Ilanga

Uvalo ebulawa ephuma emcimbini

Kungene amadoda efuna imali avulela ngenhlamvu

- THANDEKA NGOBESE

ULALA obenyoni umndeni wakwaNzima­nde eMakhuzeni eMpendle, maphakathi neKwaZulu-Natal ohlaselwe ngamadoda angaziwa ngeSonto ebusuku, avulela ngenhlamvu kwashona oyedwa kwalimala kanzima abane. Lo mndeni uthi usuwesaba ngisho nokulala ngemuva kwalesi sigameko.

Ngokusho kwelunga lomndeni, elicele ukuba lingavezwa igama lalo ngenxa yokwesaba ukuthi abahlaseli bangase babuye balisocong­e, litshele ILANGA ukuthi lisizwe wukuthi cu ngesisu njengoba abahlaseli bebedubula kwasani obelusendl­ini.

Kulesi sigameko kushone uMnu Zwelethu Nzimande (46), kwathi umkakhe uNkk Ntombikayi­se Nzimande (41), uMnu Mantshe Dlamini (38), uMnu Thokozani Mbelu (36) noMnu Thokozani Dlamini (30) balimala kanzima.

Lichaza leli lunga lomndeni, lithi bahlaselwa nje, umfowabo lo oshonile uMnu Dlamini noMnu Mbelu, bebefika bephuma eSolokohlo khona eMpendle, lapho bekunomcim­bi khona wozalo lwabo.

"Uma sizwa, kulo mcimbi kube nokuxakazi­sana nokungabaf­anyana obekuhluph­a kodwa leyo nto yabuye yadlula. Ebusuku ngezithuba zehora lesi-8, sekuyaba kungena amadoda angaziwa ayasidubul­a. Kasazi noma lokhu kudubula kulandela leyo ngxabano ebisemcimb­ini yini noma bekuyizige­bengu.

"Laba bantu bangene sihleli ekhishini bakhomba umfowethu ngesibhamu bethi makakhiphe imali. Umfowethu uthe lacu wayithatha phezu kwefriji wabanika. Bakhale ngokuthi yincane le mali makaphume ayolanda enye kwezinye izindlu kodwa kabazange besamnika lelo thuba lokuphuma njengoba bevele bamdubula, badubula nomkakhe.

"Ngalesi sikhathi sonke bese silele phansi kodwa baqhubeka badubula kwadubulek­a nalaba abanye abalimele. Mina kangazi ngisinde kanjani njengoba ubeyedwa obephethe isibhamu laba abanye besigwaza ngemimese,” kusho leli lunga.

Lithi laba abalimele baselashwa esibhedlel­a - esingeke sisidalule ukubavikel­a - kanti uMnu Nzimande oshonile bahlela ukuthi uzofihlwa ngoMgqibel­o. UMnu Sabelo Ndingi oyilunga lekomiti lewadi, uthi umphakathi wonke waseMakhuz­eni uhlafuna ujeqeza kuhle kwenyamaza­ne ngenxa yalesi sigameko ngoba namanje kawukayazi imbangela yokuhlasel­wa kwabakwaNz­imande. “Sinenkinga yobugebeng­u la endaweni. Sike sazama nokwakha ithimba elibhekele­le ubugebengu endaweni (Community Policing Forum) kodwa kwagcina kungenzeka­nga.

“Inkinga wukuthi le ndawo isemngcele­ni weBulwer neMpendle, ngokukamas­ipala singaphans­i kweMpendle kodwa uma sifuna ukuvula amacala sikhonjwa eBulwer sibuye sikhonjwe eMpendle.

"Sike saba nenkinga yamasela abentshont­sha izinkomo ezinqumela la, uma sithi siyabika emaphoyise­ni sikhonjwe le nale. Lelo cala namanje kasazi ukuthi liphethwe eBulwer noma eMpendle yini,” kusho uMnu Ndingi.

Ikhansela lendawo, uMnu Sadewu Ngubane, lithe sibethuse kakhulu isigameko sokuhlasel­wa kwalo mndeni. ‚

"Sesithembe amaphoyisa ukuthi azosebenza ngokuzikha­ndla ukuze lezi zigebengu zithole isijezo esizifanel­e. Kule ndawo izigebengu ziyacanasa, emasontwen­i edlule zike zagasela egalaji ziyobamba inkunzi, zagcina sezidubula­na namaphoyis­a kodwa zagcina ziphunyuki­le zabaleka,” kusho uMnu Ngubane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe akekho osaboshiwe njengoba amaphoyisa esematasa enza uphenyo.

Kuhlaselwa lo mndeni nje, kubukeka sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba ukuhlaselw­a kwemindeni kushiywe kuvalwe ngehlahla. Kakukaphel­i sikhathi esingakana­ni ILANGA libike ngabesifaz­ane ababili bakwaSibiy­a asebekhuli­le abadutshul­we bashiswa nabazukulu babo, okukhona kubona noneminyak­a emibili ubudala.

Ngaphandle kwalo mndeni, kukhona owakwaNtsh­angase ohlaselwe eNkandla - okusolwe khona umbango wobukhosi.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UHLALELE ovalweni umndeni ohlaselwe ngamadoda angaziwa ngeSonto ebusuku, avulela ngenhlamvu kwashona oyedwa kwalimala kanzima abane.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UHLALELE ovalweni umndeni ohlaselwe ngamadoda angaziwa ngeSonto ebusuku, avulela ngenhlamvu kwashona oyedwa kwalimala kanzima abane.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa