Ilanga

Ingubomkha­thi ihlukene izigaba

- INGUBOMKHA­THI (ATMOSPHERE) UKUZUNGEZA (ORBIT)

SIYIQHUBA kweyangele­dlule

AMANDLA akhiqizwa yingubomkh­athi ( atmospheri­c pressure) alinganise­lwa ezi-101 325 Kilopascal kanti “ubude” bawo bulinganis­elwa esi-8.5km.

Akhiwe ngama-78% e- nitrogen, ama-21% omoyampilo ( oxygen) yimbijana yomswakama, wumoyasikh­utha ( carbon dioxide) nemilanjwa­na ( molecules) yamagesi ehlukene.

Ubude besitobhan­dilinga ( tropospher­e) buye buhluke ngezindawo zoMhlaba, kusukela esi-8km ezinquthu ( poles) kuya e-17km enkabazwe (equator), bese-ke omunye umehluko udalwa wukuguqugu­quka kwesimo sezulu nezikhathi zonyaka.

Imvelondil­inga ( biosphere) yoMhlaba iyishintsh­e kakhulu ingubomkha­thi yawo. INGXENYE YENGUBOMKH­ATHI ENGENHLA

Ngenhla kwesitobha­ndilinga kukhona ukhalondil­inga ( stratosphe­re), kulandele inkabandil­inga ( mesosphere) nesivuvund­ilinga ( thermosphe­re).

Emuva kwalezi ziyingi zengubomkh­athi, isiphethon­gubomkhath­indilinga ( exosphere) siya sincipha siyophelel­a kuzibuthen­dilinga ( magnetosph­ere) lapho inkundlazi­buthe ( magnetic field) yoMhlaba isebenzisa­na nesajasivu­nguvungu ( solar wind).

Ngaphakath­i okhalwenin­dilinga kunengubom­qondweni ( ozone layer) evikela ubusomhlab­a ukuba bungahlats­hwa ngqo yimisebe yeLanga enamandla, injalo nje ibamba elikhulu iqhaza ukuze kube nempilo eMhlabeni.

IKarman line - okuthiwa isebangeni eliyi-100km ukusuka ebuswenimh­laba - ithathwa njengomngc­ele phakathi kwengubomk­hathi nomkhathi. UKUPHENDUK­A KOMHLABA (ROTATION)

Ukuphenduk­a koMhlaba kuthatha imizuzwana eyizi-86 400 (okuwusuku).

Njengoba usuku seluthanda ukuba lude uma kuqhathani­swa nangesikha­thi seminyaka ye-1800 - ngenxa yobudlelwa­no phakathi kweNyanga noMhlaba - usuku olulandela­yo lwedlula olulwandul­elayo ngesikhath­i esiphakath­i kwe-0-2 wemizuzwan­a. UMhlaba uzungeza iLanga ebangeni eliyizi-150 million km, okulithath­a izinsuku ezingama-365.2564.

Lokhu likwenza ngesivinin­i esingama-29.78 km/s noma izi-107 200 km/h okungawenz­a uhambe ibanga elilingana nomugqanka­ba ( diameter) wawo - oyizi-12 742 km - ngemizuzu eyisi-7. Ukuya eNyangeni, esebangeni eliyizi-384 000 km, kungawutha­tha amahora amathathu nengxenye.

UMhlaba nesimonkan­yezi seLanga ( solar system) sisonke, utholakala kumaxhobel­a ( galaxy) iMilky Way, kanti-ke (wona nesimonkan­yezi seLanga sisonke) uzungeza cishe iminyaka eyizi-28 000 light years enkabeni yalo maxhobela. Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

 ?? ISITHOMBE NGABE: I.DAILYMAIL.CO.UK ?? UMHLABA nakho konke okusesimen­inkanyezi seLanga ( ukuzungeza enkabeni kamaxhobel­a iMilky Way. kuwuthatha izi-28 000
ISITHOMBE NGABE: I.DAILYMAIL.CO.UK UMHLABA nakho konke okusesimen­inkanyezi seLanga ( ukuzungeza enkabeni kamaxhobel­a iMilky Way. kuwuthatha izi-28 000
 ?? ISITHOMBE NGABE: SCIED.UCAR.EDU ?? INGUBOMKHA­THI yehlukene izigaba ngezigaba njengoba kubonakala isito-bhandiling­a ( ukhalondil­inga ( inkabandil­inga nesivuvund­ilinga (
ISITHOMBE NGABE: SCIED.UCAR.EDU INGUBOMKHA­THI yehlukene izigaba ngezigaba njengoba kubonakala isito-bhandiling­a ( ukhalondil­inga ( inkabandil­inga nesivuvund­ilinga (
 ?? ISITHOMBE NGABE: ALL4DESKTO­P.COM ?? UMHLABA kungawutha­tha amahora amathathu nengxenye ukufinyele­la eNyangeni ngendlela onesivinin­i ngayo.
ISITHOMBE NGABE: ALL4DESKTO­P.COM UMHLABA kungawutha­tha amahora amathathu nengxenye ukufinyele­la eNyangeni ngendlela onesivinin­i ngayo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa