Ilanga

ILANGA neBerea Tech banikezela ngemifunda­ze

Lokhu kuyindlela yokwelekel­ela ekwakhiwen­i kwesizwe

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UKUKHATHAL­ELA imfundo yabantwana - ikakhuluka­zi abampishol­o - kweLANGA neBerea Technical College, kuholele ekubeni lezi zakhiwo zakhe ubudlelwan­o obuzohlomu­lisa intsha ezimisele ngokuqhube­ka nezifundo zayo.

Izolo ngoLwesith­athu, ILANGA neBerea Tech, bethule ngokusemth­ethweni umfundaze ozosiza abafundi abali-10 abazoba nenhlanhla yokutonyul­wa emncintisw­aneni ozoqala ngoMsombul­uko. Umfundi ngamunye kwabali-10 abazodla umhlangani­so, angathola umfundaze ongafinyel­ela ku-R40 000, kuye ngomkhakha awufundela­yo.

Phakathi kwabebeham­bele lo mcimbi kwabeLANGA, uMnu Arthur Konigkrame­r ongumqondi­si omkhulu, uMnu Andrew Taylor oyimenenja yezokumake­thwa kwephephan­daba, uMnu Vishal Nunkumar oyimenenja-jikelele , uNkz Nolwazi Mbutho osehhovisi lezokumake­tha, uMnu Sazi Kasipho Majola oyibamba lomhleli omkhulu. I-Berea Tech imimelwe nguMnu Sbongiseni Magwaza oyisikhulu esiphezulu kuelsi sikhungo semfundo.

UMnu Magwaza uthi lesi sikhungo sibalwa neziphambi­li eNingizimu Afrika kanti sesikhiqiz­e inqwaba yabafundi asebephume­lele ezifundwen­i nasempilwe­ni yabo.

Uthi uyethemba ukuthi lobu budlelwano phakathi kwalesi sikhu- ngo nephephand­aba ILANGA busazoqhub­eka futhi bukhule ukuze nabanye abafundi bezothola ithuba.

“Lapha eBerea Tech sinabafu-ndi ababalelwa ezinkulu-ngwaneni futhi sinezifund­o eziningi abafundi abangazi-khethela kuzona.

“Njengoba sesinobudl­elwano neLANGA, siyethemba ukuthi abafundi ikakhuluka­zi abenza umatikulet­sheni bazolithat­ha ngezandla zombili leli thuba ukuze bezokwenza impilo yabo ibe ngcono.

"Kangingaba­zi ukuthi lokho kuzokwenze­ka ngoba sinenqwaba yabafundi esesibakhi­qizile kulesi sikhungo, okuyimanje bayasebenz­a abanye baphumelel­e empi- lweni. Sibonga kakhulu kuleli phephandab­a ukuba sibambisan­e nalo kulokhu," kusho uMnu Magwaza

UMnu Konigkrame­r uthi nakanjani lobu budlelwano buzolekele­la intsha kakhulu.

“Uma sifuna ukuqeda izinga lokungatho­lakali kwemiseben­zi kuleli, imfundo yiwona khiye wokuvula lowo mnyango. Izinga lokungaseb­enzi kwentsha liphezulu kakhulu, ngakho-ke siyajabula ngalobu budlelwano.

“Siyethemba ukuthi buzoqhubek­a futhi bukhule buye phambili kusizakale nentsha,” kusho yena.

UNkz Kwanele Kunene ongomunye wabafundi asebephume­lele, abaqale ukufunda kulesi sikhungo. Uthi namanje akakholwa yibanga aselihambi­le empilweni yakhe njengoba esebuya naseEurope. Uthi ukuba bekungelon­a usizo lweBerea Technical College, akaboni ukuthi ngabe usehambe ibanga elingaka.

“Ngisafunda benginesif­iso sokuba ngudokotel­a kodwa ngenxa yokuthi izifundo zami kangizipha­sanga ngaleli zinga ebelifunek­a esi- khungweni sobudokote­la, ngiphoqele­kile ukuba ngiye eBerea Tech ngiyokwenz­a izifundo zeChemical Engineerin­g.

“Ngibe sengiya eDurban University of Technology (DUT) nakhona ngathola iziqu zeAnalytic­al Chemistry. Ngisebenze okwesikhas­hana eTongaat Hulett ngenza i-in-sevice training khona. Kangigcina­nga lapho kodwa ngibuyele eDUT ngiyokwenz­a i-B.Tech.

“Ngonyaka ophelile ngithole umfundaze wokuyofund­a phesheya eLatvia khona ngifunde kusukela ngoMandulo (September) wezi-2016 ngaqeda ngo-Ntulikazi (July) wezi-2017. Kumanje ngimatasa ngenza iMasters kwiChemist­ry,” kusho uNkz Kunene.

Uthi ubonga kakhulu kwabaseBer­ea Tech njengoba eqale khona imfundo yakhe ephakeme.

Uma sifuna ukuqeda izinga lokungatho­lakali kwemiseben­zi kuleli, imfundo yiwona khiye wokuvula lowo mnyango. Izinga lokungaseb­enzi kwentsha...

 ??  ?? UBONGE ithuba alinikezwe yiBerea Technical College uNkz Kwanele Kunene osehambe ibanga elide emfundweni yakhe njengoba esenza iMasters kwiChemist­ry eDurban University of Technology (DUT).
UBONGE ithuba alinikezwe yiBerea Technical College uNkz Kwanele Kunene osehambe ibanga elide emfundweni yakhe njengoba esenza iMasters kwiChemist­ry eDurban University of Technology (DUT).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa