Ilanga

UFUNA UKUKHULUNY­ELWA YIMISEBENZ­I KWI-ARROWS

- SENZO SOKHELA

UMGADLI weLamontvi­lle Golden Arrows osemncane uhlela ukuphoqa uClinton Larsen ongumqeqes­hi wale kilabhu ukuba ambophele esikimini.

ILamontvil­le Golden Arrows Reserves iguqise iFree State Stars Reserves ngo-2-0 koweMultiC­hoice Diski Challenge (MDC) ngoMgqibel­o ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

USibusiso “Y2K” Sibeko nguyena ovule inkundla elibeka enethini, kwabuya uSanele “Chenene” Mathenjwa nelakhe esezoshaye­lela isipikili sokugcina ebhokisini lokungcwab­a izitha.

USibeko ongumgadli we-Arrows Reserves odabuka eLamontvil­le eningizimu yeTheku, ukhombise ukuvuthwa kulo mdlalo njengoba ubegadulis­a kanzima izitobha zeFree State Stars Reserves. Uzithola edlala eqenjini elincane nje, yingoba isikimu usizwa ngendaba eqenjini elikhulu.

Lo mdlali ekhuluma neLANGA emuva kwalo mdlalo, ulitshele ukuthi uhlose ukuhlohla inqwaba yamagoli ukuze uLarsen ezohluleka wukumziba.

“Lo mdlalo ngiwujabul­ele kakhulu, ubuseqophe­lweni eliphezulu. Ngijabule ngoba ngishaye negoli.

"Kodwa-ke inhloso yami vele wukuthi ngihlohle inqwaba yamagoli ukuze umqeqeshi ezongiqali­sa imidlalo eqenjini elikhulu. Iyasiza le midlalo ngoba isenza sihlale sikulungel­e ukudlala esikimini esikhulu.

“Phela ebholeni kwenzeka noma yini ngakho le midlalo isiza ezimweni ezinjalo lapho kulimala kumbe kukhona othola ikhadi eli- bomvu esikimini esikhulu. Uma ubizwa kuyabonaka­la ukuthi ubudlala.

"Kodwa okwamanje kufanele sizame ukulwela ukubuyisa isicoco sethu (seMDC) esisinqobe kumasizini amabili edlule. Singakwenz­a lokho uma nje sizoqhubek­a nokudlala ngokuzinik­ela,” kusho uSibeko.

Isiyonke imiphumela yeMDC imi kanjena: Polokwane City Reserves 2, Maritzburg United Reserves 2; Mamelodi Sundowns Reserves 3, Kaizer Chiefs Reserves 2; Bidvest Wits Reserves 0, SuperSport United Reserves 1; Golden Arrows Reserves 2, Free State Stars Reserves 0; Orlando Pirates Reserves 2, Ajax Cape Town Reserves 0; AmaZulu Reserves 1, Chippa United Reserves 1; Platinum Stars Reserves 1, Bloemfonte­in Celtic Reserves 3; Cape Town City FC Reserves 0, Baroka FC Reserves 1.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUSIBUSIS­O Sibeko weGolden Arrows odlala esigabeni seMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) oshaye elinye lamagoli okunqobe ngawo le kilabhu yehlula iFree State Stars ngo-2-0 kuso lesi sigaba emdlalweni obusePrinc­ess Magogo Stadium, KwaMashu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUSIBUSIS­O Sibeko weGolden Arrows odlala esigabeni seMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) oshaye elinye lamagoli okunqobe ngawo le kilabhu yehlula iFree State Stars ngo-2-0 kuso lesi sigaba emdlalweni obusePrinc­ess Magogo Stadium, KwaMashu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa