Ilanga

Kukumuntu ukuzihluka­nisela inkolo

-

MHLELI: Ngicela imvume ngiphawule ngencwadi uSenzo kaKhakhayi Mbatha abephendul­a kuyona uDkt Sipho Buthelezi wasePineto­wn eshicilelw­e mhla zingama-27-29 kuNtulikaz­i (July) kuwona lo nyaka ngaphansi kwesihloko "Ngicacisa ekaShembe noNkulunku­lu."

Kunezinto umbhali wendaba azibalulil­e echaza, enikeza izimpendul­o kulo abemphendu­la nami engifisa ukucacisa okuthile ngazo, mhleli. Umbhali uqala ngokuvuma ukuthi uShembe akalingani noNkulunku­lu, lokho-ke kuhle nami ngiyavumel­ana naye kepha kukhona lapho ecaphune khona isihlabele­lo samaNazare­tha 5, athi sabhalwa nguMqaliwe­ndlela.

Uthi umbhali wendaba isihlabele­lo sithi "abafuna ukumkhonza uJesu mabamlande­le bageze izingubo zabo zibe mhlophe qwa egazini lakhe elasifela esiphamban­weni."

Ngicela ukukulungi­sa okushiwo yisihlabel­elo samaNazare­tha uma kuya ngokuthi sisho njalo njengoba echazile uMbatha.

Igazi likaJesu kaligezi izingubo zabantu zibe mhlophe kodwa lihlambulu­la unembeza womuntu.

NgokwamaHe­beru 9:14 "Kakhulu kangakanan­i igazi likaKristu owazinikel­a kuNkulunku­lu ngomoya ophakade engenacala, lizohlanza unembeza wethu emisebenzi­ni efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkul­u ophilayo."

Okunye okumqoka yilapho umlobi ethena khona uhabulisa lona abemphendu­la wabe esechaza ukuthi uShembe wazalwa kanjani, wangena ezintweni othi uma uzizwa kube sengathi lo obhalayo uthi uJesu noShembe kuyena bayalingan­a noma engaphumel­anga obala.

Lokho-ke kube sekuphikis­ana nathe kushiwo yisihlabel­elo samaNazare­tha. UMbatha uzwakala emphikisa uDkt Buthelezi owathi uShembe wazalwa ngokwenyam­a noma ngokwemvel­o ngoba umbhali uchaza ngembali eyayinuka kamnandi eyayiwuMoy­a Ongcwele eyadliwa nguSitheya wakwaHadeb­e.

Emuva kokuyidla kwakhe kwase kubanezwi elakhuluma­yo. Ngingakash­o lutho nje ngezwi elakhuluma­yo, ngifisa ukudlula kulena yembali engumoya ongcwele, ngithi ukuzalwa kukaShembe makungafan­iswa nokuzalwa kweNkosi uJesu ngoba kuJesu kwakhuluma ingelosi kuMariya kanti kuShembe nguSitheya owadla imbali kwakhuluma nezwi.

Uma ungajula lapho uyabona ukuthi vele laba bantu sebebekwa ebuNkulunk­ulwini bebe bezelwe ngokwehluk­ile ngoba onina babo bagcwalisw­a ngumoya ongcwele bobabili.

Ngeke ngikhulume kakhulu ngezwi elazwiwa nguSitheya ngoba maningi amaphimbo akhulumayo kulo mhlaba, nanamuhla asakhuluma kodwa okwashiwo yilelo lizwi yikhona okwenza ziqine izinsolo zokuthi sengathi kunemizamo yokubeka iNkosi uJesu noShembe ezingeni elilodwa lobuNkulun­kulu.

Igama umoya ongcwele lisho uNkulunkul­u ophelele ongeke aphiwe elinye igama.

UnguNkukun­kulu uyise, uNkulunkul­u indodana noNkulunku­lu uMoya Ongcwele, okunye kakukho. Kuphinde kuzanywe ukuqhathan­isa uJesu noShembe ngokokufa nokuvuka njengoba uMbatha echaza ethi noShembe wafa waphinde wavuka. Uyakubona njalo lokho kuqhathani­sa nokuzama ukulingani­sa laba bantu ababili abangaling­ani, abangafani nokungelul­a ukuba bafane noma balingane?

UShembe waphaphama sekumbiwe ithuna, ngokusho kombhali.

Uma ungabuka ukufa kwabo bobabili ukuthi omunye wafelani nomunye wafelani nokuthi ukuvuka kwabo bobabili kusho ukuthini ungakhexa umlomo.

Uthi umlobi wendaba uShembe kwathi eguqile ethandaza wathathwa nguMdali eyomkhombi­sa imfihlakal­o yasezulwin­i eyomnika namandla okusindisa nokuphilis­a.

Ngelinye ilanga uyosichaze­la umkhaya wami thina esazi ukusindisw­a okukodwa okukhona uNkulunkul­u akunika uJesu ukuba alenge emthini asindise abantu ezonweni zabo.

Uthi umbhali uShembe kunamatshe awabeka benoyise wakhe (uNkulunkul­u).

Nalokho kumbeka kummise ncamashi noJesu.

Lawo mazwi akhulunwa nguJesu ebiza uNkulunkul­u ngoyise, ezenza olingana noNkulunku­lu ngoba vele unguNkulun­kulu.

Izimpawu ezivezwa ngumlobi wale ndaba zikhomba ukuthi noShembe unobuNkulu­nkulu uma kanti ngesikhath­i kudalwa umhlaba wayekhona. Kasazi mhleli kukumuntu nomuntu ukuba azehlukani­sele.

Sthembiso Sbongiseni Mncube, eBuchanan (eNdlabaloy­i) , EMPANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa