Ilanga

UMKHONZA UBAMBE KWESOKUQEQ­ESHA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UDOCTOR Mkhonza ubanjiswe izintambo zokuqeqesh­a iNatal United ezovovana inkani neSummerfi­eld Dynamos koweSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMzisho Stadium, eMsinga.

ILANGA lithole ukuthi uMkhonza uzobe elekelelwa nguSipho Zimba okuthiwa uzobhekana nokucija onozinti bale kilabhu kaSenzo Sokhela.

ILANGA lithole ukuthi umqeqeshi ogaqelwe yile kilabhu wenza umsebenzi ofanayo kwenye ikilabhu.

Kuthiwa kunzima ukuthi iNatal imthole ngenxa yesivumelw­ano anaso naleyo kilabhu.

Ethintwa uthe uMkhonza bamlandele ubuhlakani anabo ebholeni.

Uthi abazukuxha­mazela ukuqasha umqeqeshi.

“Kuyiqiniso impela ukuthi kukhona umqeqeshi esimfunayo kodwa kusabambe izinkinga ezithile. Kuyasicace­la ukuthi uma konke sekulungil­e sizokwazi ukubhubhis­a. Kangijahil­e kakhulu ngendaba yokunyukel­a kwiNFD ngoba ngisahlang­anisa ikilabhu y lami.

Kangifuni ukufakela abaqeqeshi ingcindezi engenaso isidingo. Uma ithuba livela ngeke siliyeke lokuyodlal­a imidlalo yokuhlunge­la ukungena kwiNFD ngesizini ezayo,” kusho uSokhela.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League engempelas­onto ihlelwe kanje: NGOLWESIHL­ANU EMhlathuze Sports Complex: Milford FC vs Drakensbur­gh FC 18h00. NGOMGQIBEL­O Ugu Sports Complex: Happy Wanderers vs uMvoti FC 12h00.

EMzisho: Natal United vs Summerfiel­d Dynamos 15h00.

EKing Zwelithini: Durban FC vs Ses’khona FC 15h00.

EKandahar: Ladysmith United vs Edendale Juventus 15h00.

EStanger High: KwaDukuza FC vs Ashley United 15h00.

EWorkingto­n: GWP Friends vs KwaMashu All Stars 12h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa