I-NUZ QUEEN IZIMISELE NGOKUPHUMELELA
UKUSHONA kukadadewabo kumphoqile ukuba angene emculweni ukuze ezothola okuya ngasethunjini umculi osemncane waseMlazi.
UBianca Mbatha, odume ngoNUZ Queen, uthi ukushiywa ngabazali esemncane kwamenza wabeka lonke ithemba lakhe kusisi wakhe, uBelinda.
Le ntokazi, esencane kodwa efike kwezwakala kwezomculo, ithi ukudlula emhlabeni kukasisi wayo kube nzima kakhulu kunokwabazali yingakho nje ivele yakhetha ukungena emculweni ukuze izokwazi ukuziphilisa.
“Ngangizitshela ukuthi uBelinda nguyena esesizofa sivuka naye kodwa uthe uma eshona ngabona umhlaba ungiphelela ngangazi ukuthi kumele ngiye kuphi,” kuchaza uNUZ Queen.
Uthi unethemba lokuthi umculo yiwona ozovusa umuzi wakubo njengoba engasenamuntu nje omnakile.
Ingoma yeNUZ Queen ethandwa kakhulu ezindaweni zokujabula nasemisakazweni yilena esihloko sithi “Fak’imali”.
Uthi inselelo abhekene nayo wukuthi uyazihlanganisela, akekho umuntu onegama omsizayo kodwa unethemba lokuthi kuzokwenzeka eyedwa.
“Uma ubheka abaculi abaningi baphakanyiswa ngabanye kodwa mina akekho ongisizayo ngaphandle kwenkampani engingaphansi kwayo,” kusho yena.
Le ntokazi ithi iyazibhalela iphinde izishayele izinsimbi kwezinye izingoma. Okwamanje ithi ayikathandi ukuveza ukuthi ukhona yini noma akekho umuntu ehlekisana naye.
Ithi inhloso yayo enkulu wukushada nabalandeli nomculo wayo.
Uthi ukwazi zonke izilimi ezikhulunywa eNingizimu Afrika ucabanga ukuthi kuzomsiza kakhulu ekubeni umculo wakhe usabalele kulo lonke leli.
Akanaso isifiso sokuyocula phesheya kwezilwandle kodwa uthanda ukusabalala e-Afrika.
Usayine ngaphansi kwenkampani, iNatal Events, ezinze eThekwini.