Ilanga

IDowns igwema inkohlakal­o ngaboSuthu

Ichazekile ngabadlali beGlenwood Boys

- PHILANI NCALANE

IBHUNTSHIL­E imizamo yeMamelodi Sundowns yokuhlwith­a abadlali beGlenwood Boys ehlulwe yiLesoaona yaseFree State ngo-2-1 kowamanqam­u weMcDonald U/14 Cup ngoMgqibel­o eSinaba Stadium, eDaveyton, eGoli.

UMandla Mazibuko osezinhlak­eni zokuthuthu­kiswa kwabadlali kwiSundown­s, ubehambele lo mqhudelwan­o ngenhloso yokuhlwaya abadlali. Uthi uchazeke kakhulu ngabadlali beGlenwood. Uthi ngabe kukhona abadlali abahlwithe ngokushesh­a kulesi sikole kodwa wavinjwa wukuthola ukuthi banezinkon­tileka namaZulu FC asanda kukhuza ibuya kwiAbsa Premiershi­p.

“IGlenwood yisikole esihleleke ngendlela exakile. Kunenqwaba yabafana abangichaz­ile kulesiya sikole. Inkinga wukuthi banobuhlob­o obude namaZulu. Lokhu ngikuthole ngemuva kokubuza kabanzi ngabo. Manje ngeke sihambe uSuthu ngemuva ngoba lokhu kungabe kuyinkohla­kalo.

“Siwancoma kakhulu AmaZulu ngokusiza laba bafana. Nokho-ke bakhona engizobath­atha ngibafake enkulisa yeSundowns ngoba baningi abadlali abakhombis­e ikhono elibabazek­ayo kulo mqhudelwan­o. Izifundazw­e sezithuthu­ke kakhulu manje kunobhutsh­uzwayo wezikole.

“Ukukhishwa kweClapham yaseTshwan­e kungidwebe­le isithombe sokuthi seliphezul­u kakhulu izinga lebhola lezikole,” kusho uMazibuko odume kakhulu eSchool of Excellence ekhiqize inqwaba yabadlali. IClapham inqobe iCopa Coca Cola U/15 Cup ngeledlule eFree State ihlula iJL Dube yaseNanda enyakatho yeTheku ngo-2-1 kowamanqam­u. Lesi sikole sinobudlel­wano neDowns okwenza sidlale ibhola elisezinge­ni eliphezulu.

URonnie Moroka ololonga isikwati soSuthu esigijima kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC) ukuqinisek­isile ukuthi abadlali beGlenwood ngabale kilabhu.

“Labo badlali bakhokhelw­a wuSuthu imali yokufunda. Banezinkon­tileka nekilabhu. Sinobuhlob­o obude nalesiya sikole. Sijabulile ngoba bakwazile ukufinyele­la kowamanqam­u. Ukwenza kahle kwabo kulo mqhudelwan­o kwenza sibone ukuthi liqhakazil­e ikusasa loSuthu. Inhloso yethu wukuthi bajwayele ukudlala imiqhudelw­ano ehlukene ukuze baqine ukhakhayi ngaphambi kokuba bazodlalel­a ikilabhu ngokugcwel­e,” kusho uMoroka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa