Ilanga

Ukukhula kobuchweph­eshe kunciphisa imisebenzi

- LUCKY CAIN

KUHLE futhi kubi ukukhula nokwanda kobuchweph­eshe esikhathin­i samanje njengoba kukhalwa ngokuthi buqeda amathuba emisebenzi kanti ngakolunye uhlangothi kwenza kube lula ukusebenza.

Ukwanda kobuchweph­eshe benza kunciphe kakhulu isikhathi izisebenzi ezisichith­a emahhovisi kanti ngokuhamba kwesikhath­i izinkampan­i zizogcina zingasasib­oni isidingo sokuba izisebenzi ziye emsebenzin­i.

Phela izinto eziningi abantu sebeyakwaz­i ukuzenza besemakhay­a ngokuseben­zisa ama- laptop, cellphone noma ama- tablet ne- internet. Abantu abasezinda­weni ezahlukene bayakwazi futhi ukubamba umhlangano ngokuxhuma­na ngeSkype badingide okumele kwenziwe.

Esikhathin­i samanje izisebenzi ziphila ngabo ubuchwephe­she ngisho nezinto zokuncokol­a uma zizihlalel­e emakhaya yibona obuhamba phambili. Ezinye izinkampan­i seziqalile ukusebenzi­sa izindlela zesimanje zokuxhuman­a nezisebenz­i ngaphandle kokuba zize ziye emahhovisi.

Lezi zindlela zokusebenz­a ezisebenzi­sa ubuchwephe­she besimanje zenza ukuba noma ngabe kukhona isimo esenza isisebenzi singakwazi ukufinyele­la emsebenzi- ni, kodwa sikwazi ukuqhubeka senze umsebenzi lapho sisuke sikhona - okungaba yisekhaya, emgwaqweni, esikhumulw­eni sezindiza, ngisho nasezindaw­eni zo- kungcebele­ka imbala.

Nakuba lezi zindlela zesimanje zobuchweph­eshe zingenisa kakhulu kodwa zibonakala ziseyinsel­elo kulezo zisebenzi esezikhuli­le ngokweminy­aka. Ongoti bathi labo abakhulile ngokweminy­aka basakuthol­a kunzima ukubhekana noshintsho ezindaweni zokusebenz­a. Kuthiwa kulula kubona ukusebenza ngendlela yakudala.

Enye yezinto eyenza abanye bangazemuk­eli kahle lezi zindlela zobuchweph­eshe zesimanje zokusebenz­a yingoba zibonakala ziqeda amathuba emisebenzi njengoba ubuchwephe­she bukwazi ukuba umsebenzi obuwenziwa ngabantu abayisithu­pha wenziwe ngumuntu oyedwa ngokucofa i- computer konke kuhlangane.

Uma ubheka amabhange amaningi aseqalile ukukhuthaz­a abantu ukuba basebenzis­e ama- service okubhanga komakhalek­hukhwini nakwi- internet. Izinto eziningi obujwayele ukuzingene­la ngaphakath­i ebhange usuyakwazi ukuzenza uzihlalele ekhaya.

Sezincane izinto ezingakuph­oqa ukuba ungene ngaphakath­i ebhange. Njengoba sishilo lokhu kubukeka kuyingozi ngoba kusho ukuthi uyancipha umsebenzi owenziwa ngabantu njengoba izinto eziningi sezenziwa kusetshenz­iswa ubuchwephe­she.

Eqinisweni, isikhathi esiphila kusona siyavuma ukuba sisebenzis­e ubuchwephe­she, ngakho kuhle. Okunye okuhle ngobuchwep­heshe wukuthi abantu bayakwazi ukuku- sebenzisa ukuzenzela imali bezihlalel­e emakhaya njengoba kunezinto ezifana no- online marketing, you tube videos, trading nokunye okutholaka­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Masiqaphel­e ukuthi nazo izinkundla zokuxhuman­a sizisebenz­isa ngezindlel­a ezingakwaz­i ukusizuzis­a ngokuhamba kwesikhath­i. Osaziwayo abehlukene bayakwazi ukuzenzela imali ngezinkund­la zabo zokuxhuman­a kwazise banabaland­eli abaningi kuzo.

Izinkampan­i ziyakwazi nokuxhuman­a nalab’ osaziwayo uma zifuna ukukhangis­a imikhiqizo yazo. Ngakho ngisaphind­a ngiyasho ukuthi ubuchwephe­she buhle futhi bubi ebantwini. Kuya ngawe ukuthi ububheka ngayiphi indlela futhi ubusebenzi­sa kanjani ukuze ukhule.

 ?? ISITHOMBE NGABE: FORBES ?? UBUCHWEPHE­SHE besimanje benza kube lula ukuba izisebenzi ziqhube umsebenzi noma ngabe zikuphi - akusakhath­alekile ukuba umuntu aze aye endaweni yokusebenz­ela noma ehhovisi.
ISITHOMBE NGABE: FORBES UBUCHWEPHE­SHE besimanje benza kube lula ukuba izisebenzi ziqhube umsebenzi noma ngabe zikuphi - akusakhath­alekile ukuba umuntu aze aye endaweni yokusebenz­ela noma ehhovisi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa