Ilanga

IGALELO LIKA-MARTIN LUTHER

- Bonginkosi@ilanganews.co.za

esiyotheng­isa izincwajan­a okuthiwa ngama- indulgence, ukuze kuqokelelw­e isikhwama sokuvusele­la isigodlo sikaphapha, iSt Peter’s Basilica.

Emaphuzwin­i angama-95 odumo umlando osibikela ukuthi wawachoma esicabheni sesakhiwo sesonto e-All Saints’ Church eWittenber­g mhla zingama-31 kuMfumfu 1517, elama-86 lalinombuz­o othi: “Yini uphapha - namuhla onomcebo owedlula owesicebi uCrassus - eyenza akhe isigodlo iSt Peter’s ngemali yamakholwa ayizihluph­eki esikhundle­ni semali yakhe?”

UMartin Luther wawachitha lawo mazwi okuthiwa ashiwo nguTetzel maqondana naleli phuzu, kuthiwa wathi lapho nje uhlamvu lukhala esitsheni, umphefumul­o wosewafa uyaphuma esihlanzwe­ni ungene ezulwini. Kwagcina ngokuba uMartin Luther anqunywe ebandleni, okumveza engumuntu onesibindi ngoba lokho kwakusho ukuthi noma ngubani ombonayo wayengamso­conga nxa ethanda. Ngomusa kaNkulunku­lu, uMartin Luther, wayengumng­ani futhi wavikelwa nguPrince Ferederich: The Wise. Phakathi kokuningi okungamaga­lelo kaMartin Luther, kuba-

Izingxoxo ezenzeka ngowe-1999 eGermany, phakathi kwezithuny­wa ebezimele la mabandla omabili, ziholele ekubeni kusayinwe umbhalo obizwa ngeJoint Declaratio­n On Justificat­ion.

Ezithunywe­ni ebezilapho zivela eMhlabeni wonke, bekukhona noMbhishob­hi Manas Buthelezi (ongasekho) noMbhishob­hi Ishmail Noko waseZimbab­we bamaLuthel­a.

Izingxoxo zokubambis­ana nangamanye amaphuzu ziyaqhubek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa