Uphenduke inyama umqeqeshi
USEPHENDUKE inyama umqeqeshi osule isigubhukane ekilabhini yakhe ngenxa yokufuna ukugxila kwezamabhizinisi.
URoger “Mshefi” Sikhakhane obelolonga iRichards Bay FC egijima kwiNational First Division (NFD) uthuse abathandi bebhola esula isigubhukane kule kilabhu ephethwe nguJomo Biyela ongusihlalo wayo.
Uthe ufuna ukuyogxila emabhizinisini akhe.
Leli phephandaba lithole ukuthi uSikhakhane ufunwa uthuli yiCape Town All Stars ephethwe nguLunga Ncwana nakuba isiqashe uVladislav Heric.
Enye ikilabhu kwiNFD okuthiwa iyamfuna yiMbombela United engenaye umqeqeshi njengoba kubambe uPiet Chauke.
Kuthiwa nakwiPremiership akhona amfunayo.
U-Abbie Rasimphi oyimenenja kaSikhakhane akavumanga futhi akaphikanga ukuthi lo mqeqeshi ufunwa yinqwaba yamakilabhu.
Kuzo ezeNFD, kulindeleke ukuthi avele phambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe uRichard Makhoba oyimenenja yeRichards Bay.
Lokhu kumayelana necala lokusolwa ngokushiya amazwi ayiziswana konondweba ezakhe zibhekene neTshakhuma Tsha Madzivhandila koweNFD eMhlathuze Sports Complex emasontweni ambalwa edlule.
Isiyonke imidlalo yeNFD ekhona ngempelasonto imi kanje: KUSASA NGOLWESIHLANU E-Athlone: Cape Town All Stars vs Jomo Cosmos 15h30. NGOMGQIBELO EThohoyandou: Black Leopards vs Tshakuma Madzivandhila FC 15h30.
EHarry Gwala: Royal Eagles vs Mthatha Bucks 15h30.
EPrincess Magogo: uThongathi FC vs Witbank Spurs 15h30.
EGoble Park: Super Eagles vs University of Pretoria 15h30.
E-Athlone: Stellenbosch FC vs Richards Bay FC 15h30.
ESugar Ray Xulu: Real Kings United vs Highlands Park 15h30. NGESONTO E-Athlone: UBuntu Cape Town vs Mbombela United 15h30.
EyeMultiChoice Diski Challenge kule mpelasonto yona ihlelwe kanje: NGOMGQIBELO E-Ikamva Stadium: Ajax Cape Town Reserves vs SuperSport United Reserves 10h00.
ERoyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars Reserves vs Orlando Pirates Reserves 12h00. NGESONTO
ESturrock Park: Bidvest Wits Reserves vs Cape Town City FC Reserves 10h00.
EDr Molemela Stadium: Bloemfontein Celtic Reserves vs Kaizer Chiefs Reserves 10h00. E-Old Peter Mokaba: Baroka FC Reserves vs Golden Arrows Reserves 10h00.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City Reserves vs Free State Stars Reserves 12h00.
ETUT Stadium: Mamelodi Sundowns Reserves vs AmaZulu Reserves 12h00.