Ilanga

UCELA USIZO E-KZN U-BENNY

Ingxabano kaMcCarthy noTinkler yaqala eMoses Mabhida Stadium

- SENZO SOKHELA

CELA usizo kubantu baKwaZulu Natal ukuba bamusize ashaye isitha sakhe angabhekan­i naso esingu-Eric Tinkler ololonga iSuperSpor­t United umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy.

ICity izodudulan­a neSuperSpo­rt kowamanqam­u weMTN8 ngoMgqi- belo ngo-19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba laba baqeqeshi bengazwani.

Ingxabano yabo iqale khona eMoses Mabhida Stadium uMcCarthy esagijima kwi-Orlando Pirates, uTinkler esangumsiz­i kaRoger De Sa kwiBidvest Wits.

UMcCarthy ushiye angalazi kuDe Sa noTinkler etshela abezindaba ukuthi bangahlang­anisa izinkomish­i abazinqobe besadlala baphinde babeke nemali yabo ngeke basondele nakancane kuyena ngalezi zinto.

Emuva kwale nkulumo uTinkler akaphindan­ga wazwana noMcCarthy.

UMcCarthy okuyisizin­i yakhe yokuqala engumqeqes­hi ozimele ebholeni, ucela usizo kubalandel­i bebhola bakulesi sifundazwe ukuba bamshayise uTinkler ukuze azibeke emlandweni wokunqoba inkomishi ngonyaka wakhe wokuqala eqeqesha.

“Le nkomishi ayikho mayelana nami kodwa kuyivela kancane ukuthi umqeqeshi athi eqala nje ukupheka ikilabhu anqobe inkomishi.

"Kunabanye okubathath­e iminyaka ukunqoba inkomishi abanye baze bathathe umhlalapha­nsi benganqoba­nga lutho.

"Leli thuba liyivela kancane yingakho ngicela kubantu baKwaZulu-Natal ukuba baphume ngobuningi babo ukuzosesek­a sishaye iSuperSpor­t.

"Usizo lwabo ngiludinga ngendlela eyisimanga kulo mdlalo, ngicela bahambe nathi thina si- zobabonga ngebhola eliseqophe­lweni eliphezulu,” kusho uMcCarthy.

UTinkler uthi uyakwazi okufanele bakwenze kulo mdlalo ngakho-ke akanalo noluncane uvalo ngeCity.

“ICity ngiyazi njengoba ngizazi ngoba le kilabhu uMcCarthy adlala ngayo yakhiwe yimi ngesizini

KUFUFUSA INGXABANO KWI-CHIEFS NE-PMB UTD NGOMDLALI

KUNGASE kusuke ingxabano phakathi kweKaizer Chiefs neMaritzbu­rg United njengoba kuvela ukuthi isikhulu sale kilabhu yaseMgungu­ndlovu sihlela ukufuna imali yezindleko zokukhulis­a umdlali obaleke wavumbuka kwiChiefs esenesinye isibongo neminyaka yakhe yobudala isishintsh­ile.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo engaphakat­hi kwiMaritzb­u- WINA ubuke owamanqamu weMTN8 phakathi kweCape Town City neSuperSpo­rt United ngoMgqibel­o ngo19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ABAKWA-MTN neLANGA baphisana ngamathiki­thi ahamba ngamabili kubafundi abangama-25 okubuka lamakilabh­u eshukana kowamanqam­u ngoMgqibel­o ngo19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ukuzibeka ethubeni ungathumel­a umqhafazo othi: MTN8 enombolwen­i ethi: 33818. I-sms ibiza uR1,50 kanti umncintisw­ano uvalwa kusasa ngoLwesihl­anu ngo12 emini. rg ukuthi umnikazi wale kilabhu uFarook “Ntshebe” Kadodia uhlela ukufaka icala kwiPremier Soccer League ngoWiseman Meyiwa odlala esiswini kwiChiefs athi uchithe eningi imali emkhulisa esikhungwe­ni sale kilabhu.

Udaba lukaMeyiwa lusemathen­i kulezi zinsuku njengoba esolwa ngokwehlis­a iminyaka.

Kuthiwa ngesikhath­i egijima esikhungwe­ni seMaritzbu­rg ubesebenzi­sa eminye iminyaka yobudala nesibongo sakwaMosho­eshoe njengoba manje esesebenzi­sa esakwaMeyi­wa.

Kuthiwa uKadodia akanandaba neyeminyak­a yobudala yalo mdlali into ahlela ukuyifuna kwiChiefs yinkokhelo njengoba lo mdlali ekhu- eyedlule.

"Kodwa lokho akuchazi ukuthi sizowunqob­a kalula lo mdlalo kuzofanele sisebenze ngokwengez­iwe.

Okuhle nje ngalo mdlalo wukuthi ufike sesibe nesikhathi sonke sokuphumul­a ngeke ngikhale ngalutho,” kusho uTinkler.

Usizo lwabo ngiludinga ngendlela eyisimanga kulo mdlalo...

liswe esikhungwe­ni sayo iminyaka emine.

Leli phephandab­a lithinta uKadodia ngalolu daba ukuqinisek­isile ukuthi uhlela ukufuna inhlawulo kwiChiefs njengoba ekhulise lo mdlali echitha izimali zakhe.

“Engingakuq­inisekisa wukuthi lo mdlali ukhulele kithina uhlale iminyaka emine esikhungwe­ni sethu sokuthuthu­kisa ibhola.

"Ngokomthet­ho vele nginalo ilungelo lokufuna inkokhelo ngokumkhul­isa kodwa okwamanje yinto engisayicu­bungula.

"Into esisuke yasiphazam­isa wukudlula emhlabeni engozini yemoto komdlali wethu uMlondi Dlamini ngeSonto.

"Simatasa silungisa indaba yokufihlwa kwakhe ezinye izinto sizobuye sizibone emuva komngcwabo,” kusho uKadodia.

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs ukuba iphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUBENNI McCarthy odinga usizo kubalandel­i ukuze anqobe iMTN8.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUBENNI McCarthy odinga usizo kubalandel­i ukuze anqobe iMTN8.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGU-ERIC Tinkler ongumqeqes­hi weSuperSpo­rt United othembisa abalandeli bale kilabhu ukuthi izobuya nayo indebe yeMTN8 ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGU-ERIC Tinkler ongumqeqes­hi weSuperSpo­rt United othembisa abalandeli bale kilabhu ukuthi izobuya nayo indebe yeMTN8 ngoMgqibel­o.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa