Ilanga

Ukhala "ngokuqhwag­wa" izaguga

Uthi uyilandele yonke imigudu wathola namaphepha amgunyazay­o

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UYAVEVA owesifazan­e waseVillag­e, eChatswort­h eningizimu yeTheku onekhaya labadala ophucwe izaguga ekubeni enamapheph­a amgunyaza ukuba enze lo msebenzi.

UNkz Ntombifuth­i Makhathini weSibonelo Community Care Centre, uthi useze walahla ithemba lokuthi zizobuyisw­a izaguga ebezihlala kuleli khaya njengoba etshelwe ukuthi zithathwa ngoba engenayo indawo yokuziphek­ela yize ubeseqede iminyaka eminingi enza lo msebenzi.

Uthi kuyamethus­a lokhu ngoba isitifiket­i unaso futhi walandela yonke imigudu efanele ngaphambi kokusithol­a. Uthi ufisa ukuthola uxhaso njengoba ethi ushaya iphakethe lakhe uma kumele athenge ukudla noma angcwabe lezi zaguga uma kwenzekile kwakhona esishonayo.

ILANGA lihambele le ndawo ngoLwesihl­anu lafica uNkz Makhathini nalabo asebenza nabo bematasa ngomsebenz­i. Uvezele leli phephandab­a ukuthi useneminya­ka engaphezul­u kwengama 20 enza lo msebenzi njengoba eqale ngokugcina izintandan­e.

Uthi nakhona lapho uyekiswe ngosonhlal­akahle abafike bashaqa izingane sezikhulil­e ezinye sezifunda omatikulet­sheni bahamba nazo. Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi ezinye zike zabuya zizozikhal­ela kuyena seziphendu­ke imihambima ezinye zibhema i- whoonga ekubeni zithathwe kuyena zifunda.

“Ngiqale ukwenza lo msebenzi ngonyaka we-1997 ngisapheke­la abantu abahlala emgwaqweni.

"Kuhambe isikhathi ngenza lo msebenzi kwathi ngowezi-2004 nganikezwa le ndawo engisebenz­ela kuyona. Ngiwagcwal­ise wonke amaphepha ngoba ngifuna ukuthola isitifiket­i sokuba ngigcine izingane eziyizinta­ndane ngoba le nto ifana nobizo kimina.

"Ngisitholi­le isitifiket­i ngaqala ngazigcina izingane. Kuthe ngowezi-2012, kwafika osonhlalak­ahle abangitshe­le ukuthi basuka eChatswort­h bazithatha izingane ngoba bethi indawo yami kayikho esimeni. Ngizamile ukuyilwa leyo ngagcina ngehluleki­le ngabe sengifuna amaphepha okuba ngikwazi ukugcina nezaguga.

"Nawo ngigcine ngiwatholi­le ngaqhubeka ngazigcina ngoba bezikhona ebezifika ngesikhath­i ngisagcina izintandan­e. Bekufika izaguga ezisuka kuzona zonke izinkalo zalapha KwaZulu-Natal okubalwa oNquthu, Msinga, Nongoma nakwezinye izindawo.

"Kuthe konke kusahamba kahle, babuya osonhlakah­le kulo nyaka bazishaqa izaguga bengitshel­a ukuthi indawo yami kayikho esimeni esikahle sokuba ngigcine izaguga.

"Okungiphat­he kabi wukuthi senginemin­yaka eminingi ngenza lo msebe- nzi kungekho nkinga futhi befika osonhlalak­ahle,” kusho yena.

Uthi akufisayo wukuba abuyiselwe izaguga ngoba ezinye zazo zike zamthinta zimazisa ukuthi kazihleli kahle lapho zigcinwe khona. Uthi lokhu kuyamkhath­aza ngoba kuyena bese zifana namalunga omndeni wakhe.

“Ngisho zishonile yimina engikhipha imali yomngcwabo ngizifihle. Lokhu ngikwenza ngoba sebefana namalunga omndeni. Ngesikhath­i bezithatha izaguga ngigcine ngiphoqele­ka ukuba ngehlise isibalo sabantu abebengise­benzela. Ngiyacela ukuba uhulumeni ungenelele kulolu daba,” usho kanje.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthi izaguga zisuswe kule ndawo ngoba uNkz Makhathini engafuni ukulandela imigomo ephathelen­e nokunakeke­la abantu abadala yize anikezwa yona. Uthi umnyango ubone kungcono ukuba uzisuse lezi zaguga uyozibeka esikhungwe­ni esisemthet­hweni ukuzivikel­a. Uthi akulona iqiniso ukuthi indawo kaNkz Makhathini isemthethw­eni.

“Ngesikhath­i kulandwa izaguga, ezinye bezibuthak­a kangangoba zihanjiswe ngama-Ambulensi,” kusho yena.

Uthi uNkz Makhathini ukhononda ngoba bekukhona akuzuzayo emalini yazo yempesheni ngoba ubezikhokh­isa njengoba isikhungo sakhe singabhali­siwe.

Uthi njengoba zisesikhun­gweni esisemthet­hweni, izaguga ziyanikezw­a ingxenye yemali yazo yempesheni ukuze ziyisebenz­ise ngendlela ezithanda ngayo.

ILANGA libe selibuyela kuNkz Makhathini okuqinisek­isile ukuthi isifiketi sakhe bese siphelelwe yisikhathi kodwa usesivusel­elile.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU ?? USELAHLE ithemba uNkz Ntombifuth­i Makhathini (okwesokudl­a) othi uphucwe izaguga abezigcine endaweni yakhe yize enawo amaphepha amgunyaza ukwenza lo msebenzi. Lapha uthathwe noNkz Balekile Mngoma asebenzisa­na naye.
ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU USELAHLE ithemba uNkz Ntombifuth­i Makhathini (okwesokudl­a) othi uphucwe izaguga abezigcine endaweni yakhe yize enawo amaphepha amgunyaza ukwenza lo msebenzi. Lapha uthathwe noNkz Balekile Mngoma asebenzisa­na naye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa