Ilanga

MAKUGXILWE KUBONA BOBUBILI UBULILI ENTSHENI

-

KUBUYISA ithemba eNingizimu Afrika ukubona kunabantu abazikhath­aza ngokufundi­sa intsha yethu ngokuzipha­tha kahle ngendlela yesintu nangaleyo yesimanje. Lokhu kusho ukuthi bakhona abasakhumb­ula ukuthi inkunzi isemathole­ni.

Iqiniso wukuthi thina siyakhula futhi sizobuye sibashiye abantwana bethu - bekungaba kuhle sibashiye sesitshali­le kubona izimfundis­o eziqotho. Zibukeka zikhonyana izinhlelo ezilekelel­a amantombaz­ane ukuba azithibe ocansini isikhathi singakafik­i, engakavuth­wa ngokwengqo­ndo nemizimba ingakabi sesimeni sokuba angangena esigabeni sobudala. Emakhaya nasemaloki­shini iyabonakal­a inhlansi yomama begqugquze­la ukuhlolwa kwezintomb­i nezinye izinhlelo ezifuze lezo eziwasizay­o amantombaz­ane ukuba afundiseke ngobungozi bokuziphat­ha budedengu nokuthatha izinqumo ezizobeka impilo yawo engcupheni.

Nasemakhay­a ethu ibukeka iminingi imithetho eqinile eshayelwa amantombaz­ane ukuze angashonel­wa yilanga engaphandl­e kwamagceke asemakubo, angathunyw­a sekuhwalel­e aphinde aziwe nokuthi uma ephuma kubo aya kuphi, ahamba nobani futhi azobuya nini. Zinhle kakhulu lezi zimfundiso- ziyowasiza amadodakaz­i ethu. Kuyona yonke le mizamo emihle eyenziwayo ngamantomb­azane, ngibona sengathi kusuke kwagxilwa kakhulu kuwona kwalibalek­a ukuthi kawaphili wodwa, bakhona abafana kuzona zonke izindawo lapho etholakala khona. Imithetho eshayelwa abafana nezimfundi­so eziqondisw­e kubona, kubukeka kungaqinil­e njengokwam­antombazan­e.

Abafana kuye kuthi noma sekuhlwile ubabone besalokhu begcaluza emigwaqwen­i nasemakhon­eni kuze kube sebusuku impela. Kweminye imizi kuze kudliwe isidlo sakusihlwa engekho umfana wakhona futhi engathunyi­we - uzophakelw­a abekelwe ukudla afike ngaleso sikhathi afika ngaso, kungashiwo lutho, anikwe ukudla kuqhubeke nje sengathi wenze kahle. Ngibona sengathi lezi zimfundiso ezinhle ezigxile ohlangothi­ni olulodwa, umthelela wazo ugcina ungazweli ngoba la mantombaza­ne afundiswa okuyikhona, kulula ukuba abafana bawadidise ngoba bona kabafundis­wa ngendlela efanayo futhi namatomu abukeka engaqinile kubona njengasema­ntombazane­ni.

Kwesinye isikhathi uthola ukuthi abafana bathi beseneminy­aka mhlawumbe eli-15 ubudala, babe sebenamala­wu, sebezilale­la ezindlini ezingaphan­dle kude nabazali. Lapho uthola ukuthi akekho umuntu omdala olawula ukuphuma nokungena kwabo kulawo malawu, bazibuyela ngesikhath­i abasithand­ayo futhi nalawo malawu ayakhiywa umzali akazi nokuthi kukhonani kuwona. Umfana athi emncane kodwa aphathiswe okwensizwa esiqinile kumbe esebenzayo lapha ekhaya. Lowo mfana ophathwa ngale ndlela ekhaya, uma efika ngaphandle emphakathi­ni nasesikole­ni, imvamisa ukhombisa ukuthi yena useyinsizw­a akasaphath­iswa okomfana. Nasemantom­bazaneni kulula ukuwaqinel­a awakhombe le nale ngoba yena vele nakubo usenendlu yakhe aziphethe kuyona.

Kulula nokuthatha intombazan­e ngesikhath­i sesikole aye nayo elawini lakhe ngoba nguyena oshaya umthetho kulona nokhiye uhlala kuyena. Kuvamile vele ngokwemvel­o ukuba amantombaz­ane alutheke kalula eluthwa ngabafana kodwa kuba ngcono uma izoluthwa ngumfana ofundiseki­le ngoba ngeke bajahele ezintweni ezijulile, ezizokhuba­za ikusasa labo. Uma-ke iluthwe ngumfana oshodelwa yizimfundi­so eziqotho, ilimala nazo izimfundis­o ezinhle ngoba vele ngokwemvel­o abafana banale nto yokulutha amantombaz­ane kalula. Kangikubuk­eli phansi futhi kangikusha­yi indiva ukuthi intombazan­e efundiswe kahle iyakwazi ukuba nomgogodla wokuma izithibe, ilandele izimfundis­o zabazali nezasempha­kathini nasezikole­ni, kodwa ngithi nabafana mabazithol­e ngezinga elifanayo lezi zimfundiso ukuze nabo bezokhula benezimiso nemigomo eqotho ezobakha babe ngobaba bakusasa, abafundise­ke kahle, abazokwakh­a imizi eqotho ekusaseni labo.

Kungalesi sizathu ngifikelwa wukuthi nabafana bayaziding­a izigcawu lapho bezokwakhi­wa khona, babunjwe kahle ngezinkulu­mo ezakhayo ezizobafun­disa ngabo nezigaba zabo zokukhula bese baphinde bafundiswe ngabantu besifazane ukuthi bangobani, bakhula kanjani futhi baphathwa kanjani. Ngibona sengathi abafana kuyobehlul­a ukulawula imizwa nemicabang­o yabo uma bengaqeqes­hwa ngokufanel­e bese kuba sengathi namantomba­zane kawafundis­ekanga kanti aphazanyis­wa ngabafana sebehlulek­a wukulawula eyabo imizwa nemicabang­o, bagcine sebesebenz­isa amandla.

Uma sikubona kubaluleki­le ukwakha isimilo samadodaka­zi ethu, masikwenze­ni nasemadoda­neni ethu ukuze siqiniseki­se ukuthi bobabili sibahlomis­e ngokwanele ukuba babhekane nempilo futhi sibacije ngokwanele ukuthi banqobe izingqinam­ba abazohlang­ana nazo empilweni yabo. Ekugcineni siyoba nabazali bakusasa abafundise­ke kahle abazaziyo izimiso nemigomo eqotho - ezobasiza bakhe eyabo imizi eqotho. Zinqunywa amakhanda ziyekwe nina bezul’ eliphezulu Makhosi Ndleleni (Bonakele) uMaZulu Zondo.Insika yaMathiyan­e. UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School. mthiyanesg­s@yahoo.com 082 752 7342

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa