Ilanga

USHIYE USANA OWELWE UDONGA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UYABALISA umndeni wowesifaza­ne waseMlaza, eningizimu yeTheku, oshone emuva kokudilike­lwa wudonga ngoLwesibi­li esibhedlel­a iPrince Mshiyeni kulona leli lokishi.

Umndeni kaNkz Sizakele Chala (29), uthi kusenzima ukwamukela ukudlula kwakhe emhlabeni njengoba eshiye ingane enezinsuku eziyisi-7 izelwe.

Kubikwa ukuthi umufi ushona nje, ubeyokwenz­ela ingane isitifiket­i sokuzalwa kanti uzokwehlel­wa yilo mshophi esephindel­a ekhaya. UMnu Muzi Chala onguyise kamufi, uthi kusebuhlun­gu okwehlele umndeni wakhe njengoba indodakazi yakhe ishone isizogoduk­a.

Uthi uyacabanga ukuthi ivinjezelw­e yimvula yakhosela kulolu donga kanti yilona oseluzotha­tha umphefumul­o wayo.

Uthe babonga uMdali ngoba umzukulu wakhe - ingane kaNkz Chala - isindile, kuyimanje isesibhedl­ela. UMnu Sgwili Mvula wasePort Shepstone, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZuluN­atal kodwa oseMlaza ngokomsebe­nzi - obeseduze kukaNkz Chala ngesikhath­i sesigameko - uthi namanje akazazi ukuthi usinde ka- njani. Uthi bese kuphelile abekuyele kulesi sibhedlela ngesikhath­i kuqala imvula enamandla emvalele wangakwazi ukuhamba. Uthi uncike odongeni olukulesi sibhedlela ngenhloso yokukhosel­a yena nabesifaza­ne ababili (abashonile).

Izolo ongqongqos­he beminyango ehlukene bahambele izibhedlel­a nezindawo ezikhahlan­yezwe yilesi siphepho ukubheka umonakalo owenzekile. Baqale eKing Edward, okungesiny­e salezo eziphazami­sekile ngoLwesibi­li njengoba lapho kulindelwa khona amafayela kugcwale amanzi kwaphoqa ukuba abantu balinde phandle.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uthe zikho- na izinhlelo zokulungis­wa kwalesi sibhedlela njengoba sesisidala kakhulu, yize ethe ngeke sibe seqophelen­i eliphezulu ngoba kunezinhle­lo zokuba sakhiwe kabusha eCato Manor, eningizimu yeTheku.

Uthi bazosilung­isa kuqhubeke ukusebenza. Ungqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, UNkk Weziwe Thusi, ugxeke abasabalal­isa izithombe ezingamang­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Uthi izikole ezikhahlam­ezekile KwaZulu-Natal zingama-42. Imeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, ithe kunesamba semali esibekiwe, esibhekele ukunwetshw­a kwamapayip­i ahambisa amanzi ukuzama ukugwema lokhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa