Kugxekwa umasipala ngezakhiwo
Umnikazi wendawo okwakhiwe kuyona uthi ufuna u-R10 million
USOLWA ngokuchitha imali yabakhokhi bentela ezakhiweni ezigcine zingawenzeli lutho umphakathi uMasipala uMzumbe ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.
Lo masipala ongaphansi kukaMasipala wesiFunda uGu, usolwa yizakhamizi ezakhele le ndawo ngokuchitha izizumbulu zemali ngenqwaba yezakhiwo eseziphenduke amadwala angahlalwa sigcilikisha futhi umphakathi kawuchazelwa ukuthi zakhelweni.
Ezinye sezigugile zingakaze zisebenze. Amalunga omphakathi akhulume neLANGA (ngesikhathi) athi kuyamangalisa ukuba umasipala uchithe imali engaka wakha lezi zikhungo - ezigcina zingasebenzi - engabe uyisebenzisa ekwakheni izikhungo ezidingwa kakhulu wumphakathi njengemithompilo.
Kulezi zakhiwo ezakhiwe zangasetshenziswa, yisikhungo esiyisitezi esisendaweni yakwaHlongwa obekungamahhovisi alo masipala okuthiwa asetshenziswe izinyanga eziyisi-7 kuphela kwathi uma ubuholi bawo buthathwa yi-African National Congress (ANC) kwiNkatha Freedom Party (IFP), leli qembu elibusayo langafuna ukuwasebenzisa lathutha laya oThuthwini, eMthwalume.
La mahhovisi abonakala esesimeni esihle njengoba egcineke kahle kunamanye amabhilidi, aze abhalwa ngaphandle ukuthi UMzumbe Municipality, abiyelwe kanti noma ulunguza ungaphandle, anefenisha, kukhona nonogada owabhekile.
Ngaphandle kwala mahhovisi, kunendawo yokudlala ibhola lomphebezo, ephinde yazungezwa ngezigxobo zikagesi oku- khombisayo ukuthi kwakukhona nogesi. Nayo le ndawo iyabonakala nje ukuthi kayikaze isebenze.
Uma uhambela izigodi ezahlukene ngaphansi kwalo masipala ezindaweni ezinjengaseMzumbe, yikwaQwabe, yikwaHlongwa, yiseMorrison naKwaDweshula kunezikhungo ezinjengezinkulisa, izakhiwo ezingamahholo omphakathi, yizindlu ezakhiwe kuthiwa kuzothungelwa kuzona noma umphakathi uzofundiswa ukufuya izinkukhu, nazo kazisetshenziswa nhlobo.
Ezinye zalezi zindawo kazisenawo amawindi, ezinye kazisenalo uphahla njengoba kuthiwa amalunga omphakathi ayazitapela ngoba ebona izindawo zigugela phambi kwawo.
ILANGA likhulume noMnu Wilson Ngcobo Sr, ongumsunguli weNational Religious Freedom Party (NRFP), oke waba yilunga lephalamende ngaphansi kwe-IFP, olitshele ukuthi nabo bakhathazekile kakhulu ngalezi zikhungo ezingakaze zisetshenziswe.
“Lokhu kuwubufakazi bokuthi kusekude ukuba izindawo zasemakhaya zithole intuthuko njengo- ba umasipala ukwazi ukuchitha izizumbulu zemali engabe zenze okunye okungalekelela ekwehliseni isibalo sentsha engasebenzi. Amahhovisi okwakungakamasipala angasebenza abe yisiteshi samaphoyisa ngoba kasikho endaweni, ezikhona ziqhelile.
"Kungaba wumtholampilo noma kube ngenye yezinto ezizokuba wusizo emphakathini ngoba sona isakhiwo sesikhona,” kusho yena.
Ubuholi obukhona buyaziqhathulula buthi kabazi lutho ngalezi zakhiwo kwazise buzifice sezikhona. Ngokuthola kwaleli phephandaba, lezi zakhiwo zineminyaka zihleli zingasebenzi kanti kuthiwa zakhiwe wuMasipala uGu kwazise owaseMzumbe ubungaziphatheli imali yawo.
IMeya yaseMzumbe, uMnu Sizwe Ngcobo, itshele leli phephandaba ukuthi kuliqiniso elimsulwa ukuthi ziningi izizathu ezidala ukuba lezi zindawo zingasebenzi.
Ubalule ukuthi ezinye zazo kabanawo amaphepha afanele njengoba abantu abebephethe umasipala ngeminyaka ezakhiwe ngayo, bahambe nawo. Uveze nokuthi iningi lalezi zakhiwo li- qhelelene kakhulu nabantu kanti nasekwakhiweni kwazo bekungakhulunywanga nomphakathi.
“Okuhle nje wukuthi yonke le nto okhuluma ngayo ngiyayazi ngoba ngiqale ngonyaka wezi-2000 ukuba yikhasela.
"Amahhovisi okhuluma ngawo obekungakamasipala, inkinga wukuthi abebekhona phambilini bawakhe endaweni obekungafikeki kalula kuyona.
"Bekunzima ngisho ukuba abantu bakwazi ukufika laphayana nezokuthutha zingekho ngakuleya ndawo.
"Yingakho umasipala uthuthele oThuthwini, abantu bakujabulele lokho ngoba bakwazi ukufika kalula khona,” kusho yena.
Mayelana nesikhungo esikhulu esiseSt Faiths - endaweni edume ngokuthi yiseJunction - uthe sakhiwe ngesizumbulu semali kanti nakhona kunenkinga enkulu ngaso ngoba kufanele ngabe siyasebenza.
“Lesiya sikhungo kwakufanele sibe yiTusong Centre, okuyindawo eba namahhovisi amaningi kahulumeni lapho umphakathi usizakala khona.
"Inkinga enkulu ngaso wukuthi bathe sebesakhile abebehola umasipala ngaleso sikhathi, sekumele sisetshenziswe, umnikazi wendawo wathi ufuna imali engango-R10 million ngoba basakhe endaweni yakhe kungavunyelwananga.
"Njengamanje simatasa-ke siwumasipala sizama ukuxoxa nomnikazi wendawo ukuba silungise lesi simo ngaphambi kokuba siqale siyilungise le ndawo,” kusho yena.
Uthi ziningi kakhulu izindawo ababhekene nenkinga yokuthi kazisebenzi kanti sebeke bakhipha nezikhangiso ukuthi labo abangakwazi ukuzisebenzisa babathinte ukuze baqashiselwe zona noma uma kukhona amalunga omphakathi adinga ukuzisebenzisa, akhulume nomasipala.
UMnu Mntomuhle Khawula oyilunga lephalamende le-IFP, - obeyimeya yoGu ngesikhathi kwakhiwa ezinye zalezi zakhiwo - uthi ngabahola lo masipala abaphethwe wubuvila futhi baphinde bacashe ngesithupha ngoba benganikezi abantu intukutho abayidingayo.
“Ukusho kanjani ukuthi umasipala ukude nabantu ngoba lapha kwakhiwe khona la mahhovisi kusenkabeni yawo lo masipala? Kuyimanje kunabantu abakhele lo masipala okunzima kubona ukufika oThuthwini lapho sekungamahhovisi khona.
"Intuthuko vele iqala kanjalo bona obekufanele bakwenze wukuqhubeka lapho siqale khona. Vele i-ANC ijwayele ukuzibukela phansi izinto ezenziwe yi-IFP. Esikhundleni sokuba bona baqhubeke nomsebenzi esesiwuqalile, bafuna ukwenza okwabo.
"Indawo ebiyiTusong Centre bekuwombono omuhle kakhulu kanti ibingakhiwa yisifunda kepha bekuyinto kazwelonke, esingazi-ke ukuthi kwase kuba yini inkinga indawo ingabe isasetshenziswa.
"Okuxaka kakhulu-ke wukuthi lesi sikhungo esiseSt Faiths bayasiphika kodwa sifana ncamashi nalesi sakhiwo abangenise kusona oThuthwini basishintsha basenza amahhovisi kamasipala.
"Lezo zikhungo zimbili, zakhiwe wuzwelonke uzakhela ukuba zibe ngamaTusong Centre. Kuyaxaka-ke ukuthi lesi esinye kabasazi kodwa lesi esinye basebenzela kusona sekungamahhovisi abo,” kusho uMnu Khawula.