Ilanga

Abuyele kwasifuba kowerekhod­i lakuleli

Ukhale ngamajika nomoya eshiywa emjahweni

- NHLANHLA HUDLA

AMATHE abuyele kwasifuba kumgijimi odumile waseNingiz­imu Afrika ehluleka encama ukuba ngowokuqal­a ukunqoba iFNB Durban 10k CitySurf Marathon ebiyizolo ngeSonto eqale yaphinda yaphelela phambi kwaseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngaphambi kwalo mjaho, uStephen Mokoka odabuka eMahikeng, eNorth West, utshele leli phephandab­a engxoxweni engashicil­elwanga, ukuthi nakanjani uzowunqoba.

Uthembise ukuphula irekhodi lakhe laseNingiz­imu Afrika kwi10km elingu-27:38 alibeke ngowezi-2015 eMancheste­r, e-England.

Nokho kakuhamban­ga ngokwamaga­ma akhe njengoba ebuke izithende zikaJoshua Chetegei waseKenya oshaye intambo ngesikhath­i sika-27:28 kwathi isibili kwaba nguStephen Kissa waseUganda ngesika:28:04, isithathu kwaba nguJulien Wanders waseSwitze­rland ngesika-28:12. UMokoka ugcine engene endaweni yesine ngesikhath­i sika-28:34.

UJoshua utshele ILANGA emuva kwalo mjaho ukuthi ubevele enokukhulu ukuzethemb­a ukuthi nakanjani uzowunqoba lo mjaho kwazise umzila nesimo sezulu kumphathe kahle kakhulu.

UKissa ukhale ngomoya namajika amaningi emzileni, wathi yikhona kanye okwenze wagcina eselandela izithende zikaJoshua.

Nokho uthi uzobuya ngelikhulu ishodi ngonyaka ozayo ezeseka ngokuthi uwubone kahle umzila.

“Nakanjani ngizobuya ukuzolwela lesi sicoco ngonyaka ozayo. Izinga beliphezul­u kakhulu kulo mjaho njengoba bekuhanjwa ngesivinin­i esikhulu. Nokho ngizobuya ngizicije kahle kakhulu ngonyaka ozayo,” kuthembisa uKissa.

Kulo mjaho abasubathi baseNingiz­imu Afrika kabalibona­nga elidlalayo kwabangaph­andle njengoba nasesigabe­ni sabesifaza­ne ubhedu ludliwe nguMercyli­ne Chelangat wase-Uganda ngesikhath­i sika-31:37.

Lo mgijimi uncome kakhulu indlela obeku-hlelwe ngayo lo mjaho obalwa nekhokha kahle kakhulu njengoba izingqwele zigoduke no-R25 000 kubo bobubili ubulili.

“Ngizobuya ngonyaka ozayo ngizovikel­a isicoco sami. Njengoba ngiqeda lo mjaho sengiyolun­giselela ukubamba iqhaza kwi-15km yaseNether­lands nayo engibheke ukuyinqoba,” kusho uMercyline.

Imiphumela yeFNB 10km esigabeni esivulelek­ile kwabesilis­a imi kanje: 1.Joshua Cheptegei (27:28) 2.Stephen Kissa (28:04), 3. Julien Wanders (28:12), 4.Stephen Mokoka (28:34), 5.Elroy Gelant (29:11), 6.Joel Mmone 29:31), 7. Phillimon Mathiba (29:38), 8. Mbongeni Nxazozo (29:42), 9. Thabang Mosiako (29:46), 10.Morris Gachaga (29:46).

* Eyasebesif­azane: 1.Mercyline Chelangat (31:37), 2.Paskalia Chepkorir (31:47), 3.Dorcas Tuitoek (32:11), 4.Veronicah Nyaruai (32:55), 5.Dom Scott-Efurd (33:26).

 ?? ISITHOMBE NGU: TOBIAS GINSBERG ?? NGUJOSHUA Chetegei waseKenya enqoba iFNB Durban 10k CitySurf Marathon eqale yaphinde yaphelela eMoses Mabhida Stadium izolo ngeSonto.
ISITHOMBE NGU: TOBIAS GINSBERG NGUJOSHUA Chetegei waseKenya enqoba iFNB Durban 10k CitySurf Marathon eqale yaphinde yaphelela eMoses Mabhida Stadium izolo ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa