AmaLuthela agubha ama-500 eminyaka
INTAKA ibekelwe amazolo ebandleni lamaLuthela emhlabeni jikelele njengoba kule nyanga kugujwa iminyaka engama-500 lasungulwa.
Ukucandulwa kwebandla kusho umnyakazo owaziwa nge- reformation owenzeka eminyakeni engama-500 eyedlule ebandleni lamaRoma aKhatholika ngesikhathi uMartin Luther owabe engumpristi kuleli bandla, nalabo ababemeseka, bezwakalisa ukungagculiseki ngokwakwenzeka.
Umongo walowo mnyakazo wawumayelana nokubuyiselwa kwemfundiso eqondile ngensindiso. Ngokungabikhona igama lesiZulu elisho i- reformation, lokhu kuhunyushwa ngelithi: “wukucandulwa kwebandla”.
Ngolimi lwesiLathini lowo myalezo wawuqukethwe kulezo ziqubulo ezithi: sola gratia, sola fidei, sola Christus, okuwukuthi insindiso itholwa ngomusa, wukukholwa noKristu.
Umsuka walokhu ngamazwi aKwabase-Efesu 2:1-10. UMartin Luther nalabo ababemeseka, babekholwa wukuthi lokhu kwakungalungiswa ngaphakathi kulona ibandla lamaRoma aKhatholika ababekhonza kulona.
Ngesikhathi abanye begxeka izono kubefundisi, uMartin yena wayekhathazwa kakhulu yimfundiso ngensindiso.
Ngaleso sikhathi ibandla lamaKhatholika lalifundisa ukuthi umuntu uyathethelelwa izono ngokuhlambuluka nesakhramente lokuzisola.
Okwaholela ekwehlukaneni kwenhloko nesixhanti kwaba wukufika eGermany komphristi womhlangano kaDominic, uJohan Tetzel, eyisithunywa sikaphapha lwa lokhu okulandelayo:
Wayethi iBhayibheli kumele lifundwe yibona bonke abantu;
Ukungaganwa makungabi yimpoqo kofuna ukuba ngumphristi (umfundisi) kodwa kube ngokuzikhethela;
IBhayibheli amakholwa mawalifunde ngolimi lwawo lwebele;
Ibandla lonke malihlabelele enkonzweni esikhundleni sababeqondene nalokho, i- scholar cantorum.
Lezi ziphakamiso wazibonisa ngokuhumusha iThestamente Elisha yedwa, wayeka ukuba yindela washada nentokazi enguKatharina von Bora eyayingenye yezindela uMartin azisiza ukuba zeqe esigodlweni.