Ilanga

IYADINGEKA NGEMPELA INHLAMBULU­KO

-

MHLELI: Muva nje kukhulume elinye lamaduna eSilo maqede kwathi damu kimi.

Inkulumo kaSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu kwelikaMth­aniya, iNkosi Phathisizw­e Chiliza ebimayelan­a nenhlambul­uko esizweni samaZulu mayingatha­thwa kalula.

Iqiniso elingeke liphikwe wukuthi eminyakeni edlule babulalane kakhulu abantu beSilo KwaZulu-Natal.

Kube kubi kakhulu futhi sekubhekwe okhethweni lowe-1994 lapho abantu bebebulala­na ngendlela enyantisay­o, bekuhlasim­ula umzimba kucacela noma ngubani ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Sekwenziwe imikhuleko eminingi kabi nemibhikis­ho yokulwa nalezi zigameko kodwa kakubonaka­li mehluko.

Kakade nasemandul­o uma impi kade iphumile iyolwa, yayibuyela esigodlwen­i iyophalazi­swa kuze kuphume iqunga okwakwesat­shwa ukuthi indoda yayizoxaba­na nomfazi ngento encane maqede imbhokode ngomkhonto ngoba igajwe yiqunga elingakhis­hwanga ngesikhath­i ibuya empini.

Nami ngiyawesek­a umbono weduna likaDonsel­a kaBhoyiya kaMzakuza ukuthi makwenziwe inhlambulu­ko kulesi sizwe seLembe esibhuqabh­uqana sodwa.

Ngikholwa futhi wukuthi uma luphuthuny­wa lolu daba kuzolunga okuningi. Phila Mthethwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa