LIFELE UKHIYE IPHOYISA EBELIDUNWA
Baphosa isidumbu salo ehlathini
LIFELE ukhiye iphoyisa eligwazwe inqwaba yamanxeba ekhanda nasentanyeni ngesikhathi lidunwa imoto ngeSonto ebusuku KwaSawoti ngaseXobho, maphakathi neKwaZulu-Natal.
Amalunga omphakathi, azibonele lesi sigameko, ababaza isihluku sababulali okuthiwa baqede ukubulala uW/O Thulani Mkhize (50) bathatha isidumbu sakhe basiphosa ehlathini.
ILANGA lithole ukuthi uW/O Mkhize, obesebenzela esiteshini samaphoyisa KwaSawoti, enomuzi eMgwena eMid-Illovo ngaseMbumbulu, ugwazwe wabulawa ngabasolwa abangaziwa ngesikhathi bezama ukumduna imoto yakhe eyiChevrolet Aveo, ephuma emsebenzini elibangise emqashweni wakhe.
ILANGA likhulume nendodana yakhe, uMnu Mafika Mkhize (27), eveze ukuthi uyise ubesebenza ehlala emqashweni, egoduka uma kuphela inyanga.
Uthi wehlelwe yilesi gameko esendleleni ebheke emqashweni wakhe, uhlaselwe ngamadoda angaziwa okuthiwa azame ukuvimba imoto yakhe ezama ukuyidu- na.
Kuthiwa uW/O Mkhize uyicishile imoto phakathi nomgwaqo ngesikhathi ebona ukuthi kukhona okushaya amanzi.
Kuthiwa uqede ukuyicisha wabe esekhipha ukhiye wawuphosa esikhotheni enzela ukuthi abasolwa bangakwazi ukuthatha imoto.
Abasolwa kuthiwa bathukuthele bagana unwabu bambhokoda ngommese ekhanda nasentanyeni. Kubikwa ukuthi baqede ukumbulala bathatha isidumbu sakhe bayosiphosa ehlathini eliseduze nomgwaqo, ngalapho obekukhona imoto yakhe. Emuva kwalokho kuthiwa abasolwa bashaye bachitha nesibhamu sakhe somsebenzi nomakhalekhukhwini wakhe.
UMnu Melusi Kweyama, onguninalume kaW/O Mkhize, uthi umshana wakhe ubengenazo izitha, bayasola ukuthi abasolwa bebefuna imoto.
“Siyasola ukuthi into ebenze bathukuthela baze bambulala wukuthi ulahle ukhiye esikhotheni bangabe besakwazi ukuthola imoto ababeyifuna. Sibuhlungu ngendlela abulawe ngayo,” kusho uMnu Kweyama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Colonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo.
Siyasola ukuthi into ebenze bathukuthela baze bambulala wukuthi...