Ukukhula kobuchwepheshe kunciphisa imisebenzi
KUHLE futhi kubi ukukhula nokwanda kobuchwepheshe esikhathini samanje njengoba kukhalwa ngokuthi buqeda amathuba emisebenzi kanti ngakolunye uhlangothi kwenza kube lula ukusebenza.
Ukwanda kobuchwepheshe benza kunciphe kakhulu isikhathi izisebenzi ezisichitha emahhovisi kanti ngokuhamba kwesikhathi izinkampani zizogcina zingasasiboni isidingo sokuba izisebenzi ziye emsebenzini.
Phela izinto eziningi abantu sebeyakwazi ukuzenza besemakhaya ngokusebenzisa ama- laptop, cellphone noma ama- tablet ne- internet. Abantu abasezindaweni ezahlukene bayakwazi futhi ukubamba umhlangano ngokuxhumana ngeSkype badingide okumele kwenziwe.
Esikhathini samanje izisebenzi ziphila ngabo ubuchwepheshe ngisho nezinto zokuncokola uma zizihlalele emakhaya yibona obuhamba phambili. Ezinye izinkampani seziqalile ukusebenzisa izindlela zesimanje zokuxhumana nezisebenzi ngaphandle kokuba zize ziye emahhovisi.
Lezi zindlela zokusebenza ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanje zenza ukuba noma ngabe kukhona isimo esenza isisebenzi singakwazi ukufinyelela emsebenzi- ni, kodwa sikwazi ukuqhubeka senze umsebenzi lapho sisuke sikhona - okungaba yisekhaya, emgwaqweni, esikhumulweni sezindiza, ngisho nasezindaweni zo- kungcebeleka imbala.
Nakuba lezi zindlela zesimanje zobuchwepheshe zingenisa kakhulu kodwa zibonakala ziseyinselelo kulezo zisebenzi esezikhulile ngokweminyaka. Ongoti bathi labo abakhulile ngokweminyaka basakuthola kunzima ukubhekana noshintsho ezindaweni zokusebenza. Kuthiwa kulula kubona ukusebenza ngendlela yakudala.
Enye yezinto eyenza abanye bangazemukeli kahle lezi zindlela zobuchwepheshe zesimanje zokusebenza yingoba zibonakala ziqeda amathuba emisebenzi njengoba ubuchwepheshe bukwazi ukuba umsebenzi obuwenziwa ngabantu abayisithupha wenziwe ngumuntu oyedwa ngokucofa i- computer konke kuhlangane.
Uma ubheka amabhange amaningi aseqalile ukukhuthaza abantu ukuba basebenzise ama- service okubhanga komakhalekhukhwini nakwi- internet. Izinto eziningi obujwayele ukuzingenela ngaphakathi ebhange usuyakwazi ukuzenza uzihlalele ekhaya.
Sezincane izinto ezingakuphoqa ukuba ungene ngaphakathi ebhange. Njengoba sishilo lokhu kubukeka kuyingozi ngoba kusho ukuthi uyancipha umsebenzi owenziwa ngabantu njengoba izinto eziningi sezenziwa kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Eqinisweni, isikhathi esiphila kusona siyavuma ukuba sisebenzise ubuchwepheshe, ngakho kuhle. Okunye okuhle ngobuchwepheshe wukuthi abantu bayakwazi ukuku- sebenzisa ukuzenzela imali bezihlalele emakhaya njengoba kunezinto ezifana no- online marketing, you tube videos, trading nokunye okutholakala ezinkundleni zokuxhumana.
Masiqaphele ukuthi nazo izinkundla zokuxhumana sizisebenzisa ngezindlela ezingakwazi ukusizuzisa ngokuhamba kwesikhathi. Osaziwayo abehlukene bayakwazi ukuzenzela imali ngezinkundla zabo zokuxhumana kwazise banabalandeli abaningi kuzo.
Izinkampani ziyakwazi nokuxhumana nalab’ osaziwayo uma zifuna ukukhangisa imikhiqizo yazo. Ngakho ngisaphinda ngiyasho ukuthi ubuchwepheshe buhle futhi bubi ebantwini. Kuya ngawe ukuthi ububheka ngayiphi indlela futhi ubusebenzisa kanjani ukuze ukhule.