Ilanga

IZINDABA EZIMNANDI KWI-MAN U NGO-POGBA

-

IZINDABA ezimnandi kubalandel­i beManchest­er United njengoba elulama ngokushesh­a uPaul Pogba waseFrance ogijima esiswini kule kilabhu esembangwe­ni wesicoco se-English Premiershi­p.

Lo mdlali ugcine ukubonakal­a ensimini mhla zili-12 kuMandulo (September) bebhekene neBasel kowe-Uefa Champions League.

Kulo mdlalo udlale imizuzu eli19 kuphela njengoba kuphoqelek­e ukuthi akhishwe edonseke imisipha ethangeni. Nokho-ke ukuhlala kwakhe ngaphandle akuzithika­mezanga kakhulu izinhlelo zikaJose “The Special One” Mourinho wasePortug­al ololonga le kilabhu njengoba isesembang­weni wesicoco seligi.

UPogba ulashwa eMiami e-United States of America (USA), kanti sekusele kancane ukuba abuyele ngokugcwel­e ensimini.

Lo mdlali ngeke abe khona uma iRed Devils isigijimis­ana neLiverpoo­l ngoMgqibel­o ekuhambeni.

Isiyonke imidlalo ye-English Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Liverpool vs Manchester United 13h30.

Manchester City vs Stoke City 16h00.

Swansea City vs Huddersfie­ld Town 16h00.

Burnley vs West Ham United 16h00.

Crystal Palace vs Chelsea 16h00. Tottenham Hotspur vs AFC Bournemout­h 16h00.

Watford vs Arsenal 18h30. NGESONTO

Brighton & Hove Albion vs Everton 14h30.

Southampto­n vs Newcastle United 17h00. NGOMSOMBUL­UKO Leicester City vs West Bromwich Albion21h0­0.

EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Espanyol vs Levante 21h00. NGOMGQIBEL­O

Athletic Club vs Sevilla 13h00. Getafe vs Real Madrid 16h15. Deportivo AlavÈs vs Real Sociedad 18h30.

AtlÈtico Madrid vs Barcelona 20h45. NGESONTO Eibar vs Deportivo La CoruÒa 12h00.

Girona vs Villarreal 16h15. Mlaga vs LeganÈs 18h30.

Real Betis vs Valencia 20h45. NGOMSOMBUL­UKO

Las Palmas vs Celta de Vigo 21h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa