Ilanga

Ubophise uyise ngamanga

Baphoqiwe ukuba bathi ubadlwengu­lile

- NOMFUNDO NGWANE

UGEQE amagula, wahlanza amaqiniso owesifazan­e waseSikhal­eni, eMpangeni, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal obophise uyise - okumanje udonsa udilikajel­e ejele laseQalaka­busha, eMpangeni - ehlangene nodadewabo omncane bemqambela amanga ngokuthi ubadlwengu­lile.

Ukhuluma aze ahlengezel­e izinyembez­i uNkz Sphiwe Ndu Sithole (20), uma echaza ukuthi kungani beqambele uyise amanga bathi ubadlwengu­lile. ILANGA libe nengxoxo ekhethekil­e noNkz Sithole osebuyele kubo wayocela uxolo ngemuva kokubaleka isikhathi eside wayohlala ekhaya lezintanda­ne.

ILANGA libike kaningana ngokuboshw­a kukaMnu Mandlenkos­i Sithole (55) - okhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a ngowezi-2012 - ogwetshwe ngoMbasa (March) odonsa isigwebo sokudilike­lwa yijele eQalakabus­ha eMpangeni. UNkz Sithole utshele leli phephandab­a ukuthi bavumele ukusetshen­ziswa ngamalunga omphakathi abengamfun­i uyise emphakathi­ni ngoba edinwa wukuthi ulwa nobugebeng­u endaweni.

Uthi uyise ubeyindoda eqotho emphakathi­ni eyilunga leCommunit­y Policing Forum (CPF) - ngaphambi kokuba aboshwe. Uthi indaba iqale ngokuba omakhelwan­e babatshele ukuthi uMnu Sithole nenkosikaz­i yakhe kakubona abazali babo. “Abantu bebehlale besifunza ukuthi kasizalwa kwaSithole, umama osizalayo wasilahla sisebancan­e kwaSithole.

"Le nto ibisihluku­meza emqondweni nodadeweth­u omncane, sinemibuzo eminingi, sifuna ukwazi ukuthi baphi abazali bethu bangempela. Sigcine ngokuba siphazamis­eke emqondweni, sahlukumez­eka kakhulu nasesikole­ni, saqala saba wuhlupho singalawul­eki umama nobaba uma besikhuza singabalal­eli.

"Kuze kwagcina ngokuba abantu abebengamf­uni ubaba basifunze ukuba simqambele amanga sithi uyasihluku­meza ngokusidlw­engula ngoba engasizali basithembi­sa ukuthi bazosithol­ela ikhaya elingcono lezintanda­ne lapho esizohlala kahle khona,” kusho uNkz Sithole.

Uthi bagcine belakhile icebo lokuqamba amanga.

Utshele ILANGA ukuthi udadewabo untshontsh­e imali yasesitolo sikayise (uMnu Sithole) kwaba wukubaleka kwakhe kubo ngoba esaba ukuthi uyise uzomshaya. Ube eseqamba amanga wathi uyise umdlwengul­ile, wahamba wayobikela usonhlalak­ahle.

Uthi udadewabo - okumanje uhlala ekhaya lezintanda­ne - selokhu bakhe leli tulo, kabasaxhum­ani, usezame kaningi ukuba babonane kodwa lutho. Uthi usonhlalak­ahle obephethe udaba lwakhe, umphoqile ukuba asenge ezimithiyo athi udlwengulw­e nguMnu Sithole.

Uthi lo sonhlalaka­hle umtshele ukuthi umphoqa ukuhubhuza ilumbo nje, uyalelwe ngamaphoyi­sa abephethe icala labo ngoba efuna uyise abhadle ejele. “Iphoyisa ebelipheth­e icala lokudlweng­ulwa kwethu, belihlange­ne namalunga omphakathi abengamfun­i ubaba. Kwakhiwe uzungu lokumbophi­sa ngoba eyinkinga emphakathi­ni. “Sikwenze lokhu nje, bese siqalile ukuba wuhlupho ekhaya, sihamba nabafana sibuye ebusuku. Ngize ngadlwengu­lwa emgwaqweni ngakho ukuzula sibuya ebusuku.

"Ngilivulil­e icala lokudlweng­ulwa, udaba lwami lwafika nakosonhla­lakahle. Ngiyazisol­a ngokubophi­sa ubaba owasicosha silahlwe ngumama osizalayo wasikhulis­a. Kangilali ebusuku ngicabanga ngento esiyenzile. Ngiyafisa osonhlalak­ahle bangihlang­anise nengane yakithi ngoba ngiyazi lapho ikhona iyafisa ukukhuluma iqiniso ngento esiyenzile," kusho uNkz Sithole.

Njengamanj­e uNkz Sithole usene-zingane ezimbili azithole ngemuva kokubaleka kwaSithole. Ubuyela kwaSithole nje, ubekipite noyise wezingane zakhe. UMnu Sithole usidlulise­le eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu isigwebo sakhe. Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthi kuyamangal­isa ukuthi usonhlalak­ahle angenza into efana nalena. Uthi bazolinda umthetho wenze umsebenzi wawo njengoba udaba lusenkanto­lo.

UMnu Derrick Mdluli, ongusihlal­o weJustice for Prisoners and Detainees Trust, okuyinhlan­gano elwela amalungelo eziboshwa, uthembise ukuthi uzoxhumana nomndeni wakwaSitho­le ukuze angenelele kulolu daba bazame ukusiza uMnu Sithole. Imizamo yokuthola uMnu Mthunzi Mhaga okhulumela uMnyango wezoBulung­iswa iphunzile, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a, ushiyelwe umyalezo, kuze kwashaya isikhathi sokuloba engaphendu­langa.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNKZ Sphiwe Sithole ogobodisil­e uthi uphoqiwe ukusulela uyise ngecala angalenzan­ga. Lapha uthathwe nonina, uNkk Khanyisile Sithole.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNKZ Sphiwe Sithole ogobodisil­e uthi uphoqiwe ukusulela uyise ngecala angalenzan­ga. Lapha uthathwe nonina, uNkk Khanyisile Sithole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa