OWODUMO KWI-DOWNS UTAKULWE NGOMAKOTI BE-NFD
UTAKULWE ngomakoti beNational First Division (NFD) uFranklin Cale osegcugce emakilabhini amaningi kwi-Absa Premiership.
Lo mdlali ubeyibambe kwiHighlands Park ngesizini edlule isadlala kwiPremiership kodwa izinto zabhimba njengoba igcine ngokugencwa yizembe kwaba wukuphela kwetoho kwabaningi.
ILANGA lithole ukuthi uCale oyisiphekepheke esiswini ugcine esayinwe wuBuntu Cape Town FC ethenge ilungelo leFC Cape Town ngokuqala kwale sizini.
Kuthiwa uCale ubesezame ezindaweni eziningi inhlanhla kodwa abaqeqeshi bafike bamchithe.
Kumakilabhu aseke wagijima kuwona uCale kubalwa i-Ajax Cape Town, iMamelodi Sundowns, iSuperSport United nakwiHighlands.
URoger Links ocija uBuntu, uvumile ukuthi uCale usesayinile kule kilabhu.
Usayine inkontileka yesizini. Uthi ulindele lukhulu kulo mdlali kwazise useneminyaka engama-34 ubudala.
Uthi usakhombisa ukuvuthwa okukhulu ensimini.
Uthi ngesikhathi benomdlalo wobungani ne-Ajax phakathi nesonto eledlule uCale udlale imizuzu cishe engama-45 kwacaca ukuthi lukhulu azolenzela le kilabhu.
Umdlalo olandelayo woBuntu kwiNFD izogadulisana kuwona neMbombela United ngeSonto eCape Town.
Le kilabhu idonsa ngodizili kulesi sigaba kwazise emidlalweni eyisi-6 esiyidlalile isakwaze ukuthola amaphuzu amane nje kuphela.
Kuzo ezeNFD, iHighlands esicijwa ngu-Owen Da Gama olekelelwa ngu-Allan Freese, inike uKhotso Mokhele oyisitobha ithuba lokujima nayo ngenhloso yokuzama ukuthola inkontileka.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uThierry Mulonzo noLes Grobler basekhona kule kilabhu kodwa hhayi ngokugcwele.
UMokhele usekwiHighlands nje, ubegijima kwiBloemfontein Celtic kumasizini adlule nokho wafakwa amasondo ngesikhathi kufika uVeselin Jelusic.
... udlale cishe imizuzu engama-45 kwacaca ukuthi lukhulu azolwenzela...