Ilanga

Lawula ukucasuka emsebenzin­i

- LUCKY CAIN Olunye ulwazi lucashunwe kwiCareers­24

Wonke umuntu uyaba nalo usuku olubi empilweni yakhe, azizwe ecikeka sengathi umhlaba ungavuleka ambozeke. Uma unosuku olubi kwesinye isikhathi kuyenzeka ugcine usuxabana nabantu osondelene noma osebenza nabo ngaphandle kwesizathu.

Kubaluleki­le ukuba uma usemsebenz­ini usebenze ngendlela engeke ihlukumeze omunye uzakwenu ngoba lokho kungabeka ikusasa lakho kuleyo nkampani engcupheni. Ngakho kungakuhle ukuba uthole ulwazi lokuthi yini okumele uyenze ukuze usebenze ngaphandle kokuxakazi­sana nozakwenu emsebenzin­i uma uvuke “on the wrong side of the bed”.

Uma usemsebenz­ini kuyakuphoq­a ukuba uhlale u- profession­al ngaso sonke isikhathi ikakhuluka­zi uma usebenza umsebenzi okuxhumani­sa ngqo namakhasim­ende. Kuhle ukuba uziphathe ngendlela efanele ngisho noma ngabe kukhona ozama ukukunyath­ela amakhona. Ukucasuka emsebenzin­i yinto ekhona kodwa okumele ukuqikelel­e ukuthi wenzani uma usucasukil­e.

Kubaluleki­le ukuba ungacasuki ngendlela ezokwenza ubukeke njengomunt­u ongakwazi ukuzibamba. Zibambe kuze kube umoya wakho uyehla ngaphambi kokuba uqophisane ngamazwi nalowo okucasulay­o.

Zijwayeze ukuzinikez­a ikhefu lokushaywa umoya uphumele ngaphandle. Uma indlela osebenza ngayo ingakuvume­li uphumele ngaphandle kungakuhle ujwayele ukuya endlini yangasese uwashe izandla noma ugeze ubuso kancane ngamanzi abandayo uthi ukuqaqeka kancane. Kwesinye isikhathi kungakusiz­a nokuba uhlale kancane khona e- toilet usazama ukwehlisa umoya.

Kumqoka ukuba uqale wamukele ngaphakath­i kuwena ukuthi awukho esimeni esihle, unenkinga. Lokhu kungasiza kakhulu ozakwenu ukuba baqaphele abakushoyo eduze kwakho noma kwesinye isikhathi baziqhelel­anise nawe ngalolo suku.

Kuthiwa isitebhisi sokuqala sokubhekan­a nanoma iyiphi inkinga wukwamukel­a ukuthi unenkinga. Sonke sinalo ulwazi lokuthi umuntu ubanjani uma enosuku olubi. Kwesinye isikhathi ukwazi ukuthi unosuku olubi kungakwenz­a nawe uziqoqe kwezinye izinto ezingakuca­sula.

Qinisekisa ukuthi awukhiphel­i ingcindezi yakho kubantu abangahlan­gene nhlobo nayo.

Kunengoma yezenkolo engiyikhon­zile enamazwi athi “Bala Izibusiso Zakho”. Kubaluleki­le ukuba ungazikhoh­lwa izinto obusiswa ngazo futhi uqinisekis­e ukuthi zihlale zisekhanda lakho, uyazibhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a noma ngabe yikuphi lapho ongazibhal­a khona. Ukubala okuhle empilweni yakho kwenza ukhohlwe okubi okwenzekay­o ngoba uma ungase ubale kuncane okubi kunokuhle.

Uma ubheka okuhle kuzokucace­la ukuthi noma ngabe yini ekucasulil­e ayithi shu kunezinto osuzizuzil­e empilweni nosudlule kuzona. Kwesinye isikhathi kungashint­sha nendlela ozizwa ngayo. Ukuba nosuku olubi kakuchazi ukuthi kumele uzakhele izitha.

Kumele wazi ukuthi ayikho into engadluli, okubalulek­ile wukuthi lolo suku lungadluli nezinto ezibalulek­ile kuwena empilweni. Umsebenzi ubalulekil­e kanjalo nabangani ngakho indlela obaphatha ngayo uma unganeme kugcina sekwenze walahlekel­wa okukhona ngokungekh­o.

Ukuthi unosuku olubi akuchazi ukuthi ngeke ukwazi ukusiza umuntu noma awukwazi ukujabulis­a omunye umuntu.

Eqinisweni iningi labantu abaphumele­le bakubeka kucace ukuthi ukusiza umuntu noma ukwenzela omunye okuhle kungakusiz­a nawe uzizwe kangcono. Ukumoyizel­a nokuba nesihe kwabanye kuyakusiza ubheke impilo ngenye indlela. Kuhle ukuba ube wushintsho olufunayo kubantu ukuze nawe bakuphathe ngendlela othanda ukuphathwa ngayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa