NAZE NALIBULALA IZWE NGAMALUNGELO
MHLELI: Lafa elihle kakhulu, okubi nje lifa ngathi esibancane.
Nakhu uhulumeni ufuna amavoti ngathi esibancane, uqale walibulala emakhaya kumanje ubhidliza imfundo yezingane ezikoleni uzinika amalungelo abe ngaphezu kothisha.
Uthisha akasenalungelo, akasakwazi ukuqondisa izigwegwe enganeni, ngisho kungathiwa yone kanjani. Umzali ekhaya akasakwazi ukushaya ingane yakhe ngoba izombophisa.
Kodwa bonke laba abasezikhundleni babeshawa nabo emakhaya nasezikoleni, balapha abakhona nje, babegqugquzelwa kodwa kabasafuni thina sikhonjiswe indlela yokuphila.
Naze nalibulala izwe nithi nikhipha amalungelo nibe niziphuca ukuhlakanipha izingane.
Nathi abantu mabaphuze utshwala esidlangaleni naphuca abomthetho amalungelo.
Kumanje usuhlala nemfundo ekhaya uswele i- inserve, internship neapprenticeship.
Sewuhlala nemfundo yakho uze udayise izinkuni emakhaya kodwa nisinika amalungelo kanisiniki amathuba emisebenzi, konke kusezadleni zenu. Sifiso Ncube