EKAGONYA NOTETE IZOBHULELA EYEZINKUNZI ZAPHESHEYA

Ilanga - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

UBUYELA ekhaya ngemuva kwesikhathi eside anyamalala uCarl Frampton wase-United Kingdom ozongqimuzana noHoracio Garcia waseMexico empini yeFeatherweight ezokuba ngoMgqibelo womhla zili-11 kuLwezi (November) eSSE Arena, eBelfast, eNorthern Ireland.

UFrampton ugcine ukulwela kule ndawo ngonyaka wezi-2015 evikela ibhande leInternational Boxing Federation (IBF) Super Bantamweight kuChris Avalos waseUnited States of America (USA).

Le mpi izobhulelwa amazolo ngekaZolani “Last Born” Tete waseMdantsane noSiboniso “Tiger” Gonya ( osesithombeni) waseMtubatuba enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

UTete uzokube evikela ibhande leWorld Boxing Organisation (WBO) kuGonya ongaphansi kweLudonga Boxing Promotions kaThulani “Nkunzi” Magudulela odabuka KwaNongoma enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Le mpi isididiyelwe ohlwini lwezimpi zangalolu suku ezihlelwa nguFrank Warren ongumqhathi wezimpi ohlonishwa umhlaba wonke.

UJamie Conlan waseBelfast uzokulwa noFilipino Jerwin wasePhilippine empini ye-IBF World Super-Flyweight. UPaddy Barnes uzovikela ibhande leWBO European Flyweight alinqobe ehlula uSilvio Olteanu. Akukakaqinisekiswa ukuthi uzokulwa nobani. Amathikithi okubuka lezi zimpi aqale ukuthengiswa ngoLwesithathu olwedlule. Lezi zimpi zizoboniswa bukhoma kwiBT Sport nakwiBoxNation.

UGonya uma enqoba uTete izimpi zakhe ezine ezilandelayo uzozihlelelwa nguWarren kanti useyinikiwe inkontileka econsisa amathe. NoTete izimpi zakhe zihlelwa nguWarren.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.