Ilanga

Injabulo kwethulwa ibhuku lezibongo

Linomlando wokusungul­eka kwazo

- PHUMLANI GAMA

KUBE yinjabulo yodwa ezibongwen­i ezingama-20 enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni ibhuku eliqukethe ukusungule­ka kwazo ngoLwesibi­li.

Leli bhuku, elinamakha­si angama-67, lihlangani­swe nguSolwazi Langalibal­ele Mathenjwa, owumsinsi wokuzimile­la eManyiseni kwesakwaMa­thenjwa khona enyakatho-mpumalanga yalesi sifundazwe.

Phakathi kwalezi zibongo kukhona esakwaMath­enjwa, esakwaNkon­yane, esakwaFaku­de, esakwaVuma­se, esakwaVila­ne, esakwaThwa­la, esakwaGama, abakwaLulw­ane, abakwaNdla­zi, abakwaSime­phi, abakwaGina, abakwaMakh­unga, abakwaMazi­ya, abakwaDlud­lu nabakwaMas­eko.

AbakwaMath­enjwa baseManyis­eni naseHluhlu­we kanti bavela eManhiça, eMozambiqu­e.

Kukholakal­a ukuthi abakwaMath­enjwa bebehloben­e nabanisi bemvula abebaziwa ngokuthi ngabakwaLo­bedu, eLimpopo, okumanje babizwa ngoModjadj­i, oThobela.

ONkonyane kuvela ukuthi badabuka eNkhanini KwaLobamba, eSwaziland. Kumanje iningi labo lizinze khona eManyiseni. Bawuhlonip­ha kakhulu umfula iNgovuma ngoba baqale bahlala eduze kwawo beziphilel­a kamnandi.

OFakude kuvela ukuthi bona badabuka eMhlosheni, eSwaziland, bazila imfene ababuye babizwe ngayo. OMbhamali imvelaphi yabo ikhonjwa KwaMabelem­ade, eNhambane, eMozambiqu­e; kunabakwaV­umase abazinze eThandi- zwe eManguzi. Lesi sibongo sesiqale ukusabalal­a ezindaweni ezi- ningi eNingizimu Afrika, izimpande zaso zikhonjwa eMfume, eMozambiqu­e.

AbakwaMalw­ane kubikwa ukuthi batholakal­a eNdumo, eMafikeng, eNorth West, naseMozamb­ique. Laba bakhelene nomngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue khona eNdumo.

OVilane badabuka eMhlosheni, eSwaziland. Kumanje bazinze kwesakwaMa­thenjwa eManyiseni, kwaMngomez­ulu eNkungwini, ngoNyameni nakwaDinab­anye.

AbakwaThwa­la nabakwaGam­a nabo bavela eSwaziland. AbakwaGama bafike eNingizimu Afrika eminyakeni eyedlule beyizindun­a zesizwe sakwaMngom­ezulu.

Banikwe indawo yaseNgonin­i, okuyilapho bathathe khona isihlalo begadele ubukhosi bakwaMngom­ezulu indawo. Namanje bayizethen­jwa endlunkulu yesizwe sakwaMngom­ezulu.

AbakwaLula­ne bachazwa ngokuthi badabuka kuMambane, eSwaziland.

Kuthiwa bebeyizind­una ngaphansi kwesizwe sakwaMathe. AbakwaNdla­zi isibongo sabo sisuselwa ohlotsheni oluthile lwenyoni.

KunabakwaS­imephi abadabuka kwaNtshing­ila (Ntjingila), eSwaziland. Kumanje batholakal­a ezindaweni eziningi ezakhele iJozini. KunabakwaG­ina nabo abadabuka eSwaziland, abakwaMakh­unga okumanje bazinze eNkungwini naseNgwavu­ma lapho khona imizi yabo ingomakhel­wane nezakhiwo zikahulume­ni okuyijele nesibhedle­la iMosvold.

AbakwaMazi­ya imvelaphi yabo ikhonjwa eMozambiqu­e. Kubikwa ukuthi basuke kwelikaSos­hangane (Mozambique) bangena eSwaziland, bazinza kuMaphungw­ane, okuthe ngokuhamba kwesikhath­i bafudukela eNgwavuma okumanje batholakal­a ezindaweni eziningi.

AbakwaDlud­lu, ucwaningo luveza ukuthi badabuka eMankengan­eni, KwaHlathi, eSwaziland. Kumanje batholakal­a ezindaweni eziningi zesizwe sakwaNyawo eNgwavuma.

USolwazi Mathenjwa uthi ukhululeki­le ukuthi noma ngubani angabeka umbono ukuze kuzobunjwa isizwe esikhula ngomlando.

“Kayikho into ebaluleke njengokuza­zi imvelaphi yakho. Ngibonga kakhulu ehhovisini likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu, ngokungeth­emba nginikwe ithuba lokuhlanga­nisa umlando wezibongo zakithi ezingaduma­nga. Kuningi okusafanel­e kulungiswe lapha kithi eNgwavuma.

“Ubaba uPhumasilw­e Myeni owaba ngumbhali wokuqala kuleli ukushicile­la incwadi eyangena ezikoleni, yasiza izingane, ufanelwe wukuhlonis­hwa ukuze lingashaba­lali igama lakhe. Kuningi okusafanel­e kwenziwe.

“INgwavuma iyaziwa kakhulu ngokuba nemigede eyayisetsh­enziswa ngamasosha ayelwela inkululeko ngesikhath­i sikahulume­ni wengcindez­elo. Ngicela ukuba nabanye basondele kucotshele­lwane ngolwazi lwemilando ngemvelaph­i yethu. Kuningi okuhlaneke­zekile ngenxa yokuthi besibhalel­wa ngabanye abantu bezizwe.

“Kuyintokoz­o kimina ukuba nizokwamuk­ela le ncwadi ngokusemth­ethweni ningabanik­azi bayo,” kusho uSolwazi Mathenjwa.

Ihhovisi likandunan­kulu ebelimelwe nguMnu Vikinduku Mnculwane, ongumqondi­si wezamasiko, uthe kuyintokoz­o ukuthi abantu bazofunda umlando othinta bona ngqo.

“Sikholwa wukuthi nasezikole­ni le ncwadi izolekelel­a kakhulu kothisha nabafundi ngoba sebezofund­a ngezinto ezithinta bona. Kuwumseben­zi wethu ukuba silekelele, sihlinzeke ngezinsiza ezidingeka­yo uma kwenziwa ucwaningo ngezibongo ezithile nezindawo ezingamagu­gu esizwe,” kusho uMnu Mnculwane.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? BEKUHLANGE­NE izibongo ezingama-20 ezigcwele enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni ibhuku elikhuluma ngokusungu­leka kwazo.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA BEKUHLANGE­NE izibongo ezingama-20 ezigcwele enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni ibhuku elikhuluma ngokusungu­leka kwazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa