Ilanga

Lubuyela enkantolo olombhisho­bhi

Walahlwa ngamacala angama-574 okukhwaban­isa

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews.co.za

LUBUYELA eNkantolo yamaCala obuGebengu obuHleliwe eThekwini kusasa ngoLwesihl­anu udaba lwesigwebo esiyindida esinikwe uMbhishobh­i Jabulani Mvubu olahlwe ngamacala angama-574 okukhwaban­isa ngoNtulika­zi (July) nonyaka.

Ukubuya kwaleli cala, obese ku- catshangwa ukuthi liphelile, kudalwe yindida yesigwebo esingamaho­ra ayizi-7 000 esikhishwe yimantshi, uNkz Christo Mazibuko, mhla zizine kuNtulikaz­i. Lesi sigwebo imantshi isichaze yathi uMbhishobh­i Mvubu uzodonsa izimpelaso­nto ejele kuphela kuthi phakathi nezinsuku akhululeke ebe ekhokhela izisulu imali ewu-R20 000 njalo ngenyanga zize ziphele izisulu azikweleta imali elinganise­lwa ku-R1.6 million. Lesi sigwebo kasisebenz­anga emuva kokuba izikhulu zejele zicele ukuba imantshi isicacise kahle, okudale ukuba udaba lubuyele enkantolo.

UNkz Mazibuko ukhale ngokungaha­mbisi kahle kukasonhla­lakahle obejutshwe ukwenza izethulo nezincomo zakhe ngalolu daba lapho eveze khona ukuthi ukhulume namadoda amathathu amele izisulu esikhundle­ni sokuba akhulume nazo zonke.

Uthe okuxakayo wukuthi uMbhishobh­i Mvubu usenabo abalandeli abahlala begcwele inkantolo beyomeseka, okuyizimko­mba zokuthi kungenzeka basamethem­ba ukuthi uzozigcina izethembis­o zakhe.

Ngodaba lwebhizini­si likambhish­obhi athe unalo nezimoto ezingama-32, uthe nalapho usonhlalak­ahle akaphenyan­ga ukuze azise inkantolo ukuthi ngabe (leli bhizinisi) likhona yini noma cha. UMbhishobh­i Mvubu uwavumile wonke amacala athweswe wona. Uboshwa nje, yingoba usungule uhlelo olubizwa ngeZuza 4 Life lapho abantu abayisihla­nu bebeqoqa imali engaze ifinyelele ku-R2 500 kumuntu emunye, obekuzobah­lomulisa u-R15 million bazisungul­ele amabhizini­si abo.

Kuthiwa kakwenzeka­nga lokho, abantu abathintek­ayo okubalwa nenhlangan­o ezibiza ngeSivuno samaDunge, bamfaka enkantolo.

Leli cala selihlehle izikhawu eziningi kwenzeka izinto ezixakile uma lizoqulwa. Sekuke kwagula abameli belimala engozini yemoto, abashushis­i, osonhlalak­ahle baphathwe yiziyezi.

Kukho konke lokhu, ubethi uma ebuzwa umbhishobh­i ngezinsolo zokuthi usebenzisa amakhathak­hatha na, athi umsulwa, akaphalazi ngisho nangetiye lodwa leli - naye akazi ukuthi kwenzekani.

Kakwaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngoLwesihl­anu. Naphezu kokuba eseke walahlwa ngelinye icala lokukhwaba­nisa wanikwa isigwebo esilengisi­we kepha wagcina esephulile waphinde wanikwa esinye esilengisi­we kwamanye amacala aphathelen­e nalo leli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa