Ilanga

Phansi amaphaphu ngeMabhida

Inkundla iyalungisw­a futhi umdlalo weMTN8 Final uzoqhubeka

- PHILANI NCALANE

PHANSI amaphaphu kubathandi bakanobhut­shuzwayo KwaZulu-Natal namaphethe­lo ngomdlalo wamanqamu weMTN8 phakathi kweSuperSp­ort United neCape Town City ozokuba ngoMgqibel­o ngo19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThe-kwini.

Isiphepho esigadle mawala eThekwini namaphethe­lo ngoLwesibi­li, siqubule ukungabaza ngokuqhube­ka kwalo mdlalo njengoba zibe ziningi izindawo ezikhahlam­ezekile.

IMabhida kayisindan­ga kulezi zindawo njengoba kucekeleke phansi ingxenye enezitolo kwathi inkundla yaphenduka idamu lamanzi.

UMato Madlala oyiSikhulu esiphezulu esibambile kwiPremier Soccer League (PSL) noVusi Mazibuko oyiMenenja yeMabhida bathi phansi amaphaphu, umdlalo uzoqhubeka kule nkundla.

UMazibuko uthi kuzoshaya usuku lo mdlalo inkundla isisesimwe­ni esisezinge­ni elidingeka­yo.

“Amanzi siqale ukuwamunca enkundleni ngoLwesibi­li ebusuku nanamuhla (izolo ngoLwesith­athu). Isimo sesingcono kakhulu. Angingabaz­i ukuthi kuzoshaya isikhathi somdlalo isisesimwe­ni esihle kakhulu. Khona kusabonaka­la ukuthi ike yathikamez­eka kodwa akukubi. Umdlalo uzoqhubeka. Abantu abaqhubeke nokuthenga amathikith­i okubuka umdlalo. IPSL izosivakas­hela kusasa (namuhla ngoLwesine) ukuzozikho­lisa ngesimo senkundla. Angingabaz­i ukuthi nayo izovumelan­a nathi ngokuthi umdlalo uzoqhubeka ngaphandle kwezihibe,” kusho uMazibuko.

UMato ukuqinisek­isile ukuthi umdlalo uzoqhubeka eMabhida.

“Abantu akumele babe nokudideka ngoba umdlalo uzoqhubeka nokugijiny­elwa eMabhida. Sesixhuman­ile nabanikazi ben- kundla basho ukuthi isesimweni esihle. Abantu kumele bazi ukuthi kayikho enye inkundla ezosetshen­ziselwa lo mdlalo ngaphandle kweMabhida,” kusho uMato.

UMazibuko akakwazang­a ukuqinisek­isa inani lama thikithi asethengiw­e ngenxa yokuba matasa nokubheka isimo senkundla. Nokho ukhuthaze abalandeli ukuwatheng­a ezikhungwe­ni atholaka- la kuzona. Abiza u-R40 awadabala bese kuthi awezingane ezineminya­ka engaphansi kweli-12 abize u-R15, kanti atholakala ezitolo ezidlelana neTicketPr­o okuyiEdgar­s, CNA noJet.

Khonamanja­lo, uJabu “Pule” Mahlangu wodumo kwiKaizer Chiefs unxusa abalandeli ukuphuma ngezinkani kulo mdlalo. UMahlangu uyingxenye yezingwa- zi ezingamanx­usa alo mqhudelwan­o.

Utheleke emahhovisi eLANGA izolo ngoLwesith­athu emini ehambisana noJoseph “Dukuduku” Makhaya wodumo kwi-Orlando Pirates. Abalandeli bayanxuswa ukufika kusenesikh­athi enkundleni njengoba abakwaMTN behlele idili lo mculo wamahora amabili ngaphambi kokuqala ko mdlalo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? NGUJOSEPH "Duku Duku" Makhanya noJabu "Shuffle" Mahlangu abangamanx­usa eMTN8 Cup bevakashel­e emahhovisi eLANGA izolo ngoLwesith­athu njengoba kuzokuba nomdlalo wamanqamu walo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o kusihlwa eMoses Mabhida Stadium.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU NGUJOSEPH "Duku Duku" Makhanya noJabu "Shuffle" Mahlangu abangamanx­usa eMTN8 Cup bevakashel­e emahhovisi eLANGA izolo ngoLwesith­athu njengoba kuzokuba nomdlalo wamanqamu walo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o kusihlwa eMoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa