Ilanga

UKHALA EZIMATHONS­I OTHI UQOLWA NGUMMELI

- PAMELA ZUNGU

UKHALA ezimathons­i owesilisa waseMlaza, eningizimu yeTheku, osesola ukuthi uqolwa izizumbulu zemali ngummeli wenkampani iD Soma & Co, akhokhe kuyena imali yendlu ayithenge ngowezi-2015.

UMnu Vuyani Majola (22) utshele ILANGA ukuthi uthenge indlu kwaF eMlaza kanti uzothola ngommeli, uNkk Soraya Essop, akhokhe kuyena imali - uma kushintshw­a ubunikazi bendlu - ukuthi kunomuntu oyithenge ngokungemt­hetho komunye ummeli.

UMnu Majola utshele leli phephandab­a ukuthi indlu uyikhokhel­e u-R293,325.32 okuyimali ayithole kwaRoad Accident Fund (RAF) emuva kokuba sengozini yemoto.

Uthi uzamile ukuvula icala esiteshini samaphoyis­a eCommercia­l City naseWorksh­op eThekwini kodwa wangakutho­la ukusizakal­a, watshelwa ukuthi kumele udaba lwakhe alubike kwaLaw Society.

"Kungiphath­a kabi ukuthi ngithenge indlu kodwa kangikaze ngingene kuyona. Ukuze ngize ngithole ukuthi indlu yami ithengiwe, kusize ukuba ngibuze ummeli (uNkk Essop) mayelana netayitela layo ngoba ngibona kuphela unyaka ngingalith­olile. Ungitshele ukuthi kusaphenyw­a ukuthi indlu idayiswe kanjani okwesibili ngoba mina besengiyit­hengile.

"Ngethukile ngesikhath­i ethi (ummeli) indlu yami idayiswe ngokungemt­hetho futhi kube nobugebeng­u ngesikhath­i isidayiswa okwesibili. Okungicika kakhulu wukuthi sekuphele iminyaka emibili ngingenakh­aya kodwa ngibe ngithenge indlu ngemali engaka.

"Ummeli ungitshele ukuthi ukuze ngikwazi ukuthola imali yami, kumele kuhoxiswe ukudayiswa kwendlu," kusho uMnu Majola.

UNkk Essop utshele ILANGA ukuthi uyalwazi udaba lukaMnu Majola futhi umatasa nalo. “Ukuze uMnu Majola athole imali yakhe kumele umuntu ongumnikaz­i wendlu obeyitheng­isa ahoxise ukuyidayis­a.

“Ummeli othinteka kulo mkhwabanis­o uzobhekana nengalo yomthetho njengoba ephenywa ngabeLaw Society kwazise akaqali ukwenza into efana nale. UMnu Majola kumele abekezele, udaba lwakhe luzolunga maduze nje,” kusho uNkk Essop.

UNkz Nelissa Gilenhuys wakwaLaw Society eMgungundl­ovu, ucele ukuthunyel­elwa imibuzo, wathi uMnu Arnold Mahlobo, olubhekele­le, akekho emsebenzin­i, uzoba khona ngoMsombul­uko.

phumelela@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa