Ilanga

UKHOZA UGXEKA IZIDAKWA EBHOLENI

- PHILANI NCALANE

UKHWELE wadilika kubadlali abangokhan­da limtshela okwakhe u-Irvin Khoza onguSihlal­o wePremier Soccer League (PSL). UKhoza ubehola ithimba lePSL ebelivakas­hele uCedric “Sugar Ray” Xulu emzini wakhe ngoMgqibel­o emini eClermont ngaphandle kancane kwasePinet­own.

UKhoza uthe kunohlelo olukhulu abazolweth­ula okuhloswe ngalo ukukhuthaz­a abadlali ngendlela efanele yokuziphat­ha. Uthi ukulahleka kwesimilo emiphakath­ini yakuleli yikhona kanye okudala ukuthi abadlali balahlekel­we yisimilo nenhloniph­o.

“Thina sikhule ingane ithethiswa futhi ishaywa ekhaya. Bekuthi nxa yenze iphutha ithethiswe umakhelwan­e obekwenza ibone ubumqoka bokuziphat­ha kahle emphakathi­ni. Nasesikole­ni bekuyinto efanayo ngoba nothisha bebeba ngabazali. Namuhla uma ufaka ingane endleleni kuthiwa kumele uthwese icala lokuyihluk­umeza. Laba badlali abagijima kwiPremier Soccer League (PSL) babuya kuyona lemiphakat­hi esilahleke­lwe yisimilo. Lokhu kwenza ube mkhulu kakhulu umsebenzi esibhekene nawo njengabaph­athi bama kilabhu. Sekukaning­i silahlekel­wa ngabadlali ezingozini zomgwaqo okuthi nxa kuphenywa kuvele ukuthi bebephuma ezindaweni zokujuxuza. Kuwumseben­zi wethu sonke ukunqanda lo mkhuba. Amakilabhu ngeke enze lutho ewodwa ngakho-ke kumqoka ukuthi nomphakath­i ubuyelwe yisimilo. Abadlali bamanje kungaba kuhle babukele kubantu abafana noXulu. Sekukudala aliyeka ibhola kodwa usaphila impilo ehlanzekil­e ngenxa yokukwazi ukuzihloni­pha,” kusho uKhoza.

Ubepheleze­lwa nguMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL, uPatrick Sokhela onguSihlal­o wamaZulu FC, uSbu Mpisane ophethe iRoyal Eagles noVuma Mfeka ongumngani omkhulu kaXulu. UXulu ubonge kakhulu uKhoza nethimba lePSL ngokumkhum­bula njengoba impilo yakhe isibuthaka­thaka.

UWillies Mchunu onguNdunan­kulu waKwaZulu-Natal ungomunye wabantu abahlale belitusa iqhaza elibanjwe nguXulu kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika. UMchunu njalo ngoZibandl­ela (December) unikeza izingwazi izipho ezahlukene.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ISUPERSPOR­T United iphakamise eyeMTN8 yehlula iCape Town City.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ISUPERSPOR­T United iphakamise eyeMTN8 yehlula iCape Town City.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa