UMBIKO KA MEYA WASENQUTHU WEZINSUKU EZIYIKHULU ENGENILE E HHOVISI
Angithokoze ngibingelele Amakhosi onke aseNdlunkulu akhele uMkhandlu wase Nquthu, ngibingelele kuZakhamizi zase Nquthu, ngibingelele eMakhansela kanye naba Sebenzi boMkhandlu wase Nquthu. njengoba nazike nonke ukuthi I Nquthu ikeyaba ngundaba mlonyeni ngenxa yezinkinga emva kokhetho lohulumeni basekhaya lomhlaka 03 August 2016. Sibe sesibuyela ke okhethweni lokuchibiyela mhlaka 24 May 2017. lapho sibesesidla khona umhlanganiso siyiqembu lenkatha. Okokuqala nje angidlulise okukhulu ukubonga kuzaKhamuzi zase Nquthu ngokuziphatha kahle ngisho sekunezinkinga kwaze kwafika la.
Sithe singena nje e hhovisi asabesisapholisa maseko sibe sesihlala phezu kwemisebenzi yomphakathi. Kuthe ngawo u June nje singenile samukela usomqulu weNtuthuko edidiyelwe (IDP) Kanye no hlahlozimali (Budget) emvakwa lokho sibe sesikhetha amakomidi ezigceme (Ward Committees) kusukela ngomhla ka 17 July 2017 saqeda mhla ka 29 August 2017, saphinde futhi sawaqeqesha mhla ka 01 September. Kuthe mhla ka 03-04 August ngokubambisana namakhansela, menenja womkhandlu, abaqondisi Kanye namakhosi asendlunkulu ahlala emkhandlwini sabamba umhlangano wamaqhinga lapho besibhekisisa izindlela namaqhinga angasheshisa ukuletha izidingo emphakathini, nokuxazulula izinqinamba ezibhekene noMaspala.
Umangingathi nje nqampu nqampu ngeminye yemisebenzi yomphakathi esiyenzile kulezizinsuku eziyi khulu (100) singenile ehhovisi, sisungule izithangami ezahlukahlukene emkhandlwini. isithangami ngasinye sinama lunga angu 17 amele wonke amawadi ase Nquthu: isithangami sosomabhizimisi abancane, esetsha, esamadoda, esabakhubazekile, esabantu abadala, esabesifazane, esabantu abaphila negciwane Kanye nesamaciko nama siko . Kuzolezizithangami sibe sesikhetha izigungu eziphezulu. kumanje sisemalungiselelweni okubaqeqesha ngokwemisebenzi yabo. sizophinde futhi sihlangane nabo sesizoxoxa ngezinqinamba namaqhinga sindawonye.
Sibe sesiqhubeka nemisebenzi yokuhambisa intuthuko emphakathini lapho sibe sesivula ama Hholo ayisithupha (6) Ntanyandlovu - R1.9 M, Gubazi – R2 130 709, Mahlungulu – R 2 049 458, Machitshane – R 2 589 064, Thelezini R 2 769 385, Lineha R 2.5 M Halls onke lamahholo athatha abantu abangu 400. Kanye nemigwaqo eyisithupha (6)okuyi Nondweni ongu 4.54 km odle u R 4.6 M ,Magogo ongu 2km odle u R 3.8 M, Savuye ongu 3km odle R 5.4 M, Langakazi ongu 2.5 km odle R 4.9 M , Mashanganeni ongu 2.7 km odle R 3.7 M Kanye no Manzekhofi ongu 5.5km odle R 4.5 M. Umasihamba kulezizindawo sihambisa intuthuko sisuke singahambi ngezandla nje sisuke siphathele abantu bakithi ama Food Parcel ukuthi balale bedlile. kuyoyo yonke lemicimbi besisuke siphathele imindeni engamashumi amabili okokuxosha ikati eziko.
Kungekudala nje sizobe sesiphinda sesikhipha eminye imisebenzi yentuthuko eya emphakathini. Lapho esesizobe sesiyohlaba khona isoyi bese kuphinde kusuke lokho.
Ngenxa yokubona ukugcola nemigodi emigwaqeni yasedolobheni lakithi ngibe sengibamba umhlangano nomphathi womkhandlu Kanye no Mqondisi. Njengoba ngikhuluma nawe nje imigodi ebihlasele idolobha lakithi isivalekile.
Ngibe sengihlangana nomphathi womkhandlu saxoxa ngokuthi kuvalwe zonke izikhala zemisebenzi ezikhona, futhi engigqugquzela ukuba iningi lalezozikhala zivalwe ngabantu abasha base Nquthu. Ngokwenzenjalo sizama ukuvula amathuba emisebenzi, phela thina siyabazi ubunzima obubhekene nabantu abasha abangasebenzi, kanye nokuhlupheka kwabantu base Nquthu. yingakho sivule amathuba emisebenzi angaphezu kwama shumi amane (41), kunge kudala nje msakazi labobantu bazobe sebe kwazi ukuxosha ikati eziko.
Njengoba singumasipala wasemakhaya, umnotho wethu ugxile kakhulu kwezolimo. Ingakho sibeke imali engaphezu kuka R2M ukulekelela ukwakhiwa (ukubiya) kwezinkambi zemfuyo namasimu.
Njengoba idolobha lethu nje lakhelene namakhaya kunezinkomo nezimbuzi (imfuyo) esihluphayo oyithola yehla yenyuka edolobheni ngakhoke yikho sazesaqoka ukwakha isikidi okuyimanje siqalile ukusebenza kusukela mhlaka 01 August. Siqoqa yonke imfuyo etholakala edolobheni siyoyivalela eskidi. Inkomo ngayinye ilanga ngu R60-00 bese kuthi imbuzi nezimvu ilanga R20-00. Sisebenzisana no (SAPS) laba abasebenza ngokutshotshwa kwemfuyo.
Uma sekuphele izinsuku ezingamashumi amathathu (30) ingalandiwe sizofuna incwadi enkantolo esinika igunya lokuthi siyidayise. Inhloso yalesikidi ukusindisa izimpilo zabantu emgwaqeni yasedolobheni ngoba ziningi izingozi ezibangwa imfuyo emigwaqeni yasedolobheni.
Maduze nje sizovula I driving licence testing ground, okwamanje sisalinde ochwepheshe abasuka ku National ukuthi bezosihlolela yona ukuthi iyahambisana yini nomthetho wezokuthutha (Transport Act). Abantu bakithi ngeke besahlupheka ngokumosha izimali begibela beyothatha amalayisensi kude. Kodwa okwamanje siyabhalisa ama learners, sivuselele ama licences okushayela Kanye nama PDP.
Indawo yakithi eNquthu iyathanda ukuba isisulu sokudlalela izulu siwumkhandlu sibe sesi thenga siphinde sifaka izikhonkwane ezingu 244 emawadini , kusuka kuward 01 kuya ku 17, sisasalelwe u ward 14 nawo esizomufaka kungekudala nje. ngalokhu sizama ukuvikela umphakathi wakithi ngoba phela thina singumasipala waseNquthu sihlale njalo sibeke umphakathi wakithi phambili kuzozonke izinto esizenzayo.
Kunemindeni esale dengwane ngenxa yemililo. Leyomizi siyihambisele izingubo zokulala, izimpotshi, kanye nokudla.
Sengiphetha nje kusukela mhla zingama 24–29 September besivakashelwe ithimbalase Bornem (Belgium) esinobudlelwane nabo namanye ama project esibala kuwo i Library Development, Youth Development, Buyback Centre, Sheep and Wool Project (eyokukhiqizwa kwezimvu zoboya neze nyama) Kanye namanye. bebezobona ukuthi lama project abawaxhasile ahamba kanjani. Babe sebewavakashela. Baphinde bavakashela u Durban Solid Waste kanye nama buy back centres amabili asethekwini ukuthi bayobona ukuthi asebenza kanjani. Kube sekuba nomcimbi wokuvula iBuy Back Centre ngezi 28 September obuhambisana nokuhlanzwa kwedolobha Kanye nokutshalwa kwezihlahla. Siyabonga