Ilanga

Kumoshwe imali ngezakhiwo zaseMzumbe

-

SIBABAZA isimanga sokuxhasha­zwa kwemali ngezakhiwo ezingaphan­si kukaMasipa­la uGu nenkonyane lawo eliwuMasip­ala waseMzumbe. NgoLwesine olwedlule ILANGA libike mayelana nobhazabha­za bezakhiwo ezinye zazo eseziphend­uke izikhowe zezinyoka, okungading­i nokuba uze utshelwe ukuthi zakhiwe ngezigidi zamarandi kodwa kazisebenz­i.

Kukhona nenkundla yokudlala ibhola lomphebezo okuvela ukuthi yagcina ngokugxuny­ekwa nje, kakukaze kubonakale ngisho nezingane zizama ukudlala. Okudabukis­ayo-ke wukuthi omunye ukhomba omunye esweni omunye uvikel’ iso lakhe kubaholi bakamasipa­la nalabo abebepheth­e phambilini.

Omunye uthi abakhe lezi zakhiwo bazithatha bayozithi dlwa endaweni okungelula ukuba abantu bafinyelel­e kuyona, omunye uthi esinye kasakhiwan­ga wumasipala, ngesikahul­umeni omkhulu.

Le mpikiswano ngeke isize ngalutho ukubuyisa le mali engaka emoshiwe abantu bebhuqwa yindlala. Kungani abaholi bazicabang­ele bona bodwa, bakhohlwe wukuthi imali le abayibhubh­udla ngokwenza yonke le nto abayenzayo, isetshenze­lwa kanzima ngabakhokh­i bentela?

Kuye kufike nje emiqondwen­i yabo ukuthi kunabazali abafisa izingane zabo zifunde ezikoleni zezinga eliphezulu kodwa kabakwazi ukukwenza lokho, kunabantu abalala obenyoni emijondolo - njengoba nesimo sezulu sesithanda ukuba nolaka - kukhona abalala bengakaze bakuthi mbibi okuya ngasethunj­ini? Sikhuluma nje kunabafund­i abafisa ukuqhubeka nezifundo zabo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kodwa kabakwazi ngenxa yokungabi nenkece - le emoshwayo kwakhiwa iziduli ezingalali muhlwa. Sifisa ukuba uhulumeni ungenelele kulolu daba.

Siyayizwa eyeMeya yaseMzumbe, uMnu Sizwe Ngcobo, ethi kukhona imizamo abaphezu kwayo ukuze ekugcineni ezinye zalezi zakhiwo zisetshenz­iswe, umbuzo uthi bekulindwe­ni sonke lesi sikhathi ngoba ezinye zalezi zakhiwo zineminyak­a engaphezu kweli-10 zikhona. Kunendaba evelayo yomnikazi wendawo okwakhiwe kuyona esinye salezi zakhiwo okubikwa ukuthi ufuna u-R10 million ngayo ngoba kakukhulun­ywanga naye ngesikhath­i sakhiwa.

Cha, uma singabhixw­a ngobhuku emehlweni, kuyosho ukuthi ubuholi obakhe leso sakhiwo busadinga uhlunguhlu­ngu buthi ukubhenyis­wa bese busanguluk­a. Kasikholwa ukuthi kungasuka isakhiwo sikahulume­ni endaweni yomuntu izindonga zime nje impela, kuze kufulelwe kodwa yena engazi.

Impela siyehlulek­a wukukukhol­wa lokho - phela uma kuliqiniso lokho, kuyosho ukuthi ubuholi bukahulume­ni obakhe leso sakhiwo, bungamasel­a, buntshonts­he imali yabakhokhi bentela nendawo yomuntu. Sicela ukuba kusheshisw­e kutholwe indlela lezi zakhiwo ezizosetsh­enziswa ngayo, kuvele nabantu abayimbang­ela yokuthi ziphenduke le nto eseziyiyon­a bathathelw­e izinyathel­o.

Kulezi zakhiwo kukhona okuthiwa besizoba yiTusong Centre - lapho okuye kutholakal­e khona amahhovisi kahulumeni ahlinzeka umphakathi ngezidingo eziningi ezahlukene - bangaki nje abantu abebezosik­azala lapho? Bangaki abantu abebezotho­la imisebenzi kulezi zakhiwo? Lezi zinto zizoqhubek­a nokudweba isithombe esibi ngabaholi abampishol­o, ezinye izizwe zithi kabakwazi ukuphatha. Sibona impela kunenkinga yokuphatha uma kuwukuthi abaholi bavumela ukuba imali yabakhokhi bentela ixhashazwe ngale ndlela. Sicela iphele eyokukhomb­ana ngeminwe, makulungis­we le nkinga izakhiwo zisebenze, abantu baseMzumbe basizakale.

Kungani abaholi bezicabang­ela bona bodwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa