Ilanga

NAZE NALIBULALA IZWE NGAMALUNGE­LO

-

MHLELI: Lafa elihle kakhulu, okubi nje lifa ngathi esibancane.

Nakhu uhulumeni ufuna amavoti ngathi esibancane, uqale walibulala emakhaya kumanje ubhidliza imfundo yezingane ezikoleni uzinika amalungelo abe ngaphezu kothisha.

Uthisha akasenalun­gelo, akasakwazi ukuqondisa izigwegwe enganeni, ngisho kungathiwa yone kanjani. Umzali ekhaya akasakwazi ukushaya ingane yakhe ngoba izombophis­a.

Kodwa bonke laba abasezikhu­ndleni babeshawa nabo emakhaya nasezikole­ni, balapha abakhona nje, babegqugqu­zelwa kodwa kabasafuni thina sikhonjisw­e indlela yokuphila.

Naze nalibulala izwe nithi nikhipha amalungelo nibe niziphuca ukuhlakani­pha izingane.

Nathi abantu mabaphuze utshwala esidlangal­eni naphuca abomthetho amalungelo.

Kumanje usuhlala nemfundo ekhaya uswele i- inserve, internship neapprenti­ceship.

Sewuhlala nemfundo yakho uze udayise izinkuni emakhaya kodwa nisinika amalungelo kanisiniki amathuba emisebenzi, konke kusezadlen­i zenu. Sifiso Ncube

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa