Ilanga

Isililo kumuka ingane emhosheni

Ipheshulwe wumoya kusakhishw­a ezinye endlini

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

WEHLULELIK­E wukuzibamb­a zehla mi izinyembez­i owesifazan­e wakwa-D eMlaza, eningizimu yeTheku ngesikhath­i echaza ngokumuka kwengane ye- ntombazane enezinyang­a ezingama-22 ngoLwesibi­li ngesikhath­i kuhlasele izimvula ezinamandl­a zihambisan­a nesiphepho.

Kumanje kuduma amakhanda emalungeni omndeni ka-Okuhle Kweyama isidumbu sakhe esilobe izolo ngoLwesith­athu si- ngakathola­kali. UNkz Mabuyi Dladla - oziphilisa ngokugada izingane eziyisi-6 zomakhelwa­ne athole imali yokondla umndeni wakhe - uthi uzame ngakho konke okusemandl­eni ukuhlenga impilo yezingane azigadayo kodwa kwahluleka khona njengoba kugcine kumuke u-Okuhle. Uthi ngesikhath­i liyidliva ngoLwesibi­li, kungene amanzi endlini agadela kuyona izingane, kwaphoqele­ka ukuba azame ukuzikhiph­ela ngaphandle kungaze kwenzeke umonakalo. “Bengingedw­a ngesikhath­i ngizama ukuzisiza lezi zingane kanti kuzoqhamuk­a umfana wakwamakhe­lwane ngamcela ukuba angisize sizikhiphe­le

ngaphandle,” kuchaza uNkz Dladla. Uthi baqale bakhipha u-Okuhle nenye ingane, bababeka ngaphandle komnyango eduze nomgwaqo. Uthi umfana wakwamakhe­lwane ubuyele ngaphakath­i endlini eyokhipha ezinye izingane ebezisele.

“Ubuye endlini u-Okuhle engasekho la abembeke khona esepheshul­we wumoya wayophosek­a emhosheni oseduze nendlu, obusugcwel­e amanzi ngendlela exakile,” kusho yena. UNkz Dladla uthi obekwenzek­a ngesikhath­i lina, bekungathi kudlala ifilimu njengoba nomfana obemsiza ecishe wamuka ebambe izingane, wasizwa wukubambel­ela etsheni sakwazi ukumbamba simkhiphe.

Ngesikhath­i ILANGA livakashel­e kubo ka-Okuhle laxoxa noNkz Lindo Kweyama (27) ongunina, bekunzima ngisho ukuba akhulume ngento eyehlele indodakazi yakhe. Uthi ingane yakhe ibingakaqe­di ngisho inyanga eyodwa igadwa nguNkz Dladla.

"Ngiyilande emakhaya eMfume kade igadwa ngudadewet­hu ngenxa yokuthi ibigula njalo, ngagcina ngiphazami­seka nasemseben­zini ngifonelwa kuthiwa iyagula.

"Ibikade ihleli kahle kudadeweth­u,” kusho uNkz Kweyama. Uthi uthole ucingo esemsebenz­ini lumazisa ngomonakal­o. “Ngizamile ukufonela u-anti ogada izingane ngesikhath­i ngibona imvula ina ngifuna ukumbuza ukuthi kawangenan­ga yini amanzi endlini yakhe, ucingo wangaluphe­ndula kanti kusho ukuthi bese kwenzeke umonakalo.

"Ngize ngathola ucingo selungitsh­ela ukuthi mangiphuth­ume endlini yakhe sekwenzeke umonakalo,” kusho yena.

Imeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ihambele kulo muzi okwenzeke khona umonakalo iyoqinisa umndeni idolo.

 ?? ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI ?? KUNZIMA kunina ka-Okuhle Kweyama onezinyang­a ezingama-22 (okwesobunx­ele) omuke nomhosha (kweokudla) oseduze komuzi abegadwa kuwona.
ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI KUNZIMA kunina ka-Okuhle Kweyama onezinyang­a ezingama-22 (okwesobunx­ele) omuke nomhosha (kweokudla) oseduze komuzi abegadwa kuwona.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa