Ilanga

Namanje umfowethu utoke ejele

-

MHLELI: Ngibingele­le ngokuzitho­ba okukhulu, ngikhulume­la umndeni wakwaMngom­a, eNanda.

Siwundeni sikhala ngokuhluku­nyezwa wumnyango wokuhlumel­elisa izimilo. Ilunga lomndeni wethu liboshwe ngonyaka wezi-2001, lagwetshwa ngowezi-2003. Ngowezi-2015 kufike izisebenzi zasejele zasisayini­sa, zasazisa ukuthi useyaphuma etilongwen­i.

Ngowezi-2016 zisifonele zathi masiphinde siqiniseki­se ikheli kodwa lutho umfowethu ukuphuma ejele. Lokhu kuyasihluk­umeza ngaphezu kokuba kuhlukumez­a yena ejele njengoba uze wayisa umnyango wamajele enkantolo nezinye iziboshwa ezi- yisi-8 baliwina icala lokungakhu­lulwa ngoshwele.

UNgqongqos­he wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo, uMnu Michael Masutha, uze wavela kumabonaku­de exolisa ngokubambe­zeleka kwabantu abadonsa njengomfow­ethu. Siwundeni sifisa ukwazi ukuthi yini lena edala ukuba umfowethu angakhishw­a ejele ngoba kabasho ukuthi akazipheth­e kahle kodwa bavele bekhale ngokushoda kweziseben­zi.

Ngisho umyalelo wenkantolo abawunikwe zingama-25 kuNhlaba (May) nonyaka, othi udaba lomfowethu maluyiswe kungqongqo­she Masutha, kabawuhlon­iphi, kasisazi siwundeni ukuthi ngabe lona wumnyango wokuhlumel­elisa izimilo noma ngobulala izimilo zabantu. Kasinayo imali yokukhokhe­la ummeli ngoba ungqongqos­he uzothatha yona le mali yentela ethathwa kithina sihlupheka ayoyilahla enkantolo ebe azi kahle ukuthi unephutha.

Kuningi futhi okungahamb­anga kahle kuqulwa icala lomfowethu, siyacela umnyango udedele umfowethu ejele esaphila, siyamdinga lapha ekhaya. Igama lakhe nguNhlanhl­a Mngoma usejele laseWestvi­lle medium B.

Ozithobayo Justice Mngoma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa