Ilanga

UNQUME UKUNGAXHAM­AZELI ESHIYWA NGUMLOLONG­I

- MFANAFUTHI NDLOVU

SITHUKILE isikhulu seRichards Bay FC esale ingenamqeq­eshi kusula isigubhuka­ne uRoger Sikhakhane ngoLwesibi­li esiphuma kulona.

USifiso “Jomo” Biyela oyisikhulu seBay FC utshele ILANGA ukuthi unqume ukuqhubeka nabaqeqesh­i abebesiza uSikhakhan­e. Laba baqeqeshi nguJomo Ntuli, uNkosenhle Ngema noVeli Magagula azwakalise ukuthi yibona abazoqhube­ka nokuhola le kilabhu emidlalwen­i yayo ezayo yeNational First Division (NFD).

“Ingehle ngaphezulu eyokushiya kukaSikhak­hane. Yingakho kube nzima ukuqalaza umqeqeshi omusha. Ngithathe isinqumo sokungaxha­mazeli, ngivele ngiqhubeke nabaqeqesh­i abebemsiza. Kangifuni ukuthi ikilabhu inyomfeke ngokuthi ngilande umqeqeshi ozofuna ukufika nabadlali bakhe.

“Abaqeqeshi abakhona bayazazi izinhloso zekilabhu. Nginethemb­a lokuthi bazokwazi ukuqhubeka nokwakha kahle ikilabhu njengoba isanda kusungulwa. Ngijabule kakhulu sihlula AmaZulu FC ngo3-2 kowobungan­i ngoMgqibel­o. Lo mphumela ngethemba ukuthi uzokwenza abadlali bangagebis­i amakhanda kodwa bawavuse yize engasekho uSikhakhan­e,” kusho uBiyela okugcizele­le ukuthi ufuna ukuzinza nje kuphela kulesi sigaba kule sizini akakubheki­le ukulwela ukusinqoba.

IBay FC izobhekana neStellenb­osch FC koweligi ngoMgqibel­o ngo-15h30 e-Athlone Stadium, eCape Town. Uthi ubheke umphumela omuhle kulo mdlalo njengoba ezakhe zivamise ukudlala kahle uma zihambile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa