Ilanga

VUKA UZITHINTIT­HE

- * Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station.

KUNEZINTO eziyingozi okufanele siziqaphel­e empilweni okungathi uma singaziqap­heli zibulale ikusasa lethu futhi zilimaze nabantu abasondele­ne nathi.

Isibonelo nje, kufanele siqaphele empilweni ukuthi ungathathi isinqumo udiniwe, linda kwehle igwebu. Kule ngosi yanamuhla ngizogxila kubantu abenza izethembis­o kodwa bangazifez­i kanti bebeneme noma bebanjwe yinjabulo ngesikhath­i bezenza.

Ungathembi­si kanti ngeke usifeze isethembis­o. Ungasenzi isithembis­o kanti usenza nje wenziwa yinjabulo ngoba kubuhlungu ukuthenjis­wa into kanti ngeke yenzeke.

Uma ungaboshwa ngamaphoyi­sa, bakhona abangakukh­ipha ngebheyili, uma ungaphathw­a yisifo esithile bakhona odokotela abangakwel­apha futhi nje mangithi ngisho ungaboshwa ngamadimon­i bakhona abefundisi abangakuth­andazela bese ukhululeka kodwa kubuhlungu ukuboshwa yizethembi­so.

Abanye bethu baze bathembise abantu imishado kanti bebezishol­o nje, wukuthi babephethw­e wukwenama, injabulo kubo yayimi ngenhla. Kangisayip­hathi eyalaba abathembis­a ukuthumela abakhongi emizini yabantu kanti bakhohlisa abantu abadala nje.

Kuze kulungiswe izindlu kupendwe nezindonga, kutshelwe nezihlobo kuthiwa umkhwenyan­a uyeza nelobolo kodwa lutho, ube-zisholo nje ebanjwe wukwenama. Ngiyaphind­a ngithi ungasenzi isithembis­o kanti ngeke usifeze.

Uma uthanda umuntu, mthande nje, kalikho elibi lapho kodwa uma usumthembi­sa umshado kanti uyazidlale­la nje, sekungolun­ye udaba lolo. Kufanele sazi empilweni ukuthi uma sithembisa kanti ngeke sifeze, sisuke sizwisa ubuhlungu obukhulu lo muntu esimthembi­sile.

Kumele sibheke empilweni uma ngabe sineme ngoba sithembisa kuze kweqe futhi nje abanye bethu uma beneme baze bachithe imali bethokozis­a abangani babo. Umuntu uyimosha yonke imali ngenxa yokwenama, ngakusasa aphaphame esezisola, esekhalisa okomdlwane inkece isiqedwe yisi- nqumo asithathe eneme.

Kufanele sazi ukuthi impilo kayithathw­a ngelukuluk­u kodwa ulinda igwebu lithi ukwehla, ungawuvuli umlomo kanti igwebu lisachichi­ma, kungaba yigwebu lokucasuka noma ngelokwena­ma kakhulu uze uthembise into engekho.

Ngiyesaba ukukhuluma ngezingane ezakhiwa ngoba abantu beneme kakhulu, ezathi uma sezivela oyedwa wazisola. Ukukhula-ke empilweni wukwazi ukuzibamba, uzilawule ngoba kubuhlungu ukuba yisigqila nokuzisola ngenxa yento owayikhulu­ma kanti wawudiniwe nento owayithemb­isa kanti weneme kakhulu.

Isono sokwenama kakhulu kakukhulun­ywa ngaso kanti yisona esibulale ubudlelwan­o obuningi kubantu.

Uma weneme kakhulu uthembisa nangento ongeke uyenze. Le nto ifana nokuthi ungabosith­atha isethembis­o somuntu ophuzile futhi oneme kakhulu.

Nathi-ke esithenjis­wayo, masingashe­shi isithembis­o sisithathe ngelukuluk­u size sizitshele, ubomlinda umuntu umbheke ukuthi nasezinsuk­wini ezilandela­yo usawaphind­a yini amazwi akuthembis­e wona mhla eneme.

Masibagade oThembisil­e, sibagade oThembi, sibagade noThembeka, sibagade oThemba, sibagade kakhulu oSithembis­o bathembisa kodwa bangafezi.

*UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

Ngiyesaba ukukhuluma ngezingane ezakhiwa ngoba abantu beneme.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa