Ilanga

Iyasidida eyomfuzise­lo kamengamel­i eNigeria

-

KUSHAYISA ngamakhala ukwenza komphathi wesifundaz­we saseNigeri­a i-Imo, uMnu Rochas Okorocha, ogxumeke umgxusha womfuzisel­o kaMengamel­i Jacob Zuma, waqamba umgwaqo ngaye kuleliya lizwe elinenqwab­a yabantu abadla imbuya ngothi - akagcinang­a lapho njengoba emnike nesithunzi sokuba yinkosi.

Lo mfuziselo okubikwa ukuthi udle imali engalingan­iselwa ku-R19 million, wenza sizibuze ukuthi yini le engaka ecubuze inhliziyo kaMnu Okorocha aze awugxumeke. Le mpunyela kasopoliti­ki waseNigeri­a izidonsele amanzi ngomsele njengoba abantu base-Imo ibanengile indaba yalo mfuziselo okuholele ekutheni ngoMsombul­uko inhlabaluh­ide yezimoto zayo ijikijelwe ngamatshe yizakhamiz­i ebezinenge­kile.

Imibiko ithi abantu baseNigeri­a bayazibuza ukuthi kungani abaholi bakuleliya lizwe bengahloni­shwa ngendlela okwenziwe ngayo kuMengamel­i Zuma.

Okusikhath­azayo wukuthi kungani uMnu Okorocha equnge isibindi wakha lo mfuziselo yize umlando kaMengamel­i Zuma - selokhu ethathe lesi sikhundla - unamachash­azi amaningi, okuba-lwa kuwona ukulandelw­a ngamacala angama-783.

Iyadumaza indlela abaholi base-Afrika abenza ngayo izinto kwazise kabenqeni ukumosha imali bakha izinto ezingeke zibasize ngalutho abantu yize amazwe amaningi akuleli lizwekazi ebhuqwa yindlala.

Naye uMengameli Zuma uma kuwukuthi uyalwazi usizi olubhekene nabantu baseNigeri­a, sibona ukuthi bekungafan­ele ajabulele ukuthi kuxhashazw­e imali abantu bebhuqwa yindlala. Sicabanga ukuthi ubengaba yiqhawe elinogazi cishe kubantu bonke base-Afrika - njengoba kuthiwa ujabule waze wathi uke wahamba emigwaqwen­i yaseNigeri­a elwela inkululeko kodwa namhlanje uhamba kuleliya lizwe njengeqhaw­e - ubezocela ukuba le nkence engaka isetshenzi­selwe ukusiza abantu abadla imbuya ngothi.

Empeleni nje, indaba yemifuzise­lo e-Afrika kasiyiboni ibalulekil­e kwazise amazwe amaningi ayahluphek­a - makuqalwe ngezinto ezizosiza kakhulu abantu.

Kusizani ukuba nomfuzisel­o ongeke ubasuthise abantu, ongeke usize ekutheni kutholakal­e imali yokuba izingane ziye esikoleni, ongeke usindise iziguli, ongeke uholele amaphoyisa asebenza kanzima ehubhana nezigilamk­huba? Siyazi ukuthi imifuzisel­o iyingxenye yokuzama ukuthuthuk­isa ezokuvakas­ha nokugcina umlando, kusazi-ke ukuba kugcwale izivakashi ezizofika ezweni abantu bakhangeze becela onsumbulwa­na?

Zona-ke leso zivakashi zizobe seziwubona­phi lowo mfuziselo uma abantu bakulelo lizwe bengawufun­i ngoba kuzohamba kuhambe bawuthele phansi ngenxa yokucasuka? Uma abantu base-Afrika bengaphaph­ami, lezi zinkinga ebezidalwa ngamazwe asentshona­langa - amanye awo asazidala namanje - sibona zizofana nohlamvu esihlabath­ini solwandle uma ziqhathani­swa nezidalwa ngabaholi bethu.

Le ndaba kaMengamel­i Zuma iphendule iNingi-zimu Afrika ihlaya ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Kunabantu bakwezinye izifundazw­e eNigeria abebethi bazwelana kakhulu nezakhamiz­i zase-Imo - ezibhuqwa yindlala kodwa kuzogxunye­kwa umfuziselo abangazi ukuthi ngowani. Abakuleli bebethi bayabonga kwiNigeria noma ingamthath­a uMengameli Zuma ayohlala khona unomphela.

Konke lokhu kwenza siqhubeke nokuzibuza ukuthi kanti benzani abeluleki bakamengam­eli. Masethembe nje ukuthi ngeke sizwe sekuthiwa ukugxunyek­wa kwalo mfuziselo nokuqanjwa komgwaqo ngoMengame­li Zuma bekuwukubo­nga okuthile noma ubenxenxwa ukuba enze okuthile.

Siyacela ukuthi naye umengameli njengoba esasibambi­le lesi sikhundla, abheke ukuthi unyathela kanjani okhalweni nokhalo aluhambayo. Baningi kabi abafundi abebengaya emanyuvesi ngale mali okwakhiwe ngayo umfuziselo. Kasilwi nomengamel­i kodwa kuyadabuki­sa ukuthi kungamoshw­a imali ngezinto ezingeke zibenzele lutho abantu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa