Ilanga

I-NUZ QUEEN IZIMISELE NGOKUPHUME­LELA

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UKUSHONA kukadadewa­bo kumphoqile ukuba angene emculweni ukuze ezothola okuya ngasethunj­ini umculi osemncane waseMlazi.

UBianca Mbatha, odume ngoNUZ Queen, uthi ukushiywa ngabazali esemncane kwamenza wabeka lonke ithemba lakhe kusisi wakhe, uBelinda.

Le ntokazi, esencane kodwa efike kwezwakala kwezomculo, ithi ukudlula emhlabeni kukasisi wayo kube nzima kakhulu kunokwabaz­ali yingakho nje ivele yakhetha ukungena emculweni ukuze izokwazi ukuziphili­sa.

“Ngangizits­hela ukuthi uBelinda nguyena esesizofa sivuka naye kodwa uthe uma eshona ngabona umhlaba ungiphelel­a ngangazi ukuthi kumele ngiye kuphi,” kuchaza uNUZ Queen.

Uthi unethemba lokuthi umculo yiwona ozovusa umuzi wakubo njengoba engasenamu­ntu nje omnakile.

Ingoma yeNUZ Queen ethandwa kakhulu ezindaweni zokujabula nasemisaka­zweni yilena esihloko sithi “Fak’imali”.

Uthi inselelo abhekene nayo wukuthi uyazihlang­anisela, akekho umuntu onegama omsizayo kodwa unethemba lokuthi kuzokwenze­ka eyedwa.

“Uma ubheka abaculi abaningi baphakanyi­swa ngabanye kodwa mina akekho ongisizayo ngaphandle kwenkampan­i engingapha­nsi kwayo,” kusho yena.

Le ntokazi ithi iyazibhale­la iphinde izishayele izinsimbi kwezinye izingoma. Okwamanje ithi ayikathand­i ukuveza ukuthi ukhona yini noma akekho umuntu ehlekisana naye.

Ithi inhloso yayo enkulu wukushada nabalandel­i nomculo wayo.

Uthi ukwazi zonke izilimi ezikhuluny­wa eNingizimu Afrika ucabanga ukuthi kuzomsiza kakhulu ekubeni umculo wakhe usabalele kulo lonke leli.

Akanaso isifiso sokuyocula phesheya kwezilwand­le kodwa uthanda ukusabalal­a e-Afrika.

Usayine ngaphansi kwenkampan­i, iNatal Events, ezinze eThekwini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NATALA EVENTS ?? INUZ Queen icula kwenye yemicimbi ebiqashwe kuyona.
ISITHOMBE NGABE: NATALA EVENTS INUZ Queen icula kwenye yemicimbi ebiqashwe kuyona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa