA INHLAMBULUKO
MHLELI: Muva nje kukhulume elinye lamaduna eSilo maqede kwathi damu kimi.
Inkulumo kaSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu kwelikaMthaniya, iNkosi Phathisizwe Chiliza ebimayelana nenhlambuluko esizweni samaZulu mayingathathwa kalula.
Iqiniso elingeke liphikwe wukuthi eminyakeni edlule babulalane kakhulu abantu beSilo KwaZulu-Natal.
Kube kubi kakhulu futhi sekubhekwe okhethweni lowe-1994 lapho abantu bebebulalana ngendlela enyantisayo, bekuhlasimula umzimba kucacela noma ngubani ukuthi kukhona okushaya amanzi.
Sekwenziwe imikhuleko eminingi kabi nemibhikisho yokulwa nalezi zigameko kodwa kakubonakali mehluko.
Kakade nasemandulo uma impi kade iphumile iyolwa, yayibuyela esigodlweni iyophalaziswa kuze kuphume iqunga okwakwesatshwa ukuthi indoda yayizoxabana nomfazi ngento encane maqede imbhokode ngomkhonto ngoba igajwe yiqunga elingakhishwanga ngesikhathi ibuya empini.
Nami ngiyaweseka umbono weduna likaDonsela kaBhoyiya kaMzakuza ukuthi makwenziwe inhlambuluko kulesi sizwe seLembe esibhuqabhuqana sodwa.
Ngikholwa futhi wukuthi uma luphuthunywa lolu daba kuzolunga okuningi. Phila Mthethwa