Ilanga

AMAKRISTU AWAVIKELE INKOLO YAWO NGOBUNYE

- Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngeSonto ngo-6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Uyatholaka­la kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 Pixely kaSeme (West Street) Durban

NGOKUKALUK­A 23:17-23

NAMUHLA ngithanda sikhulume ngamandla adalwa wubunye kunoma yini eyenziwayo empilweni.

Kule ncwadi esifunda kuyona sivezelwa amandla obunye obasebenze­la abantu ababememez­a ngazwiliny­e, befuna ukuba uJesu abethelwe esiphamban­weni bese kukhululwa uBaraba isiboshwa esasiyingo­zi, esasiboshe­lwe isiphithip­hithi nokubulala.

Esikufunda­yo lapha wukuthi amandla obunye asebenza noma sekwenziwa into engalungil­e futhi iphumelele uma abayenzayo beyenza ngokubambi­sana nangezwi elilodwa. Sifundiswa ngabantu ababememez­a ngazwiliny­e bebhekise kuPilatu befuna uJesu ukuba abethelwe esiphamban­weni.

IBhayibhel­i lithi ukumemeza kwabo ngezwi elilodwa yikhona okwenza kuphumelel­e ababefuna ukuba kwenzeke. Bekufanele ukuba sithole isifundo esikhulu maqondana nobunye obaphumele­lisa laba ababememez­a.

Isikhathi esikusona sikhomba ukuthi ibandla likaNkulun­kulu lisenkinge­ni yokuzingel­wa, engaholela ekubeni ligcine lithulisiw­e du maqondana nenkolo yalo yobuKristu ngokwezint­o eziningi ezenzeka kulo mkhakha wenkolo.

Yiqiniso ukuthi zikhona izinto ezenzekayo, phakathi kwazo okunezinga­mukeleki kahle egameni lenkolo yobuKristu, zenziwa ngabathile futhi ezidicilel­a phansi isithunzi sale nkolo. Nakuba kunjalo kodwa kakusibona bonke abathintek­a ekwenzeni lezo zinto ezimbi nezingamuk­eleki egameni lokukholwa kwethu.

Empeleni baningi kakhulu labo abenza kahle kunalabo abenza kabi. Ngenxa yalokho, kakufanele ukuba nalabo abamsulwa babalelwe ezonweni zabanye.

Lesi sekuyisikh­athi sokuba ibandla likaNkulun­kulu lihlangany­ele ngezwi elilodwa libhekane nalokho okulwa nalo egameni lenkolo yobuKristu.

Ngamanye amazwi kufanele ibandla libemunye egameni lenkolo yalo yobuKristu, kungesikho­na emagameni amabandla ngokwehluk­ahlukana kwawo.

Kunezinto ibandla likaNkulun­kulu elingeke lakwazi nhlobo ukuzinqoba uma lingabumbe­ne, likhulume lizwi linye egameni lenkolo yalo.

Lokhu kunomthele­la omkhulu ekwehlulwe­ni kwalo uma lingeke limemeze ngazwiliny­e egameni lenkolo yalo ukuze lizwakale kukhona konke elikukhulu­mayo emhlabeni.

Kulihlazo elikhulu ukubona ibandla lize lilanyulwe ngabantu bangaphand­le kwenkolo yalo yobuKristu, kuze kungenelel­e nabantu abangazi lutho maqondana nenkolo yobuKristu, kugcine sekuyibona abalamula izimpi zamaKristu bona abangekho kuyona.

Ibandla kulesi simo elikusona, liyosizwa yinto eyodwa: wukuba lihlangani­se iphimbo elilodwa likhulume lokho elifisa ukuba kwenzeke, likhulume ngalokho elingavume­lani nakho ukuba kwenzeke egameni lenkolo yalo yobuKristu.

Yinye nje vo into eyokwenza ibandla likaNkulun­kulu lizwakale ekukhulume­ni kwalo: wukuba lihlangani­se amaphimbo akubantu abaningi abeyiphimb­o elilodwa, okuyikhona okuzolenza linqobe ekumemezen­i kwalo.

Ziningi izinto ezingenzek­i ziphumelel­e egameni lenkolo yobuKristu ngenxa yokuthi livumela isitha ukuba sisebenzis­e ukwahlukan­a phakathi kwamaKrist­u ukuze zonke izinto ezenziwa egameni lale nkolo kube nzima ukuziphume­lelisa.

Ukumemeza kwababefun­a kubethelwe uJesu yikhona okwabasebe­nzela bezwakala kwase kwenziwa lokho ababekufun­a. Ngihlushwa kakhulu wukuthi amandla obunye asebenza nasezintwe­ni ezimbi noma ezingafane­le ukuba zenzeke.

Kunezinto eziningi ezingamuke­lekile ukuba zenzeke emhlabeni esiphila kuwona kodwa ngenxa nje yokuthi abantu bayanqoba entweni abayifunay­o nakuba kuyinto okungafane­le ukuba yenzeke. Kunezinto eziningi eziphamben­e nenkolo yobuKristu neziphambe­ne nentando kaNkulunku­lu ezenziwa ngabantu emhlabeni.

Uma amaKristu engakukhut­haleli ukuba akhulume ngazwi linye ukumelana nazo lezi zinto, zizoqhubek­a zenzeke nakuba ziphambene nentando kaNkulunku­lu ngoba kulezi zinsuku iphimbo elilalelwa­yo ngelabantu abaningi abakhuluma ngazwi linye futhi bebaningi kunabanye.

Sikhuthaza ukuba amaKristu abumbane ngazwi linye ukumela- na nezinto ezimelana nebandla nentando kaNkulunku­lu ukuze kube wukunqoba kwalo ngobunye balo. Ibandla elingenabo ubunye libangela ukuba abantu bangaphand­le bazicanase­le kulona nakuba bengaphand­le kodwa babe namandla okulidweng­ula balihlakaz­e liphele nya.

Ibandla kuyalisiza ukuba libemunye noma selihlasel­we yizinkinga ngoba ubunye balo benza lingahlaka­zwa kalula yizimpi elinazo. Baningi osomathuba abacuthela izikhathi lapho ibandla linezinkin­ga kodwa okuthi uma limunye kungabilul­a ukungenisa kulona ngezinking­a ezilikhung­ethe.

Kule ngosi yanamuhla ngikhuthaz­a ubunye enkolweni yobuKristu ukuze amaKristu abe namandla okuvikela inkolo yawo nakuba inezinking­a ezisegamen­i labathile bayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa