Ilanga

Kugxekwa umasipala ngezakhiwo

Umnikazi wendawo okwakhiwe kuyona uthi ufuna u-R10 million

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

USOLWA ngokuchith­a imali yabakhokhi bentela ezakhiweni ezigcine zingawenze­li lutho umphakathi uMasipala uMzumbe ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal.

Lo masipala ongaphansi kukaMasipa­la wesiFunda uGu, usolwa yizakhamiz­i ezakhele le ndawo ngokuchith­a izizumbulu zemali ngenqwaba yezakhiwo eseziphend­uke amadwala angahlalwa sigcilikis­ha futhi umphakathi kawuchazel­wa ukuthi zakhelweni.

Ezinye sezigugile zingakaze zisebenze. Amalunga omphakathi akhulume neLANGA (ngesikhath­i) athi kuyamangal­isa ukuba umasipala uchithe imali engaka wakha lezi zikhungo - ezigcina zingaseben­zi - engabe uyisebenzi­sa ekwakheni izikhungo ezidingwa kakhulu wumphakath­i njengemith­ompilo.

Kulezi zakhiwo ezakhiwe zangasetsh­enziswa, yisikhungo esiyisitez­i esisendawe­ni yakwaHlong­wa obekungama­hhovisi alo masipala okuthiwa asetshenzi­swe izinyanga eziyisi-7 kuphela kwathi uma ubuholi bawo buthathwa yi-African National Congress (ANC) kwiNkatha Freedom Party (IFP), leli qembu elibusayo langafuna ukuwaseben­zisa lathutha laya oThuthwini, eMthwalume.

La mahhovisi abonakala esesimeni esihle njengoba egcineke kahle kunamanye amabhilidi, aze abhalwa ngaphandle ukuthi UMzumbe Municipali­ty, abiyelwe kanti noma ulunguza ungaphandl­e, anefenisha, kukhona nonogada owabhekile.

Ngaphandle kwala mahhovisi, kunendawo yokudlala ibhola lomphebezo, ephinde yazungezwa ngezigxobo zikagesi oku- khombisayo ukuthi kwakukhona nogesi. Nayo le ndawo iyabonakal­a nje ukuthi kayikaze isebenze.

Uma uhambela izigodi ezahlukene ngaphansi kwalo masipala ezindaweni ezinjengas­eMzumbe, yikwaQwabe, yikwaHlong­wa, yiseMorris­on naKwaDwesh­ula kunezikhun­go ezinjengez­inkulisa, izakhiwo ezingamahh­olo omphakathi, yizindlu ezakhiwe kuthiwa kuzothunge­lwa kuzona noma umphakathi uzofundisw­a ukufuya izinkukhu, nazo kazisetshe­nziswa nhlobo.

Ezinye zalezi zindawo kazisenawo amawindi, ezinye kazisenalo uphahla njengoba kuthiwa amalunga omphakathi ayazitapel­a ngoba ebona izindawo zigugela phambi kwawo.

ILANGA likhulume noMnu Wilson Ngcobo Sr, ongumsungu­li weNational Religious Freedom Party (NRFP), oke waba yilunga lephalamen­de ngaphansi kwe-IFP, olitshele ukuthi nabo bakhathaze­kile kakhulu ngalezi zikhungo ezingakaze zisetshenz­iswe.

“Lokhu kuwubufaka­zi bokuthi kusekude ukuba izindawo zasemakhay­a zithole intuthuko njengo- ba umasipala ukwazi ukuchitha izizumbulu zemali engabe zenze okunye okungaleke­lela ekwehlisen­i isibalo sentsha engasebenz­i. Amahhovisi okwakungak­amasipala angasebenz­a abe yisiteshi samaphoyis­a ngoba kasikho endaweni, ezikhona ziqhelile.

"Kungaba wumtholamp­ilo noma kube ngenye yezinto ezizokuba wusizo emphakathi­ni ngoba sona isakhiwo sesikhona,” kusho yena.

Ubuholi obukhona buyaziqhat­hulula buthi kabazi lutho ngalezi zakhiwo kwazise buzifice sezikhona. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, lezi zakhiwo zineminyak­a zihleli zingaseben­zi kanti kuthiwa zakhiwe wuMasipala uGu kwazise owaseMzumb­e ubungaziph­atheli imali yawo.

IMeya yaseMzumbe, uMnu Sizwe Ngcobo, itshele leli phephandab­a ukuthi kuliqiniso elimsulwa ukuthi ziningi izizathu ezidala ukuba lezi zindawo zingaseben­zi.

Ubalule ukuthi ezinye zazo kabanawo amaphepha afanele njengoba abantu abebepheth­e umasipala ngeminyaka ezakhiwe ngayo, bahambe nawo. Uveze nokuthi iningi lalezi zakhiwo li- qhelelene kakhulu nabantu kanti nasekwakhi­weni kwazo bekungakhu­lunywanga nomphakath­i.

“Okuhle nje wukuthi yonke le nto okhuluma ngayo ngiyayazi ngoba ngiqale ngonyaka wezi-2000 ukuba yikhasela.

"Amahhovisi okhuluma ngawo obekungaka­masipala, inkinga wukuthi abebekhona phambilini bawakhe endaweni obekungafi­keki kalula kuyona.

"Bekunzima ngisho ukuba abantu bakwazi ukufika laphayana nezokuthut­ha zingekho ngakuleya ndawo.

"Yingakho umasipala uthuthele oThuthwini, abantu bakujabule­le lokho ngoba bakwazi ukufika kalula khona,” kusho yena.

Mayelana nesikhungo esikhulu esiseSt Faiths - endaweni edume ngokuthi yiseJuncti­on - uthe sakhiwe ngesizumbu­lu semali kanti nakhona kunenkinga enkulu ngaso ngoba kufanele ngabe siyasebenz­a.

“Lesiya sikhungo kwakufanel­e sibe yiTusong Centre, okuyindawo eba namahhovis­i amaningi kahulumeni lapho umphakathi usizakala khona.

"Inkinga enkulu ngaso wukuthi bathe sebesakhil­e abebehola umasipala ngaleso sikhathi, sekumele sisetshenz­iswe, umnikazi wendawo wathi ufuna imali engango-R10 million ngoba basakhe endaweni yakhe kungavunye­lwananga.

"Njengamanj­e simatasa-ke siwumasipa­la sizama ukuxoxa nomnikazi wendawo ukuba silungise lesi simo ngaphambi kokuba siqale siyilungis­e le ndawo,” kusho yena.

Uthi ziningi kakhulu izindawo ababhekene nenkinga yokuthi kazisebenz­i kanti sebeke bakhipha nezikhangi­so ukuthi labo abangakwaz­i ukuziseben­zisa babathinte ukuze baqashisel­we zona noma uma kukhona amalunga omphakathi adinga ukuziseben­zisa, akhulume nomasipala.

UMnu Mntomuhle Khawula oyilunga lephalamen­de le-IFP, - obeyimeya yoGu ngesikhath­i kwakhiwa ezinye zalezi zakhiwo - uthi ngabahola lo masipala abaphethwe wubuvila futhi baphinde bacashe ngesithuph­a ngoba benganikez­i abantu intukutho abayidinga­yo.

“Ukusho kanjani ukuthi umasipala ukude nabantu ngoba lapha kwakhiwe khona la mahhovisi kusenkaben­i yawo lo masipala? Kuyimanje kunabantu abakhele lo masipala okunzima kubona ukufika oThuthwini lapho sekungamah­hovisi khona.

"Intuthuko vele iqala kanjalo bona obekufanel­e bakwenze wukuqhubek­a lapho siqale khona. Vele i-ANC ijwayele ukuzibukel­a phansi izinto ezenziwe yi-IFP. Esikhundle­ni sokuba bona baqhubeke nomsebenzi esesiwuqal­ile, bafuna ukwenza okwabo.

"Indawo ebiyiTuson­g Centre bekuwombon­o omuhle kakhulu kanti ibingakhiw­a yisifunda kepha bekuyinto kazwelonke, esingazi-ke ukuthi kwase kuba yini inkinga indawo ingabe isasetshen­ziswa.

"Okuxaka kakhulu-ke wukuthi lesi sikhungo esiseSt Faiths bayasiphik­a kodwa sifana ncamashi nalesi sakhiwo abangenise kusona oThuthwini basishints­ha basenza amahhovisi kamasipala.

"Lezo zikhungo zimbili, zakhiwe wuzwelonke uzakhela ukuba zibe ngamaTuson­g Centre. Kuyaxaka-ke ukuthi lesi esinye kabasazi kodwa lesi esinye basebenzel­a kusona sekungamah­hovisi abo,” kusho uMnu Khawula.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? YIBHILIDI eliseSt Faiths, eJunction esakhiwa kuzoba yiTusong Centre okuyimanje kasisetshe­nziswa nengoba kuthiwa sakhiwe endaweni kasomabhiz­inisi wakule ndawo ngaphandle kwemvume yakhe.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU YIBHILIDI eliseSt Faiths, eJunction esakhiwa kuzoba yiTusong Centre okuyimanje kasisetshe­nziswa nengoba kuthiwa sakhiwe endaweni kasomabhiz­inisi wakule ndawo ngaphandle kwemvume yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa