Ilanga

BADINIWE NGAMAMITHA OKUPAKA KWADUKUZA

- ALUTA MBELE

UYAVUTHA umphakathi owakhele idolobha iKwaDukuza, ogwini olusenyath­o yeKwaZulu-Natal, ngohlelo lwamamitha okupaka agxunyekiw­e njengoba bethi amba eqolo futhi kawaziswan­ga ngawo.

Abakhala kakhulu ngabashaye­li bezimoto abasebenza bahwebe kuleli dolobha. Nakuba uMasipala waKwaDukuz­a uthi lolu hlelo, olwethulwe ngoMsombul­uko ezimpamban­weni zomgwaqo uChief Albert Luthuli noKing Shaka - njengoba uMfumfu (October) kuyinyanga yezokuthut­ha - luzoshints­ha impilo yabantu abaningi, lwehlise ubugebengu, lwandise amathuba emisebenzi kodwa abezimoto bashaya amakhala.

La mamitha - aqhamuke nomasipala neVusa Isipho & Trading Enterprise - azoqala ukusebenza mhla ulunye kuLwezi (November) nonyaka.

Kulindelek­e ukuba kuqashwe abantu abangama-60 uma seluqalile ukusebenza lolu hlelo lwamamitha kodwa abashayeli bathi kufana nokuthi umasipala uyabaqola njengoba uthi ukupaka ihora kuzoba wu-R6.

UMnu Bhekithemb­a Ngubo (37), ohlala eMellvile, osebenzela kuleli dolobha, uthi nakuba ushintsho ludingeka kodwa luzomba eqolo, sebezongen­a kwezinye izindleko yize nesimo somnotho sintengant­enga.

“Sekuzoba nzima ngempela, mina bengingazi nokuthi sekuzokhok­hwa, ngethuswe yibhodi nje elixwayisa­yo sengiya emotweni yami. Ngike ngaya emadolobhe­ni ahlukene kodwa kakubizi kangaka. Sekuzomele ubhajethe manje,” kusho uMnu Ngubo.

Kuzothanda ukusinda kwehlela kubantu abaningi abanezimot­o abasebenze­la kuleli dolobha njengoba bengenazo izindawo zokupaka, bezishiya emigwaqwen­i izimoto zabo.

UNkk Nonhlanhla Gumede (47), osedayise iminyaka evile kweli-10 KwaDukuza, onemoto ehlala ipake emgwaqweni waleli dolobha, ukhala ngemali azoyikhiph­a njalo ngosuku.

Uthi ufika ngehora lesi-08h00 aze ahambe ngelesi-18h00 - uthi usezolimal­a kakhulu ephakethen­i njengoba ezohlukana no-R60 wokupaka.

“Lokhu kuzosishay­a kakhulu emalini. Nakuba bethi lolu hlelo luzoqeda ubugebengu, ludale amathuba emisebenzi kodwa bekumele umasipala ucabangele abantu abahwebayo.

“Kasenzi inzuzo eningi, kumele basizwele thina esidayisay­o,” kusho uNkk Gumede.

Umasipala uthi lolu hlelo kumele lube khona naKwaDukuz­a njengoba amadolobha amaningi esenalo. Uthi usemkhanka­sweni wokuqhuba iphupho laleli dolobha elibizwa ngeVision 2030 ukuze lithuthuke lifane namanye amakhulu.

IMeya yaKwaDukuz­a, uMnu Ricardo Mthembu, ithe bebeyilind­ele imibono ezovela kubantu, kodwa okubalulek­ile wukuba khona koshintsho edolobheni ukuze kuvuleke namathuba emisebenzi.

“Abantu basazolujw­ayela lolu hlelo, ezindaweni eziningi selukhona,” kusho uMnu Mthembu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa