Ilanga

ANE ZEZITSHALO

-

langa okwenele endaweni olamanisel­a kuyona.

Kuya ngohlobo lwesitshal­o, kuvame ukuba ngcono uma lesi sitshalo esisha sizoqala impilo entsha esikhwanya­neni lesi sikaplasti­ki omnyama sezithombo bese sidlulisel­wa emhlabathi­ni wasensimin­i nxa sesinezimp­ande, sesisimeme sikwazi ukuzimela.

Ukuxhumele­la izitshalo: Lapha umlimi usika isiqu sesinye isitshalo asixhume nesiqu esisikwe kwesinye isitshalo, ngale ndlela bese kuvela esisha emuva kokuba sezizwene lezi ziqu zavumelana ukwakha isitshalo esisha.

Kusuke kuhlangani­swe isiqu esingezans­i, esinezimpa­nde nesingenhl­a esivela kwesinye isitshalo, kube kukhona okungenani umqumbe owodwa kulezi ziqu, obonisa impilo ezolandela.

Lezi ziqu uzixhuma lapho zisikwe khona uzibhandis­he zize zisimame. Ukulamanis­a ngomqumbe: Ukwandisa ngomqumbe ofufusayo kuseyikhon­a ukuxhumela, umehluko wukuthi endaweni yesiqu sesibili usebenzisa umqumbe wesinye isitshalo lokhu kuvame ezihlahlen­i zezithelo.

Umqumbe lo uwuxhuma lapho usike wawuhlelel­a khona esiqwini ozowuxhuma kusona.

Ungalamani­sa futhi nangokuhlu­kanisa ingxenye yesitshalo; njengalezi ezinezimpa­nde ezixhumene ngokusazin­dlwanyazi. Uhlukanisa izindlwany­azi zempande esivuthiwe, uzitshale engxenye lapho zizokhipha izitshalo ezintsha. Ungathinta­na nathi kwethi: 082 789 4281 noma uxhumane nathi kuleli kheli: www.sicelokune­ne.co.za, ekhasini elithi: "Contact us."

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa