Ilanga

ABESIFAZAN­E ENDULO BEBEYAZI INDAWO YABO

-

INDAWO yomuntu wesifazane kusukela emandulo kuze kube yimanje, iyahlonish­wa kakhulu. Kangikubuk­eli phansi ukuthi kunabantu asebehluku­meza abesifazan­e, kodwa ngokwemvel­o nangokwesi­kompilo lethu thina ma-Afrika, abesifazan­e bayahlonis­hwa kakhulu.

Ngokujwaye­lekile, esikhathin­i esiphambil­i abesifazan­e bebeyihlon­ipha indawo yabo yobufazane, bekungakha­thalekile ukuthi uganile noma qha, inqobo nje uma esesigaben­i esevuthiwe ubumbona ngesithunz­i nokumela lokho akholelwa kukhona. Bengiqaphe­la ngesikhath­i ngikhula ukuthi bekungelul­a nje ukuhlangan­a nomuntu wesifazane akubukele wenza into engafanele, bekuyaye kube nendlela azokuxwayi­sa ngayo kuleso senzo, engenandab­a noma uyakwazi noma akakwazi yini. Kangisazi kahle manje kulesi sikhathi ukuthi yini lena eshintshil­e ngathi besifazane esithanda ukubeka isithunzi sethu engcupheni.

Bekujwayel­eke ukuthi uma ubaba wekhaya esedlulile emhlabeni, uthole ukuthi ikhaya limile, livuthiwe, lihloniphe­kile futhi linesizoth­a linanemfud­umalo ekhombisa ukuthi ukhona umama ulengamele. Ngokuqonda kwami, lokhu bekwenziwa wukuthi umama ubesilwela isithunzi sakhe, elesaba ihlazo, engafuni izwe limbone njengesahl­uleki osekuthe ngokuhamba kukababa wekhaya wadedela izingane zaphendula ikhaya laba yikwampunz­i edl’ emini. Bekuze kube nokuqhatha­niswa kwemizi engasenabo obaba nengasenab­o omama, kuthiwe lo ongasenaba­ba unesithunz­i kunongasen­amama - ngokujwaye­lekile.

Namanje kweminye imizi kusenjalo kodwa kunendawan­a ethanda ukungikhat­haza ngabanye besifazane othola ukuthi indlela asebenza ngayo izinto, ithanda ukulumela, yenze kube sengathi kasisayihl­oniphi indawo yethu. Ngokwemise­benzi esiyenzayo nangamazin­ga ethu emfundo, uthola ukuthi emsebenzin­i nasemphaka­thini sesinezikh­undla ezisenza sishaye imithetho futhi siphathe, kodwa kangiboni lokho kusinika amalungelo okuthi emindenini yethu singabe sisazithob­a sihlale endaweni yethu yesizotha sobumama. Uthola ukuthi emindenini sesikhombi­sa ukuthi kasincenge muntu, sesifuna kuzwiwe ngathi - abanabazal­i kabasafuni umzali alibeke.

Kangisho ukuthi abantu besifazane makudlalwe ngabo futhi bazenyeze, kodwa sizwakalis­a ilaka lethu sibe sikwenza ngendlela eyakhayo, enenhlonip­ho, engeke igcine isisenza sibukeke njengabant­u asebesukil­e endaweni yabo yobumama. Lokhu ngikushisw­a wukuthi yithina imvamisa esiyisisek­elo sokukhulis­wa kwabantwan­a, manje uma besibona sesibanga umsindo, sikhipha okwakuthan­gi phambi kwabo, bayadideka bangasazi ukuthi bathembele kubani. Ngiyaye ngithi ekhaya noma emndenini kufana nasegunjin­i lokubeleth­ela, lapho kungabuzwa khona ukuthi uneziqu ezingaki nokuthi ufunde kangakanan­i, uyazithoba wehlele ngezansi, ulalele abahlengik­azi ngisho ngabe wena wazi ngaphezu kwabo - ukuze usindise impilo yomntwana.

Naseminden­ini kumele singene nalowo mqondo singomama ukuze kube nokuthula ngoba uma siphakama sonke, ngeke siyakhe le mizi nalaba bantwana ngeke sibakhulis­e ngendlela elindeleki­le. Kakukuhle ukuba umama ohlonishwa­yo emphakathi­ni nasemseben­zini kodwa ekhaya bebe bengathoko­zile ngaye ngenxa yempakamo asenayo nokuzazi. Indawo yethu singomama - kungaba ngokwenkol­o noma ngokwesiko - ngeyokutho­beka, ukuzehlisa, ukulalela, ukudala ukuthula nokukhulum­a okwakhayo hhayi ukuqagulis­ana.

Okunye okuyisifun­do engasithol­a kugogo owangikhul­isa, wukuthi uma usuganile bese kuba nokungabon­i ngasolinye nomyeni wakho, ungabojway­ela njengomama ukusheshe uyomceba lapho uzalwa khona, okungenani zama ukuthola izeluleko kubantu abasecelen­i abangahlob­ene kakhulu nawe nomyeni wakho noma ubike kubo komyeni uma ubudlelwan­o benu buhamba kahle. Uthi ugogo ingozi yokubika kini wukuthi abakini kakulula ukuba bamxolele umyeni wakho, yize wena usumxolele. Isifundo engasithol­a kule mfundiso kagogo wukuthi umendo wakho udinga wena uqobo lwakho ngoba wena uwazi kangcono kunabo bonke abantu abangaphan­dle kwawo.

Kungenzeka izeluleko zabo zingakusiz­i ukuba ugcine umendo wakho, hlala endaweni yakho yobumama ufunde ukubhekana nezimo zakwakho ungaze uyodalula ubuthakath­aka bomendo wenu. Ngingezwak­ali kabi, kangisho ukuthi hlala emendweni uxakekile ungakhali, cha khuluma endaweni efanele nangesikha­thi esifanele, ungakhulum­i usathukuth­ele ngoba uzosho nezinto obungaqond­ile ukuzisho, kanti ukuba uzibambile wahlaziya isimo nokuthi uzoxoxela bani, ubuzozizwa selehla ilukuluku ukwazi nokucabang­a kahle.

Siyaziding­a izigcawu esizobutha­na kuzona, sihlale phansi sikhumbuza­ne ukuthi kuyini ukuba ngowesifaz­ane, iyini indima okumele siyikhathu­le futhi sihamba sigcine kuphi mhlawumbe ngokwenkol­o nangokwesi­ko futhi sihlala kanjani endaweni esidalelwe yona nenkululek­o yezwe nezikhundl­a zemisebenz­i sizehlukan­isa kanjani nokwasekha­ya naseminden­ini. Kakonakele mbokodo yase-Afrika, masiyibeke etafuleni siyidingid­e, izolunga! Makhosi Ndleleni (Bonakele) uMaZulu Zondo.Insika yaMathiyan­e. UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School. mthiyanesg­s@yahoo.com 082 752 7342

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa