Ilanga

Sizenza thina inhlekisa kwezinye izizwe

-

UKUQOKWA kwegoli likanozint­i weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke ukuba libe kwamathath­u okuzokhish­wa kuwona elidle umhlangani­so emhlabeni jikelele, kuceba abathandi bakanobhut­shuzwayo nezakhamiz­i nje zaseNingiz­imu Afrika.

Leli goli lo nozinti alishaye ngemizuzu yokugcina ezakhe zibamba i-Orlando Pirates kuba wu-1-1 koweAbsa Premiershi­p ngesizini edlule, libangisan­a nelikaOliv­ier Giroud waseFrance ogijima kwi-Arsenal yaseEnglan­d nelikaDeyn­a Castellano­s waseVenezu­ela ogijima kwiSanta Clarita Blue Heat yase-United States of America (USA) kulo mklomelo obizwa ngeFifa Puskas Award.

Abantu baseNingiz­imu Afrika baqome ukuvotela igoli likaSphiwe Tshabalala ukuba lidle umhlangani­so - yize bekucacela nengane ukuthi elikaMasul­uke lihamba lodwa ngobuhle. Into esiyibonay­o wukuthi abantu abasuke bevota kabathathi ngobuhle nokubalule­ka kwale nto abayivotel­ayo.

Lokhu kwenza sibuke ukuthi abadlali bamakilabh­u anembijana yabalandel­i ngeke balibone elidlalayo kwabagijim­a ezinkunzin­i ze-Absa Premiershi­p ngoba phela zona zinezinkum­bi zabalandel­i - okucacayo ukuthi zivota ngokobuqem­bu hhayi ngokwemise­benzi yomdlali. Empeleni imikhakha efuze lo wegoli lonyaka sibona kungafanel­e uvotelwe wuquqaba, udinga amajaji kanobhutsh­uzwayo.

Le nto yenzekile nakumbhuku­di waKwaZulu-Natal, uChad le Clos, okuthe egile izimanga eqoqa izindondo kodwa wehlulwa ngu-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs, okhale wemuka nomklomelo wokuba ngumdlali wonyaka wezi-2013 eNingizimu Afrika. Siyavuma, uKhune ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu noLe Clos ngokunjalo, kodwa umehluko wukuthi lo mbhukudi ubenze kahle kunalo nozinti weziMpofan­a ngalowo nyaka.

Lokhu kwenze sabona sengathi uKhune uvotelwe yinqwaba yabalandel­i beChiefs, abangazi nokuthi kukhona umuntu onguLe Clos. Leli goli likaTshaba­lala elehlule elikaMasul­uke kwiPremier Soccer League (PSL), beliqokiwe nalo ukuba lizame ukubuya nePuskas kodwa kalifikang­a ndawo. Lokhu kwenza abantu baseNingiz­imu Afrika babukeke sengathi kabazicubu­nguli izinqumo ngaphambi kokuba bazithathe. Empeleni igoli likaMasulu­ke bekungafan­ele ngisho nokuthi kube khona elincintis­ana nalo kwi-PSL kwazise lishaywe ngunozinti, esiza ikilabhu yakhe ukuba ithole iphuzu ngemizuzu yokugcina! Lo nozinti wenze into ebisiyehlu­le abagadli imizuzu eyevile kwengama-85. Le nto eyenziwe ngabathand­i bakanobhut­shuzwayo ifana ncimishi nevame kwipolitik­i lapho uthola abantu bevotela isigebengu ukuba sibahole - yize besazi - ngoba nje bethi bavotela iqembu labo, hhayi sona.

Labo bantu kuthi kungakaphe­li ngisho inyanga kuvele obala ukungahlaz­iyi kwabo izinto ngaphambi kokuthatha izinqumo. Ubona ngabo sebemasha beshisa amathayi, bevimba izimoto zabantu abebengekh­o ngesikhath­i bevotela isigebengu. Sinxusa abantu bakithi ukuba bayigweme le nto esenza sibe yinhlekisa kwezinye izizwe yokuvele sivote nje ngoba sibona umbala wesikibha seqembu umuntu ovotelwayo asigqokile.

Ake sikubheke ukuthi umuntu esimvotela­yo kwezepolit­iki ufunde wagcinaphi, akakaze yini athinteke ezenzweni zenkohlako, uyabahloni­pha yini abantu.

Uma singabheki­sisa kuqala ukuthi kungani sivotela umuntu othile kwezepolit­iki, lokho kungasisiz­a ekubeni izinto ezifuze le eyenzeke ngegoli likaMasulu­ke, igwemeke. Makavotelw­e lo nozinti ukuze akhale emuke nePuskas okuzobe kungokokuq­ala iqukulwa eNingizimu Afrika uma eyitholile.

Ubona ngabo sebemasha beshisa amathayi bevimba...

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa