Injabulo kwethulwa ibhuku lezibongo
Linomlando wokusunguleka kwazo
KUBE yinjabulo yodwa ezibongweni ezingama-20 enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni ibhuku eliqukethe ukusunguleka kwazo ngoLwesibili.
Leli bhuku, elinamakhasi angama-67, lihlanganiswe nguSolwazi Langalibalele Mathenjwa, owumsinsi wokuzimilela eManyiseni kwesakwaMathenjwa khona enyakatho-mpumalanga yalesi sifundazwe.
Phakathi kwalezi zibongo kukhona esakwaMathenjwa, esakwaNkonyane, esakwaFakude, esakwaVumase, esakwaVilane, esakwaThwala, esakwaGama, abakwaLulwane, abakwaNdlazi, abakwaSimephi, abakwaGina, abakwaMakhunga, abakwaMaziya, abakwaDludlu nabakwaMaseko.
AbakwaMathenjwa baseManyiseni naseHluhluwe kanti bavela eManhiça, eMozambique.
Kukholakala ukuthi abakwaMathenjwa bebehlobene nabanisi bemvula abebaziwa ngokuthi ngabakwaLobedu, eLimpopo, okumanje babizwa ngoModjadji, oThobela.
ONkonyane kuvela ukuthi badabuka eNkhanini KwaLobamba, eSwaziland. Kumanje iningi labo lizinze khona eManyiseni. Bawuhlonipha kakhulu umfula iNgovuma ngoba baqale bahlala eduze kwawo beziphilela kamnandi.
OFakude kuvela ukuthi bona badabuka eMhlosheni, eSwaziland, bazila imfene ababuye babizwe ngayo. OMbhamali imvelaphi yabo ikhonjwa KwaMabelemade, eNhambane, eMozambique; kunabakwaVumase abazinze eThandi- zwe eManguzi. Lesi sibongo sesiqale ukusabalala ezindaweni ezi- ningi eNingizimu Afrika, izimpande zaso zikhonjwa eMfume, eMozambique.
AbakwaMalwane kubikwa ukuthi batholakala eNdumo, eMafikeng, eNorth West, naseMozambique. Laba bakhelene nomngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambique khona eNdumo.
OVilane badabuka eMhlosheni, eSwaziland. Kumanje bazinze kwesakwaMathenjwa eManyiseni, kwaMngomezulu eNkungwini, ngoNyameni nakwaDinabanye.
AbakwaThwala nabakwaGama nabo bavela eSwaziland. AbakwaGama bafike eNingizimu Afrika eminyakeni eyedlule beyizinduna zesizwe sakwaMngomezulu.
Banikwe indawo yaseNgonini, okuyilapho bathathe khona isihlalo begadele ubukhosi bakwaMngomezulu indawo. Namanje bayizethenjwa endlunkulu yesizwe sakwaMngomezulu.
AbakwaLulane bachazwa ngokuthi badabuka kuMambane, eSwaziland.
Kuthiwa bebeyizinduna ngaphansi kwesizwe sakwaMathe. AbakwaNdlazi isibongo sabo sisuselwa ohlotsheni oluthile lwenyoni.
KunabakwaSimephi abadabuka kwaNtshingila (Ntjingila), eSwaziland. Kumanje batholakala ezindaweni eziningi ezakhele iJozini. KunabakwaGina nabo abadabuka eSwaziland, abakwaMakhunga okumanje bazinze eNkungwini naseNgwavuma lapho khona imizi yabo ingomakhelwane nezakhiwo zikahulumeni okuyijele nesibhedlela iMosvold.
AbakwaMaziya imvelaphi yabo ikhonjwa eMozambique. Kubikwa ukuthi basuke kwelikaSoshangane (Mozambique) bangena eSwaziland, bazinza kuMaphungwane, okuthe ngokuhamba kwesikhathi bafudukela eNgwavuma okumanje batholakala ezindaweni eziningi.
AbakwaDludlu, ucwaningo luveza ukuthi badabuka eMankenganeni, KwaHlathi, eSwaziland. Kumanje batholakala ezindaweni eziningi zesizwe sakwaNyawo eNgwavuma.
USolwazi Mathenjwa uthi ukhululekile ukuthi noma ngubani angabeka umbono ukuze kuzobunjwa isizwe esikhula ngomlando.
“Kayikho into ebaluleke njengokuzazi imvelaphi yakho. Ngibonga kakhulu ehhovisini likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu, ngokungethemba nginikwe ithuba lokuhlanganisa umlando wezibongo zakithi ezingadumanga. Kuningi okusafanele kulungiswe lapha kithi eNgwavuma.
“Ubaba uPhumasilwe Myeni owaba ngumbhali wokuqala kuleli ukushicilela incwadi eyangena ezikoleni, yasiza izingane, ufanelwe wukuhlonishwa ukuze lingashabalali igama lakhe. Kuningi okusafanele kwenziwe.
“INgwavuma iyaziwa kakhulu ngokuba nemigede eyayisetshenziswa ngamasosha ayelwela inkululeko ngesikhathi sikahulumeni wengcindezelo. Ngicela ukuba nabanye basondele kucotshelelwane ngolwazi lwemilando ngemvelaphi yethu. Kuningi okuhlanekezekile ngenxa yokuthi besibhalelwa ngabanye abantu bezizwe.
“Kuyintokozo kimina ukuba nizokwamukela le ncwadi ngokusemthethweni ningabanikazi bayo,” kusho uSolwazi Mathenjwa.
Ihhovisi likandunankulu ebelimelwe nguMnu Vikinduku Mnculwane, ongumqondisi wezamasiko, uthe kuyintokozo ukuthi abantu bazofunda umlando othinta bona ngqo.
“Sikholwa wukuthi nasezikoleni le ncwadi izolekelela kakhulu kothisha nabafundi ngoba sebezofunda ngezinto ezithinta bona. Kuwumsebenzi wethu ukuba silekelele, sihlinzeke ngezinsiza ezidingekayo uma kwenziwa ucwaningo ngezibongo ezithile nezindawo ezingamagugu esizwe,” kusho uMnu Mnculwane.